Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Indlela Yokuba Ubaba Oqotho

Indlela Yokuba Ubaba Oqotho

 Ubaba udlala yiphi indima?

  •   Ngaphambi kokuba ingane izalwe. Uhlobo lomyeni oyilo manje luveza ukuthi uyoba ubaba onjani uma usunengane. Incwadi ethi Do Fathers Matter? isho lokhu:

     “Ubaba othengela umkakhe okhulelwe izinto azidingayo, amhambise kwadokotela, abuke ingane emshinini inyakaza esiswini sikanina, alalele nokushaya kwenhliziyo yayo, maningi amathuba okuba angamlahli umama wengane ngemva kokuzalwa komntwana.”

     “Ngangingafuni umkami acabange ukuthi ushiywe dengwane ngesikhathi ekhulelwe, ngakho ngenza okusemandleni ukuze ngimsize. Saze salungisa ikamelo lengane ndawonye. Kwakuyisikhathi esimnandi kithi sobabili njengoba sasilungiselela ukuzalwa kwengane.”—UJames.

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa nikhathalele nabanye.’—Filipi 2:4.

  •   Ngemva kokuzalwa kwengane. Ungakha ubudlelwane obuqinile nengane ngokudlala nayo nangokuyiphatha. Siza nasekunakekeleni ingane. Ukwenza kwakho lokho njengobaba kuzoba nomthelela omkhulu lapho ingane ikhula. Ubudlelwane obakhayo buveza ukuthi ingane yakho iyigugu kuwe.

     “Zehlise ufike ezingeni lengane. Dlala. Wenze izinto ezihlekisayo. Dedela igazi. Ungakhohlwa ukuthi ingane iqala ukulubona kuwe mzali uthando ukuthi luyinto enjani.”—URichard.

     Okushiwo iBhayibheli: “Abantwana bayifa elivela kuJehova; isithelo sesisu singumvuzo.”—IHubo 127:3.

  •   Njengoba ingane yakho ikhula. Ucwaningo luveza ukuthi izingane ezisondelene noyise zenza kangcono esikoleni, azibi nezinkinga eziningi ngokomzwelo, futhi mancane amathuba okuba zisebenzise kabi izidakamizwa noma zenze ubugebengu. Chitha isikhathi nengane yakho ukuze wakhe ubungani obuhle nayo.

     “Ngesikhathi ehamba, umfana wami wangitshela ukuthi into azoyikhumbula kakhulu izingxoxo esasiba nazo lapho sihamba ibanga elide emgwaqweni noma lapho sidla kusihlwa. Ezinye izinto ezibalulekile esasizixoxa zazivela ngingazilindele. Zazivela ngenxa yokuthi sasichitha isikhathi esiningi ndawonye.”—UDennis.

     Okushiwo iBhayibheli: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphile, nisisebenzise kahle isikhathi senu.”—Efesu 5:15, 16.

 Ihluke ngani indima kababa?

 Kusukela kudala, kwaziwa ukuthi obaba yibo ababeka isinkwa etafuleni, yibo futhi abavikela umndeni; omama bona baziwa njengabantu abazikhathalela kakhulu izidingo ezingokomzwelo emndenini. (Duteronomi 1:31; Isaya 49:15) Kweminye imizi mhlawumbe leyo ndima yobaba idlalwa omama, neyomama kungenzeka idlalwa obaba. Noma kunjalo, abacwaningi bathi ubaba unendima yakhe ehlukile emndenini, nomama naye uneyakhe ehlukile. a

 UJudith Wallerstein oyisazi sezemindeni usitshela ngokwenzeka kuye okusisizayo siqonde lokho. Uthi: “Lapho indodakazi yami ena-12 ishayiswa imoto, yayifuna ukuhamba nobaba wayo nge-ambulensi ngoba uyena emethemba kakhulu iyazi ukuthi uzoyivikela. Kamuva esibhedlela, yayifuna mina ngihlale eduze kwayo usuku lonke ukuze ngiyiduduze.” b

 “Ngokwezinga elithile, ubaba wenza izinto zihambe kahle emndenini futhi awuvikele, okuyizinto umama angase angakwazi ukuzenza eyedwa. Kanti umama wenza ikhaya libe elifudumele futhi alalele ngozwela. Bobabili bayabambisana.”—UDaniel.

 Okushiwo iBhayibheli: “Ndodana yami, lalela isiyalo sikayihlo, ungayishiyi imfundiso kanyoko.”—IzAga 1:8.

 Obaba namadodakazi

 Njengoba ungubaba, ufundisa indodakazi yakho ukuthi abantu besilisa kufanele bayiphathe kanjani. Lokhu ikufunda ngalezi zindlela ezimbili ezilandelayo:

  •   Ngokubuka indlela ophatha ngayo umama wayo. Lapho umthanda futhi umhlonipha umkakho, indodakazi yakho ibona izimfanelo ezibalulekile okufanele izibheke kumngani womshado lapho isikhulile.—1 Petru 3:7.

  •   Ngokuqaphela indlela oyiphatha ngayo. Ngokuhlonipha indodakazi yakho, uyifundisa ukuba izihloniphe nayo. Iyakwazi nokubona indlela abanye abantu besilisa okufanele bayiphathe ngayo.

     Ngokuphambene nalokho, ukuhlale uyigxeka indodakazi yakho kuyenza ingazethembi bese ifuna ukwamukelwa abanye besilisa abangenazo izinhloso ezinhle.

     “Indodakazi enobaba oyithandayo noyisekelayo ngeke ikhangwe indoda engenazo izimfanelo ezibonisa ukuthi izoba umyeni omuhle.”—UWayne.

a Omama abaningi bakwazile ukuzikhulisa kahle izingane zabo ngaphandle kosizo lomyeni.

b Kuvela encwadini ethi The Unexpected Legacy of Divorce.