Dlulela kokuphakathi

Obani Abaya Esihogweni?

Obani Abaya Esihogweni?

Impendulo YeBhayibheli

Isihogo (“iShiyoli” ‘neHayidesi’ ngezilimi okwabhalwa ngazo iBhayibheli) siyithuna, hhayi indawo yokuhlushwa ngomlilo. Obani abaya esihogweni? Kokubili abalungile nabangalungile. (Jobe 14:13; IHubo 9:17) IBhayibheli lithi leli thuna elivamile labantu liyindlu “okuhlangana kuyo wonke umuntu ophilayo.”​—Jobe 30:23.

Ngisho noJesu waya esihogweni lapho efa. Nokho, “akashiywanga eHayidesi” ngenxa yokuthi uNkulunkulu wamvusa.​—IzEnzo 2:31, 32.

Ingabe isihogo siyohlala phakade?

Bonke abangena esihogweni bazophinde baphume, uJesu uzosebenzisa amandla kaNkulunkulu ukubabuyisela ekuphileni. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Uma sikhuluma ngalolo vuko lwesikhathi esizayo, isiprofetho esikusAmbulo 20:13 sithi “ukufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho.” (King James Version) Lapho bonke abantu sebekhishiwe esihogweni, ngeke sisaphinde sibe khona; akekho oyophinde angene kuso ngoba “ukufa ngeke kusaba khona.”​—IsAmbulo 21:3, 4; 20:14.

Nokho, akubona bonke abantu abafayo abaya esihogweni. IBhayibheli libonisa ukuthi abanye abantu baye baba babi kakhulu kangangokuthi akunakwenzeka ukuba baphenduke. (Hebheru 10:26, 27) Lapho abanjalo befa abayi esihogweni, kodwa baya eGehena, efanekisela ukubhujiswa kwaphakade. (Mathewu 5:29, 30) Ngokwesibonelo, uJesu wabonisa ukuthi abanye abaholi benkolo abangabazenzisi bangesikhathi sakhe babeyoya eGehena.​—Mathewu 23:27-33.