Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Galathiya 6:9—“Kepha Masingakhathali Ekwenzeni Okuhle”

Galathiya 6:9—“Kepha Masingakhathali Ekwenzeni Okuhle”

 “Ngakho masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngesikhathi esifanele siyovuna uma singakhathali.”—Galathiya 6:9, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle‚ ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo‚ uma singadangali.”—Galathiya 6:9, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yabaseGalathiya 6:9

 Umphostoli uPawulu ukhuthaza amaKristu ukuba aqhubeke enza okulungile, noma okuhle, emehlweni kaNkulunkulu. Uma enza kanjalo, angaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzowavuza.

 “Masingayeki.” La mazwi angahunyushwa ngokuthi “masingakhathali.” Igama lesiGreki lingadlulisela umqondo wokungadikibali noma wokuphelelwa intshiseko. Ngokuzifaka naye kula mazwi, umphostoli uPawulu wavuma ukuthi naye wabhekana nezikhathi zokudikibala.—Roma 7:21-24.

 “Okuhle,” noma okulungile, kuhlanganisa konke amaKristu okulindeleke ukuba akwenze enkonzweni yawo eya kuNkulunkulu. Lokhu kuhlanganisa imisebenzi umuntu ayenzayo ukuze asize akhonza nabo nabanye.—Galathiya 6:10.

 “Ngesikhathi esifanele siyovuna uma singakhathali.” UPawulu ukhumbuza abafunda le ncwadi ukuthi kungase kuthathe isikhathi ukuba babone imiphumela emihle yokwenza okuhle, njengoba nje kuthatha isikhathi ukuba isitshalo somlimi sikhule. Ngokubhekisela ekuvuneni, uPawulu uxhumanisa leli vesi neqiniso elibhalwe evesini 7: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” Ngamanye amazwi, lapho umKristu enza okuhle emehlweni kaNkulunkulu, uyovuna umklomelo omkhulu, ohlanganisa nokuphila okuphakade.—Roma 2:6, 7; Galathiya 6:8.

Umongo weyabaseGalathiya 6:9

 Umphostoli uPawulu wayibhalela amaKristu ahlala eGalathiya le ncwadi ngabo-50-52 C.E. Wayibhalela ukuvikela amaKristu emathonyeni alabo ababethi bangamaKristu kodwa bebe bephendukezela iqiniso ngoJesu. (Galathiya 1:6, 7) Labo thisha mbumbulu babethi amaKristu kudingeka athobele uMthetho uNkulunkulu awunika isizwe sakwa-Israyeli wasendulo esebenzisa uMose. (Galathiya 2:15, 16) UPawulu wachaza ukuthi inhloso yokukhipha lo Mthetho yayisifeziwe futhi abakhulekeli bakaNkulunkulu babengasaboshelwe kuwo.—Roma 10:4; Galathiya 3:23-25.

 Lapho uPawulu ekhuthaza amaKristu ayekanye nawo ukube aqhubeke ‘enza okuhle,’ wayengabhekiseli ekulaleleni uMthetho kaMose. Kunalokho, wayewakhuthaza ukuba ‘agcwalise umthetho kaKristu,’ okwakuhlanganisa konke uJesu akufundisa ngokwenza okuhle kwabanye.—Galathiya 6:2; Mathewu 7:12; Johane 13:34.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze uthole amazwibela encwadi yabaseGalathiya.