Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?

Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, lonke iBhayibheli liyavumelana. Nakuba amanye amavesi angase enze sibone sengathi iBhayibheli liyaziphikisa, ngokuvamile singawaqonda ngokunembile ngokusebenzisa isimiso esisodwa noma ezimbili kulezi ezilandelayo:

  1. Hlola umongo wendaba. Noma imuphi umbhali kungabonakala sengathi akubhalayo kuyaziphikisa uma kungavumelani nomongo wendaba.

  2. Hlola umbono wombhali. Ofakazi bokuzibonela bangase bachaze isenzakalo ngokunembile kodwa bengasebenzisi amagama noma imininingwane efanayo.

  3. Cabanga ngamaqiniso angokomlando namasiko.

  4. Bheka umehluko phakathi kwendlela engokomfanekiso nengokoqobo okusetshenziswe ngayo igama.

  5. Phawula ukuthi kungase kuthiwe othile wenze into ethile—nakuba kungeyena ngokuqondile oyenzile. a

  6. Sebenzisa inguqulo yeBhayibheli enembile.

  7. Gwema ukuhlanganisa okushiwo iBhayibheli nemibono kanye nezimfundiso ezingokwenkolo eziyiphutha.

    Izibonelo ezilandelayo zibonisa indlela lezi zimiso ezingacacisa ngayo lokho okubonakala kungavumelani eBhayibhelini.

Isimiso 1: Umongo Wendaba

Uma uNkulunkulu aphumula ngosuku lwesikhombisa, uqhubeke kanjani esebenza? Umongo wendaba ekuGenesise ngendalo ubonisa ukuthi inkulumo ethi “waqala ukuphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe ayewenzile” ibhekisela kuphela emsebenzini wakhe wokudala umhlaba. (Genesise 2:​2-4) UJesu akazange akuphikise lokhu lapho ethi uNkulunkulu “ulokhu esebenza kuze kube manje,” ngoba wayekhuluma ngeminye imisebenzi kaNkulunkulu. (Johane 5:​17) Imisebenzi kaNkulunkulu ihlanganisa ukuphefumulela iBhayibheli, ukuqondisa nokunakekela isintu.​—IHubo 20:6; 105:5; 2 Petru 1:21.

Isimiso 2 no-3: Umbono nomlando

UJesu wayelaphela kuphi indoda eyimpumputhe? Incwadi kaLuka ithi uJesu welapha indoda eyimpumputhe “njengoba esondela eJeriko,” kanti indaba efanayo ekuMathewu ikhuluma ngamadoda amabili ayizimpumputhe futhi ithi leso senzakalo senzeka ngesikhathi uJesu “ephuma eJeriko.” (Luka 18:35-43; Mathewu 20:29-34) Lezi zenzakalo ezimbili, ezibhalwe ngemibono engafani ziyaphelelisana. Ngokuphathelene nenani lamadoda, uMathewu usho ngokucacile ukuthi ayemabili, kuyilapho uLuka yena egxila kweyodwa uJesu akhuluma nayo ngokuqondile. Ngokuphathelene nendawo, abavubukuli bathole ukuthi ngesikhathi sikaJesu iJeriko laliwumuzi okabili, linomuzi omdala wamaJuda oqhele ngekhilomitha nengxenye emzini omusha wamaRoma. Kungenzeka ukuthi uJesu wayephakathi nale mizi emibili lapho enza lesi simangaliso.

Isimiso 4: Amazwi angokomfanekiso nangokoqobo

Ingabe umhlaba uyobhujiswa? KumShumayeli 1:4, iBhayibheli lithi “umhlaba umi kuze kube nini nanini,” okubonakala kwabathile kuphikisana ngandlela thile namazwi athi “izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika.” (2 Petru 3:10) Nokho, eBhayibhelini igama elithi “umhlaba” lisetshenziswa ngokoqobo, lapho libhekisela emhlabeni wethu, nangokomfanekiso lapho libhekisela kubantu abahlala kuwo. (Genesise 1:1; 11:1) Ukubhujiswa ‘komhlaba’ okuchazwe kweyesi-2 Petru 3:10, akubhekiseli ekushisweni kweplanethi yethu, kodwa ‘ekubhujisweni kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’—2 Petru 3:7.

