Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

UMarku 11:24—“Konke Enikukhulekelayo Nenikucelayo‚ Kholwani Ukuthi Nikwamukele”

UMarku 11:24—“Konke Enikukhulekelayo Nenikucelayo‚ Kholwani Ukuthi Nikwamukele”

 “Kungakho ngithi kini, zonke izinto enizithandazelayo nenizicelayo, yibani nokholo lokuthi senizamukele, niyozithola.”—Marku 11:24, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo‚ kholwani ukuthi nikwamukele‚ nizakuba nakho.”—Marku 11:24, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo kaMarku 11:24

 Ngala mazwi, uJesu ubonisa abalandeli bakhe indlela okubaluleke ngayo ukuba babe nokholo oluqinile emandleni omthandazo. Ubaqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu akagcini nje ngokulalela imithandazo yabo kodwa futhi uyayiphendula. Umuntu othandaza ngobuqotho, ethandazela into evumelana nentando kaNkulunkulu angaqiniseka ngokuthi akuthandazelayo kuzokwenzeka nakanjani. Kufana nokuthi leyo mithandazo isuke isiphenduliwe kakade.

 UJesu ugcizelela ukubaluleka kokuba nokholo lapho sithandaza. Wathi umuntu othandazayo kufanele “engangabazi enhliziyweni yakhe” kodwa kufanele abe “nokholo lokuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka.” (Marku 11:23) Kungani? Ngoba umuntu ongabazayo “akufanele alindele ukuthi uyothola okuthile kuJehova.” aJakobe 1:5-8.

 Umuntu onokholo uthandaza kaningi. (Luka 11:9, 10; Roma 12:12) Ngokwenza lokho, usuke etshengisa ukuthi ukudinga ngempela lokho akuthandazelayo nokuthi ukholelwa ngempela ekutheni uNkulunkulu angawuphendula umthandazo wakhe. Uyakwamukela nokuthi uNkulunkulu angase aphendule umthandazo wakhe ngendlela yena abengayicabangi nangesikhathi angasilindele.—Efesu 3:20; Hebheru 11:6.

 Noma kunjalo, amazwi kaJesu awasho ukuthi umuntu angathola noma yini ayithandazela kuNkulunkulu. UJesu wayekhuluma nabalandeli bakhe, abantu abanokholo ababenza okusemandleni ukuze bakhonze uJehova ngendlela ayamukelayo. IBhayibheli lithi uJehova ulalela imithandazo evumelana nentando yakhe kuphela. (1 Johane 5:14) Akayilaleli imithandazo yabantu abayishaya indiva ngamabomu imithetho yakhe, neyabantu abangaphenduki abenza izinto ezimbi. (Isaya 1:15; Mika 3:4; Johane 9:31) Ukuze ufunde kabanzi ngemithandazo uNkulunkulu ayilalelayo, buka le vidiyo emfishane.

Umongo kaMarku 11:24

 Ezinsukwini zakhe zokugcina ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wakhuluma nabafundi bakhe ngokubaluleka kokubonisa ukholo oluqinile kuNkulunkulu. Lesi sifundo wasenza sangena sajula ngokwenza umfanekiso. Ngesikhathi eya eJerusalema wabona isihlahla somkhiwane esashesha ukumila amaqabunga. Kodwa leso sihlahla sasingatheli, ngakho uJesu wasiqalekisa. (Marku 11:12-14) Ukubukeka okukhohlisayo kwaleso sihlahla kwakuyifanekisa kahle indlela ama-Israyeli asendulo, ayebonakala ekhonza uNkulunkulu, kodwa empeleni entula ukholo. (Mathewu 21:43) Ngokushesha ngemva kwalokho, isihlahla somkhiwane sabuna, okuyinto eyayibonisa okwakuzokwenzeka maduze kuma-Israyeli antula ukholo.—Marku 11:19-21.

 Ngokungafani nalawo ma-Israyeli, uJesu wayeqiniseka ngokuthi abalandeli bakhe bangaba nokholo oludingekayo ukuze banqobe izinselele futhi benze izinto ezimangalisayo. (Marku 11:22, 23) Iseluleko sikaJesu esimayelana nomthandazo sasifike ngesikhathi kubalandeli bakhe ngoba ukholo lwabo lwase luzovivinywa. Kwakuzodingeka babhekane nokufa kukaJesu kanye nokuphikiswa okukhulu enkonzweni yabo. (Luka 24:17-20; IzEnzo 5:17, 18, 40) Namuhla, abalandeli bakaJesu nabo bangazinqoba izimo eziyinselele uma bebonisa ukholo kuNkulunkulu nasemandleni omthandazo.—Jakobe 2:26.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amabalengwe encwadi kaMarku.

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?