Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngezinhlekelele Zemvelo?

Lithini IBhayibheli Ngezinhlekelele Zemvelo?

Impendulo yeBhayibheli

 UNkulunkulu akazibangeli izinhlekelele zemvelo ezenzekayo namuhla, kodwa ukhathazekile ngabantu abathintwa yizo. Izinhlekelele zemvelo zingenye yezimbangela zokuhlupheka kwabantu uMbuso kaNkulunkulu ozoziqeda. Okwamanje, uNkulunkulu ubanika induduzo labo abathintwe yizinhlekelele zemvelo.​—2 Korinte 1:3.

 Kungani singaqiniseka ukuthi izinhlekelele zemvelo azisona isijeziso esivela kuNkulunkulu?

 Izinhlekelele zemvelo zihlukile endleleni uNkulunkulu asebenzisa ngayo amandla emvelo, njengoba kubhalwe eBhayibhelini.

  •   Izinhlekelele zemvelo zibulala futhi zikhubaze abantu ngokungakhethi. Ngokuphambene, izenzo zikaNkulunkulu zokwahlulela njengoba zibhalwe eBhayibhelini zazikhetha. Ngokwesibonelo, lapho uNkulunkulu ebhubhisa amadolobha asendulo iSodoma neGomora, wamsindisa uLoti indoda elungile kanye namadodakazi akhe amabili. (Genesise 19:29, 30) UNkulunkulu wafunda izinhliziyo zabantu abathile ngaleso sikhathi futhi wabhubhisa labo ayebabheka njengabantu ababi.​—Genesise 18:23-32; 1 Samuweli 16:7.

  •   Ngokuvamile izinhlekelele zemvelo zigadla kungalindelekile. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu wayenikeza izixwayiso kubantu ababi ngaphambi kokuba asebenzise amandla emvelo ukulwa nabo. Abantu abalalela izixwayiso baba nethuba lokusinda enhlekeleleni.​—Genesise 7:​1-5; Mathewu 24:38, 39.

  •   Ngokwezinga elithile, abantu babe nomthelela ezinhlekeleleni zemvelo. Kanjani? Ngokucekela phansi imvelo nangokwakha ezindaweni ezivame ukuzamazama komhlaba, izikhukhula, nezinezimo zezulu eziyingozi. (IsAmbulo 11:18) Ngeke simsole uNkulunkulu ngokukhetha kwabantu okunjalo.​—IzAga 19:3.

 Ingabe izinhlekelele zemvelo ziwuphawu lwezikhathi zokugcina?

 Yebo, isiprofetho seBhayibheli sabonisa ukuthi kwakuzoba nezinhlekelele phakathi “nesiphelo sesimiso sezinto,” noma “ezinsukwini zokugcina.” (Mathewu 24:3; 2 Thimothewu 3:1) Ngokwesibonelo, mayelana nesikhathi sethu, uJesu wathi: “Kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” (Mathewu 24:7) Maduze nje, uNkulunkulu uzoqeda emhlabeni zonke izimbangela zobuhlungu nokuhlupheka, kuhlanganise nezinhlekelele zemvelo.​—IsAmbulo 21:3, 4.

 UNkulunkulu uzisiza kanjani izisulu zezinhlekelele zemvelo?

  •   UNkulunkulu ududuza izisulu ngeZwi lakhe, iBhayibheli. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela nokuthi uzwelana nathi lapho sihlupheka. (Isaya 63:9; 1 Petru 5:​6, 7) Lisambulela nesithembiso sakhe sesikhathi lapho zingeke ziphinde zibe khona izinhlekelele zemvelo.​—Bheka “ amavesi eBhayibheli okududuza izisulu zezinhlekelele zemvelo.”

  •   UNkulunkulu uyazisiza izisulu esebenzisa abakhulekeli bakhe. UNkulunkulu usebenzisa abakhulekeli bakhe abasemhlabeni ukuba balingise isibonelo esabekwa uJesu. Kwakuprofethiwe ukuthi uJesu wayezoduduza “abaphukile enhliziyweni” nalabo “abalilayo.” (Isaya 61:1, 2) Izikhonzi zikaNkulunkulu zilwela ukwenza okufanayo.​—Johane 13:15.

     UNkulunkulu uphinde asebenzise labo abamkhonzayo ukuba banikeze usizo olungokoqobo ezisulwini zezinhlekelele zemvelo.​—IzEnzo 11:28-30; Galathiya 6:10.

OFakazi BakaJehova basiza izisulu zesiphepho ePuerto Rico

 Ingabe iBhayibheli lingasisiza silungele inhlekelele yemvelo?

 Yebo. Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yokulungiselela izinhlekelele, liqukethe iziyalezo ezingaba usizo. Ngokwesibonelo:

  •   Yilungiselele kusengaphambili inhlekelele engase yenzeke. IBhayibheli lithi: “Onokuqonda uyayibona ingozi acashe.” (IzAga 22:3) Sihlakaniphile uma sihlelela isimo esiphuthumayo kusenesikhathi. Ukuhlela okunjalo kungahlanganisa ukuqoqa izinto zokuphepha ongase uzidinge uma kwenzeka isimo esiphuthumayo kanye nokulungiselela nomndeni wakho lapho nizohlangana khona uma kugadla inhlekelele.

  •   Bheka ukuphila njengokuyigugu ngaphezu kwezinto. IBhayibheli liyavuma: “Ngoba asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho.” (1 Thimothewu 6:7, 8) Kumelwe sizimisele ukushiya imizi yethu nezinto zethu ukuze sisinde enhlekeleleni. Senza kahle ngokukhumbula ukuthi ukuphila kubaluleke ngaphezu kwezinto ezibonakalayo.​—Mathewu 6:​25.