Isimiso 5: Owenze okuthile

Ubani owahambisa isicelo sesikhulu sebutho kuJesu eKapernawume? UMathewu 8:​5, 6 uthi isikhulu sebutho saya sona mathupha kuJesu, kuyilapho uLuka 7:3 ethi isikhulu sebutho sathumela amadoda amadala angamaJuda ukuba amcelele. Lesi senzakalo esibonakala siwukuziphikisa kweBhayibheli singaqondwa ngokuthi isikhulu sebutho senza isicelo, sabe sesithumela amadoda amadala njengabameleli baso.

Isimiso 6: Inguqulo enembile

Ingabe sonke siyona? IBhayibheli lisitshela ukuthi sonke sazuza isono njengefa kumuntu wokuqala u-Adamu. (Roma 5:​12) Kubonakala sengathi ezinye izinguqulo ziyaphikisana nalokhu ngokuthi zithi umuntu olungile “akoni.” (1 Johane 3:6, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Nokho, olimini lokuqala isenzo sesiGreki esisho “isono” esikweyoku-1 Johane 3:6 sisenkathini yamanje, ngokuvamile okubonisa isenzo esiqhubekayo ngalolo limi. Kunomehluko phakathi kwesono esazuzwa njengefa, esingeke sasigwema, naleso esisenza ngamabomu, umkhuba oqhubekayo wokwephula imithetho kaNkulunkulu. Yingakho ezinye izinguqulo zilibeka kahle leli vesi ngokusebenzisa ngokunembile amazwi anjengokuthi “akasenzi isono” noma “akasenzi umkhuba isono.”​—New World Translation; Phillips.

Isimiso 7: IBhayibheli, hhayi imfundiso yenkolo

Ingabe uJesu ulingana noNkulunkulu noma mncane kunoNkulunkulu? UJesu wake wathi: “Mina noBaba simunye,” okubonakala kuphikisana namazwi akhe athi “uBaba mkhulu kunami.” (Johane 10:30; 14:28) Ukuze siwaqonde kahle lawo mavesi, kufanele sihlole ukuthi lithini ngempela iBhayibheli ngoJehova noJesu kunokuzama ukuvumelanisa amavesi nemfundiso kaZiqu-zintathu engasekelwe eBhayibhelini. IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova akayena nje uBaba kaJesu kuphela kodwa futhi unguNkulunkulu wakhe, uJesu uyamkhulekela. (Mathewu 4:10; Marku 15:34; Johane 17:3; 20:17; 2 Korinte 1:3) UJesu akalingani noNkulunkulu.

Umongo wamazwi kaJesu athi “mina noBaba simunye” abonisa ukuthi wayekhuluma ngobunye enjongweni ethile ayenabo noYise, uJehova uNkulunkulu. Kamuva uJesu wathi: “UBaba nami simunye nami ngimunye noBaba.” (Johane 10:38) UJesu waphinde wabuhlanganyela nabalandeli bakhe lobu bunye enjongweni ethile, ngoba wabathandazela kuNkulunkulu: “Ngibanikile inkazimulo onginike yona, ukuze babe munye njengoba nje nathi simunye. Mina ngibe munye nabo, nawe ube munye nami.”​—Johane 17:22, 23.

a Ngokwesibonelo i-Encyclopædia Britannica ithi i-Taj Mahal “yakhiwa umbusi wamaMughal uShah Jahān.” Kodwa akazange ayakhe ngokwakhe, ngoba lesi sihloko sinezele nokuthi “kwaqashwa izisebenzi ezingaphezu kuka-20000” ekwakhiweni kwayo.