Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokuqedela Umuntu Noma Isilwane Esigulela Ukufa?

Lithini IBhayibheli Ngokuqedela Umuntu Noma Isilwane Esigulela Ukufa?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngokubulala umuntu osegulela ukufa. a Kodwa lokho elikushoyo ngokufa nokuphila kuyasisiza sibe nombono ofanele ngale ndaba. IBhayibheli liyakwenqabela ukubulala. Kodwa alisho ukuthi lapho umuntu eseqalile ukufa kufanele sinwetshwe isikhathi sokufa kwakhe.

IBhayibheli lithi uNkulunkulu unguMdali wethu, “umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9; IzEnzo 17:28) Ukuphila kubaluleke kakhulu kuNkulunkulu. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu uyakwenqabela ukuzibulala nokubulala omunye umuntu. (Eksodusi 20:13; 1 Johane 3:15) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi kufanele senze konke okusemandleni ethu ukuze sivikele ukuphila kwethu nokwabanye. (Duteronomi 22:8) Kuyacaca ukuthi uNkulunkulu ufuna sibheke ukuphila njengokuyigugu.

Kuthiwani uma umuntu egulela ukufa?

IBhayibheli alikuvumeli ukubulawa komuntu, ngisho noma egulela ukufa futhi engeke esasinda. Lokhu kufakazelwa yilokho okwenzeka kuSawule, inkosi yakwa-Israyeli. Walimala kabi empini wabe esecela isisebenzi sakhe ukuba simqedele. (1 Samuweli 31:3, 4) Senqaba. Kamuva enye indoda yaqamba amanga yathi ivumile ukuqedela uSawule. Ngenxa yokuthi uDavide wayenombono ofana nokaNkulunkulu ngokuphila, wathi leyo ndoda yayinecala legazi.​—2 Samuweli 1:6-16.

Uma umuntu esefa, ingabe kufanele sinwetshwe isikhathi sokufa kwakhe?

Uma sekusobala ukuthi umuntu useqalile ukufa, iBhayibheli alisho ukuthi kufanele sinwetshwe isikhathi sokufa kwakhe. Kunalokho, lisisiza ukuba sibe nombono ofanele ngokufa. Ukufa kuyisitha sethu esikhulu, esiwumphumela wokuba nesono. (Roma 5:12; 1 Korinte 15:26) Nakuba singakufisi ukufa, akufanele sikwesabe ngoba uNkulunkulu uthembisa ukuthi uzobavusa abantu asebashona. (Johane 6:​39, 40) Umuntu okuhloniphayo ukuphila, uyozama ukuthola izindlela ezingcono zokwelashwa. Nokho, lokho akusho ukuthi uma umuntu eseqalile ukufa kumelwe sizame izindlela ezimane nje zinwebe isikhathi sokufa kwakhe.

Ingabe ukuzibulala kuyisono esingeke sithethelelwe?

Cha, iBhayibheli alisho ukuthi ukuzibulala kuphakathi kwezono ezingeke zithethelelwe. Nakuba ukuzibulala kuyisono esibi, b uNkulunkulu uyazi ukuthi kunezimo ezifana nokuphazamiseka engqondweni, ukucindezeleka okukhulu nofuzo, konke okungenza umuntu afune ukuzibulala. (IHubo 103:13, 14) Usebenzisa iBhayibheli ukuze aduduze abacindezelekile. Lithi “kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Lokhu kubonisa ukuthi abantu abenze amaphutha amakhulu, njengokuzibulala, nabo banalo ithemba lokuvuswa.

a Lesi sihloko sikhuluma ngokubulala noma ukuqedela umuntu osegula kakhulu noma olimele kabi, ukuze angaqhubeki ezwa izinhlungu. Ngezinye izikhathi odokotela bayasisiza isiguli ukuba sife.

b Abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini abazibulala, babengenzi izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu.​—2 Samuweli 17:23; 1 AmaKhosi 16:18; Mathewu 27:3-5.