Dlulela kokuphakathi

Bangaki OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke?

Bangaki OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke?

2023 Umbiko Wonyaka a WeNkonzo Ka-2015

Inani loFakazi BakaJehova emhlabeni wonke

8 816 562

Amabandla

118 177

Amazwe oFakazi BakaJehova abashumayela kuwo

239

Nisithola kanjani isibalo samalungu enu?

 Esibabala njengoFakazi BakaJehova yilabo kuphela abashumayela izindaba zoMbuso kaNkulunkulu zinyanga zonke. (Mathewu 24:14) Lokhu kuhlanganisa labo ababhapathizwe njengoFakazi kanye nalabo abangakabhapathizwa, kodwa abakufanelekayo ukwenza umsebenzi wokushumayela.

Ingabe umuntu kumelwe anikele ngemali ukuze abe ilungu lenu?

 Cha. Iminikelo ayihlobene nokubalwa komuntu njengoFakazi noma ukuthi unesabelo noma amalungelo athile enhlanganweni yethu. (IzEnzo 8:18-20) Eqinisweni, iminikelo eminingi yenziwa ngasese. UFakazi ngamunye unikela ngesikhathi, amandla nangezinto zakhe emsebenzini wethu womhlaba wonke kuye ngokwesifiso nezimo zakhe.​—2 Korinte 9:7.

Nazi kanjani ukuthi bangaki abafakaza njalo?

 Nyanga zonke, oFakazi bayawubika umsebenzi wabo wokushumayela emabandleni abakuwo. Lo mbiko wenziwa ngokuzithandela.

 Imibiko yebandla iyahlanganiswa bese ingqikithi ithunyelwa ehhovisi legatsha lendawo. Igatsha libe selithumela ingqikithi yezwe ngalinye noma yendawo endlunkulu yomhlaba wonke.

 Ekupheleni konyaka wenkonzo ngamunye, b kubalwa inani loFakazi eliphakeme lendawo ngayinye kulowo nyaka. La manani ayahlanganiswa ukuze kutholakale inani loFakazi emhlabeni wonke. Imibiko eningiliziwe yezwe ngalinye, kuhlanganise nokufeziwe emsebenzi wokushumayela, ibe isinyatheliswa kuyi-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova. Le mibiko iyasikhuthaza, njengoba nje imibiko efanayo yakhuthaza amaKristu angekhulu lokuqala.​—IzEnzo 2:41; 4:4; 15:3.

Ingabe niyababala labo abahlanganiswa nenhlangano yenu kodwa abangashumayeli?

 Nakuba singababali labo njengoFakazi, siyabamukela emabandleni ethu. Iningi labo liba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, ngakho inani labo lingatholakala kalula ngokuthola umehluko phakathi kwabakhona kulo mbuthano nenani loFakazi. 2023, inani lababekhona eSikhumbuzweni laba 20 461 767.

 Iningi lalabo abangayi emihlanganweni yethu liyazuza ohlelweni lwethu lwamahhala lwesifundo seBhayibheli sasekhaya. Phakathi 2023, isilinganiso sezifundo zeBhayibheli ezaqhutshwa inyanga ngayinye saba 7 281 212, ezinye zazo ezaziqhutshwa nabantu abaningana kanyekanye.

Kungani inani lezibalo zikahulumeni loFakazi liphezulu kunelenu?

 Izinhlangano zikahulumeni ezibala abantu zivame ukuthola amanani azo ngokubuza abantu ukuthi iliphi iqembu lenkolo abazihlanganisa nalo. Ngokwesibonelo, i-U.S. Census Bureau ithi izinhlolovo zabo “zazihloselwe ukuthola ukuthi labo abaphendula kule nhlolovo babezibheka njengabalandeli beqembu lenkolo ethile yini,” yenezela ngokuthi imiphumela eyatholwa “yayingasekelwe emaqinisweni kodwa emibonweni yabantu.” Ngokuphambene, thina sibala kuphela labo abashumayeza abanye futhi bawubike umsebenzi wabo njengoFakazi BakaJehova, hhayi labo abevele bathi bangoFakazi nje.

a Unyaka wenkonzo uqala ngo-September 1 kuya ku-August 31 wonyaka olandelayo. Ngokwesibonelo, unyaka wenkonzo ka-2015 waqala ngo-September 1, 2014 kwaze kwaba ngu-August 31, 2015.

b Unyaka wenkonzo uqala ngo-September 1 kuya ku-August 31 wonyaka olandelayo. Ngokwesibonelo, unyaka wenkonzo ka-2015 waqala ngo-September 1, 2014 kwaze kwaba ngu-August 31, 2015.