Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AspctStyle/stock.adobe.com

UMKHANKASO WESIKHUMBUZO

UJesu Uzoqeda Izimpi

UJesu Uzoqeda Izimpi

 Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi ubathanda kakhulu abantu, waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo. (Mathewu 20:28; Johane 15:13) Maduze, uzophinde abonise ukuthi ubathanda kangakanani abantu ngokusebenzisa igunya lakhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ukuze aqede “izimpi emhlabeni wonke.”—IHubo 46:9.

 Phawula indlela iBhayibheli elichaza ngayo lokho iNkosi uJesu ezokwenza:

  •   “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi noswele, iyosindisa ukuphila kwabampofu. Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:12-14.

 Yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyabonga ngakho konke uJesu asenzele kona nalokho asazosenzela kona? Encwadini kaLuka 22:19, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe. Yileso isizathu esenza oFakazi bakaJehova bahlangane ndawonye minyaka yonke ngosuku uJesu afa ngalo. Siyakumema ukuba ube nathi lapho sikhumbula ukufa kukaJesu ngeSonto, Mashi 24, 2024.

Thola ISikhumbuzo Esiseduze Nawe