Dlulela kokuphakathi

Ingabe Kufanele Sikhulekele Imifanekiso?

Ingabe Kufanele Sikhulekele Imifanekiso?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, akufanele. I-New Catholic Encyclopedia iyichaza ngale ndlela imithetho uNkulunkulu ayinika isizwe sakwa-Israyeli: “Ukulandisa okuhlukahlukene kweBhayibheli kubonisa ukuthi ukukhulekelwa kukaNkulunkulu kwakungahlanganisi ukusetshenziswa kwezithombe.” Cabangela la mavesi eBhayibheli:

  • “Ungazenzeli umfanekiso oqoshiwe noma isimo esinjenganoma yini esemazulwini phezulu noma esemhlabeni ngaphansi noma esemanzini ngaphansi komhlaba. Ungazikhothameli futhi unganxenxelwa ukuba uzikhonze, ngoba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kimi kuphela.” (Eksodusi 20:4, 5) Njengoba uNkulunkulu efuna ‘sizinikele kuye kuphela,’ akajabuli lapho sidumisa noma sikhulekela imifanekiso, izithombe, izithixo, imifanekiso eqoshiwe noma izimpawu.

  • “Angisoze nganika . . . imifanekiso ebaziwe udumo lwami.” (Isaya 42:8) UNkulunkulu uyakwenqaba ukukhulekelwa kusetshenziswa izithombe. Lapho amanye ama-Israyeli ezama ukumkhulekela esebenzisa umfanekiso wethole elibunjiwe, uNkulunkulu wathi enze “isono esikhulu.”​—Eksodusi 32:​7-9, Easy-to-Read Version.

  • “Akufanele sicabange ukuthi uMuntu Waphezulu unjengegolide noma isiliva noma itshe, njengokuthile okuqoshwe ngobuciko nangomklamo womuntu.” (IzEnzo 17:29) Ngokungafani nokukhulekela kobuqaba, okuvame ukusebenzisa imifanekiso ‘eqoshwe ngobuciko nangomklamo womuntu,’ iBhayibheli lithi amaKristu kufanele ‘ahambe ngokholo, hhayi ngokubona.’​—2 Korinte 5:7.

  • “Ziqapheni ezithombeni.” (1 Johane 5:​21) Emiyalweni eyanikwa kokubili ama-Israyeli namaKristu, iBhayibheli lidalula ngokuphindaphindiwe amanga emfundiso ethi uNkulunkulu uyakwamukela ukusetshenziswa kwezithombe nemifanekiso ekukhulekeleni.