Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

1 Petru 5:6, 7—“Zithobeni Phansi Kwesandla SikaNkulunkulu Esinamandla, . . . Niphonse Izinkathazo Zenu Zonke Phezu Kwakhe”

1 Petru 5:6, 7—“Zithobeni Phansi Kwesandla SikaNkulunkulu Esinamandla, . . . Niphonse Izinkathazo Zenu Zonke Phezu Kwakhe”

 “Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele, niphonse zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:6, 7, INguqulo Yezwe Elisha.

 “Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo‚ niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe‚ ngokuba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:6, 7, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yeyoku-1 Petru 5:6, 7

 Ngala mazwi, umphostoli uPetru uqinisekisa amaKristu ukuthi angamethemba uNkulunkulu lapho ethandaza amtshele izinkinga nezinto eziwakhathazayo. UNkulunkulu uyabathanda abantu abathobekile futhi uzobabusisa kakhulu.

 “Zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla.” EBhayibhelini, inkulumo ethi isandla sikaNkulunkulu ivamise ukubhekisela emandleni akhe okusindisa nokuvikela. (Eksodusi 3:19; Duteronomi 26:8; Ezra 8:22) AmaKristu asuke ezithoba ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu lapho encika kuye. Ayazi ukuthi kukhona izinto angeke akwazi ukuzenza, ayazi nokuthi ngeke akwazi ukunqoba izilingo ngamandla awo. (IzAga 3:5, 6; Filipi 4:13) Ayaqiniseka ukuthi uNkulunkulu unawo amandla okuwasiza ngesikhathi esifanele nangendlela engcono kakhulu.—Isaya 41:10.

 “Ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele.” Labo ababonisa isineke bakhuthazelele izilingo bangaqiniseka ngokuthi ekugcineni uNkulunkulu uyobaphakamisa, abanike umvuzo. Ngeke avume abantu abamkhonzayo bavivinywe unomphela noma ngaphezu kwalokho abangakuthwala. (1 Korinte 10:13) Kunalokho, uma beqhubeka benza okulungile, nakanjani uNkulunkulu uyobanika umvuzo “ngesikhathi esifanele.”—Galathiya 6:9.

 “Niphonse zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.” AmaKristu angaphonsa zonke izinkathazo zawo kuNkulunkulu ngokuba azithobe athandaze kuye. Enye incwadi ithi: “Isenzo esithi phonsa sidlulisa umqondo wokwenza umzamo ukuze ujikijele into isuke kuwe. Sisho ukwenza into ngenhloso.” Lapho umKristu eseziphonsile izinkathazo zakhe kuNkulunkulu, ukukhathazeka kwakhe kungancipha, ezwe le nto iBhayibheli eliyibiza ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu.” (Filipi 4:6, 7) Angaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyafuna ukumsiza futhi uyamkhathalela nokuthi angasebenzisa amandla akhe amakhulu ukuze amsize.—IHubo 37:5; 55:22.

Umongo weyoku-1 Petru 5:6, 7

 Incwadi yokuqala umphostoli uPetru ayibhalela amaKristu iphela esahlukweni 5. (1 Petru 1:1) Njengoba kunjalo namuhla, abalandeli bakaKristu ngaleso sikhathi babebhekene nezilingo ezihlukahlukene ezazivivinya ukholo lwabo, okungenzeka zazibakhathaza. (1 Petru 1:6, 7) Ebazi ubunzima ababebhekene nabo, uPetru wababhalela incwadi ekhuthazayo cishe ngo-62-64 C.E.—1 Petru 5:12.

 UPetru le ncwadi yakhe uyivala ngamazwi akhuthazayo awabhekise kulabo ababhekene novivinyo ngenxa yokholo lwabo. Uma bezithoba bethembela kuNkulunkulu, bangaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzobasiza bame baqine. (1 Petru 5:5-10) Amazwi kaPetru angakhuthaza namaKristu ashushiswayo namuhla.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yoku-1 Petru.