Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Mika 6:8—‘Hamba NoNkulunkulu Wakho Ngokuthobeka’

Mika 6:8—‘Hamba NoNkulunkulu Wakho Ngokuthobeka’

 “Ukutshelile okuhle wena muntu. Yini uJehova ayifuna kuwe? Ufuna kuphela ukuba ubonise ubulungisa, uthande ubuqotho futhi uhambe ngesizotha noNkulunkulu wakho!”—Mika 6:8, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?”—Mika 6:8, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo kaMika 6:8

 Umprofethi uMika uthi akuyona into enzima kakhulu ukuthi abantu bajabulise uJehova a uNkulunkulu. (1 Johane 5:3) Leli vesi likhuluma ngezinto ezintathu uNkulunkulu alindele ukuba sizenze. Okokuqala nokwesibili kumayelana nendlela okufanele sibaphathe ngayo abanye abantu, kanti okwesithathu kuhilela ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu.

 ‘Bonisa ubulungisa.’ UNkulunkulu ufuna abamkhonzayo babonise ubulungisa futhi babe neqiniso. Lokhu kuhilela ukuthi lokho abakucabangayo nabakwenzayo kuvumelane nemithetho kaNkulunkulu yokulungile nokungalungile. (Duteronomi 32:4) Ngokwesibonelo, abantu abaphila ngemithetho kaNkulunkulu benza konke abangakwenza ukuze bathembeke kubo bonke abantu futhi bangabandlululi muntu, kungakhathaliseki ukuthi uvela kusiphi isizinda, izwe, noma ukuthi abanye bambheka kanjani.—Levitikusi 19:15; Isaya 1:17; Hebheru 13:18.

 ‘Thanda ubuqotho.’ Le nkulumo ingabuye ihunyushwe ngokuthi “thanda uthando oluqotho.” (Mika 6:8, umbhalo waphansi) NgesiHebheru sakuqala, igama elihunyushwe ngokuthi “ubuqotho” aligcini nje ngokubhekisela ekutheni uthembeke ebudlelwaneni kodwa libhekisela nasekuboniseni omunye umuntu umusa nesihe, wenze okungaphezu kwalokho okufunwa umthetho. UNkulunkulu ufuna abantu abafisa ukumjabulisa bangagcini nje ngokubonisa umusa nesihe, kodwa ufuna babazise noma babuthande lobu buntu. Lokhu kusho ukuthi abantu abamkhonzayo kufanele kubajabulise ukusiza abanye, ikakhulukazi abaswele. Injabulo isekupheni.—IzEnzo 20:35.

 ‘Hamba ngesizotha noNkulunkulu wakho.’ EBhayibhelini, igama elithi “hamba” lingasho “ukulandela indlela ethile yokwenza.” Umuntu uhamba noNkulunkulu ngokulandela noma ngokuphila ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. UNowa uyisibonelo sethu esihle. “Wahamba noNkulunkulu weqiniso” ngoba wayelungile emehlweni kaNkulunkulu futhi “akabanga naphutha phakathi kwabantu besikhathi sakhe.” (Genesise 6:9) Namuhla, thina ‘sihamba noNkulunkulu’ ngokulandela izimfundiso eziseZwini lakhe iBhayibheli ekuphileni kwethu. Ukuze senze lokho, kudingeka sibe nesizotha, samukele ukuthi kunezinto esingakwazi ukuzenza, sazi nokuthi kuzo zonke izinto sincike kuNkulunkulu.—Johane 17:3; IzEnzo 17:28; IsAmbulo 4:11.

Umongo kaMika 6:8

 UMika kwakuwumprofethi wakwa-Israyeli endulo kusukela ngo-777 kuya ku-717 B.C.E. Ngaleso sikhathi, ezweni kwakudlange ukukhonza izithixo, ukukhwabanisa, nokucindezelwa kwabantu. (Mika 1:7; 3:1-3, 9-11; 6:10-12) Ama-Israyeli amaningi ayeyishaya indiva imithetho kaNkulunkulu, eyayitholakala eMthethweni owanikwa uMose, obizwa ngokuthi uMthetho KaMose. Ngesikhathi esifanayo, abaningi benza iphutha bacabanga ukuthi uNkulunkulu angabemukela ngokumane nje benze amasiko enkolo banikele nemihlatshelo.—IzAga 21:3; Hoseya 6:6; Mika 6:6, 7.

 Ngemva kwamakhulu eminyaka uMika engasekho, uJesu waphinde wagcizelela ukuthi uYise uyajabula ngabantu ababonisa uthando, ubulungisa, nesihe kodwa akajabuli neze ngalaba abamane benze kubonakale sengathi bazinikele kuNkulunkulu. (Mathewu 9:13; 22:37-39; 23:23) Amazwi kaJesu ayasisiza sibone ukuthi yini uNkulunkulu ayilindele kubantu abamkhonzayo namuhla.

 Buka amazwibela encwadi kaMika kule vidiyo emfishane.

a Igama elithi Jehova liyindlela yesiZulu yokuhumusha igama likaNkulunkulu lesiHebheru—izinhlamvu ezine ezithi יהוה (YHWH), ezaziwa ngokuthi iTetragrammaton. Leli gama lihunyushwe ngokuthi “NKOSI” kuleli vesi kuyi-New International Version. Ukuze ufunde kabanzi ngoJehova nangokuthi kungani amanye amaBhayibheli engalisebenzisi lelo gama, bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?