Dlulela kokuphakathi

UNkulunkulu Unamagama Amangaki?

UNkulunkulu Unamagama Amangaki?

Impendulo YeBhayibheli

UNkulunkulu unegama elilodwa. NgesiHebheru libhalwa ngokuthi יהוה bese ngesiZulu libhalwe ngokuthi “Jehova.” a Ngomprofethi wakhe, u-Isaya, uNkulunkulu wathi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Leli gama livela izikhathi ezingaba ngu-7000 emibhalweni yesandla yeBhayibheli yasendulo​—okuyizikhathi eziningi ukudlula zonke ezinye izindlela uNkulunkulu abizwa ngazo, ngisho namagama abanye abantu. b

Ingabe uNkulunkulu unawo amanye amagama?

Nakuba iBhayibheli libiza uNkulunkulu ngegama elilodwa kuphela, ziningi iziqu nezincazelo elimbiza ngazo. Uhlu olulandelayo lubonisa indlela ezinye zalezo ziqu nezincazelo eziveza ngayo ingxenye yobuntu bukaJehova.

Isiqu

UmBhalo

Incazelo

Allah

(Awukho)

Ukuthi “Allah”​—okususelwa olimini lwesi-Arabhu—​akulona igama lothile, kunalokho isiqu esisho ukuthi “Nkulunkulu.” Izinguqulo zeBhayibheli zesi-Arabhu nezinye izilimi zisebenzisa igama elithi “Allah” endaweni yelithi “Nkulunkulu.”

Somandla, Mninimandla Onke

Genesise 17:1, IBhayibheli lesiZulu elivamile

Unamandla angenakuvinjwa. Inkulumo yesiHebheru ethi ʼEl Shad·daiʹ, esho ukuthi “Nkulunkulu Mninimandla Onke,” ivela izikhathi ezingu-7 eBhayibhelini.

Alfa No-Omega

IsAmbulo 1:8; 21:6; 22:13

“Owokuqala nowokugcina,” noma “isiqalo nesiphetho,” okusho ukuthi ngaphambi kukaJehova wayengekho uNkulunkulu onguMninimandla Onke futhi akekho oyoba khona ngemva kwakhe. (Isaya 43:10) U-alfa no-omega uhlamvu lokuqala nolokugcina ezinhlamvini zesiGreki.

Mdala Wezinsuku

Daniel 7:​9, 13, 22

Akazange abe nasiqalo; ubelokhu ekhona kusukela phakade ngaphambi kokuba abantu noma izinto zibe khona.​—IHubo 90:2.

Mdali

Isaya 40:28

Wenza ukuba zonke izinto zibe khona.

Yise

Mathewu 6:9

UMniki-kuphila.

Nkulunkulu

Genesise 1:1

Okhonzwayo; Onamandla. Igama lesiHebheru elithi ʼElo·himʹ lisebuningini, okubonisa ubukhosi, isithunzi kanye nobuhle bukaJehova.

Nkulunkulu wonkulunkulu

Duteronomi 10:17

UNkulunkulu ophakeme kunabo bonke, ngokungafani ‘nonkulunkulu abangasizi ngalutho’ abakhonzwa abanye.​—Isaya 2:8.

Mfundisi Omkhulu

Isaya 30:20, 21

Unikeza imfundo nesiqondiso esizuzisayo.​—Isaya 48:17, 18.

Menzi Omkhulu

IHubo 149:2

Wenza ukuba zonke izinto zibe khona.​—IsAmbulo 4: ​11.

Nkulunkulu ojabulayo

1 Thimothewu 1:​11

Onenjabulo.​—IHubo 104:31.

UMuzwi womthandazo

IHubo 65:2

Uwulalela mathupha umthandazo ngamunye owenziwa kuye ngokholo.

Nginguye Enginguye

Eksodusi 3:14, IBhayibheli lesiZulu elivamile

Uba yinoma yini edingekayo ukuze afeze akuhlosile. Le nkulumo ibuye ihunyushwe nangokuthi “Ngiyoba Yinoma Yini Engifuna Ukuba Yiyo” noma “Ngiyoba Yilokho Engikhetha Ukuba Yikho.” (The Emphasised Bible, kaJ. B. Rotherham; New World Translation yesiNgisi ka-2013) Le ncazelo isisiza siqonde igama lakhe, elithi Jehova, elitholakala evesini elilandelayo.​—Eksodusi 3:15.

Mhawu

Eksodusi 34:14, IBhayibheli lesiZulu elivamile

Akakubekezeleli ukubangiswa ekumkhonzeni. La mazwi abuye ahunyushwe nangokuthi “akazibekezeleli izimbangi” nangokuthi “waziwa ngokufuna ukuzinikela kuye kuphela.”​—IBhayibheli i-God’s Word; INguqulo Yezwe Elisha.

