Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

CreativeDesignArt/DigitalVision Vectors via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ingabe Ukulingana Kwezinhlanga Zabantu Kuyiphupho Nje?—Lithini IBhayibheli?

Ingabe Ukulingana Kwezinhlanga Zabantu Kuyiphupho Nje?—Lithini IBhayibheli?

 Kubantu abaningi, ukulingana ngokohlanga kuseyiphupho elingakafezeki.

  •   “Emhlabeni wonke, ubandlululo lufana noshevu obanga umonakalo omkhulu ezinhlanganweni, kwezenhlalo, nasekuphileni kwansuku zonke kuyo yonke imiphakathi. Luyaqhubeka lwenza abantu bangaphathani ngendlela enobulungisa.”—U-António Guterres, onguNobhala-jikelele we-UN.

 Kuyoke kwenzeke yini ukuthi izinhlanga zilingane? Lithini iBhayibheli?

Indlela uNkulunkulu akubheka ngayo ukulingana kwezinhlanga

 IBhayibheli lisifundisa indlela uNkulunkulu ababheka ngayo abantu bezinhlanga ezihlukahlukene.

  •   “Ngomuntu oyedwa [uNkulunkulu] wenza ukuba zonke izizwe zabantu zihlale emhlabeni.”—IzEnzo 17:26.

  •   “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo nowenza okulungile uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

 IBhayibheli lisitshela ukuthi bonke abantu bayingxenye yomndeni owodwa nokuthi uNkulunkulu wamukela abantu bazo zonke izinhlanga.

Indlela abantu bezinhlanga ezingafani abazolingana ngayo

 Into ezokwenza abantu balingane nguMbuso kaNkulunkulu, okuwuhulumeni wasezulwini. Lowo hulumeni uzofundisa abantu ukuthi bangaphathana kanjani ngendlela efanele. Abantu bazofunda indlela yokuqeda noma yimiphi imizwa yobandlululo okungenzeka banayo.

  •   “Abahlala ezweni [bazofunda] ukulunga.”—Isaya 26:9.

  •   “Umphumela wokulunga kweqiniso uyoba ukuthula, nesithelo sokulunga kweqiniso siyoba ukuthula nokulondeka kuze kube phakade.”—Isaya 32:17.

 Namuhla, izigidi zabantu zifundiswa yiBhayibheli indlela yokuphatha abanye ngenhlonipho nangendlela engasehlisi isithunzi sabo.