Nkosi yaphakade

IsAmbulo 15:3

Ukubusa kwakhe akunasiqalo nasiphetho.

Nkosi

IHubo 135:5

Umnikazi; NgesiHebheru ʼA·dhohnʹ no-ʼAdho·nimʹ.

Nkosi Sebawoti, Jehova Sebawoti

Isaya 1:9, IBhayibheli lesiZulu elivamile; Roma 9:​29, IBhayibheli lesiZulu elivamile

Umphathi wamabutho amakhulu ezingelosi. Isiqu esithi “Jehova Sebawoti” singahunyushwa nangokuthi “Jehova wamabutho” noma “Nkosi yamabutho [asezulwini].”​—Roma 9:​29, INguqulo Yezwe Elisha; NET Bible, umbhalo waphansi.

OPhezukonke

IHubo 47:2

Unesikhundla esiphakeme kunazo zonke.

Ongcwelengcwele

IzAga 9:10

Ungcwele kakhulu (uhlanzekile futhi umsulwa) kunanoma isiphi esinye isidalwa.

Mbumbi

Isaya 64:8

Unegunya phezu kwabantu noma izizwe, njengoba nombumbi enegunya phezu kobumba.​—Roma 9:​20, 21.

Mhlengi

Isaya 41:14

Ubuyisa isintu esonweni nasekufeni ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu.​—Johane 3:​16.

Dwala

IHubo 18:​2, 46

Isiphephelo esilondekile, esithola kuso insindiso.

Msindisi

Isaya 45:21

Usindisa engozini noma ekubhujisweni.

Malusi

IHubo 23:1

Uyabanakekela abamkhonzayo.

Nkosi EnguMbusi

Genesise 15:2

Unegunya elingaphezu kwawo wonke amanye; ngesiHebheru ʼAdho·naiʹ.

OPhakeme Kunabo Bonke

Daniyeli 7:18, 27

Umbusi ophakeme kunabo bonke.

Amagama ezindawo emiBhalweni YesiHebheru

Amanye amagama ezindawo eBhayibhelini anegama likaNkulunkulu, kodwa lawa akuwona amanye amagama kaNkulunkulu.

Igama lendawo

UmBhalo

Incazelo

Jehova-jire

Genesise 22:13, 14

“UJehova Uyolungiselela.”

Jehova-nisi

Eksodusi 17:15

“UJehova UyiNsika Yami Eyisibonakaliso.” (Today’s New International Version) UJehova unguNkulunkulu abantu bakhe abangasondela kuye ukuze bathole isivikelo nosizo.​—Eksodusi 17:13-16.

Jehova Shalomi, Jehova-shalomu

AbaHluleli 6:23, 24

“UJehova UnguKuthula.”

Jehova Shama

Hezekeli 48:35, umbhalo waphansi we-American Standard Version

“UJehova Ulapho.”

Izizathu Zokulazi Nokulisebenzisa Igama LikaNkulunkulu

  • Kumelwe ukuba uNkulunkulu ulibona libalulekile igama lakhe, elithi Jehova, njengoba alifaka izikhathi eziyizinkulungwane eBhayibhelini.​—Malaki 1:​11.

  • INdodana kaNkulunkulu, uJesu, yakugcizelela kaningana ukubaluleka kwegama likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, yathandaza kuJehova yathi: “Malingcweliswe igama lakho.”​—Mathewu 6:9; Johane 17:6.

  • Labo abazi futhi basebenzise igama likaNkulunkulu bathatha izinyathelo zokuqala zokwakha ubuhlobo noJehova. (IHubo 9:10; Malaki 3:16) Lobo buhlobo bubasiza bazuze esithembisweni sikaNkulunkulu esithi: “Ngoba ungithandile, ngizomenzela nendlela yokuphunyuka. Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.”​—IHubo 91:14.

  • IBhayibheli liyavuma: “Kukhona labo ababizwa ngokuthi ‘onkulunkulu,’ kungaba sezulwini noma emhlabeni, njengoba nje kukhona ‘onkulunkulu’ abaningi ‘namakhosi’ amaningi.’” (1 Korinte 8:5, 6) Kodwa uNkulunkulu weqiniso limbiza ngokucacile ngegama lakhe elithi Jehova.​—IHubo 83:18.

a Ezinye izazi zesiHebheru zikhetha ukulihumusha ngokuthi “Yahweh” igama likaNkulunkulu.

b Indlela efushanisiwe yegama laphezulu, ethi “Jah,” ivela izikhathi ezingaba ngu-50 eBhayibhelini, kuhlanganise nalapho isetshenziswa egameni elithi “Haleluya,” okusho ukuthi “Dumisani uJah.”​—IsAmbulo 19:1; IBhayibheli lesiZulu elivamile.