Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Maremagnum/Corbis Documentary via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ingabe I-Armagedoni Izoqala Kwa-Israyeli?—Lithini IBhayibheli?

Ingabe I-Armagedoni Izoqala Kwa-Israyeli?—Lithini IBhayibheli?

 Lapho iBhayibheli likhuluma nge-Armagedoni, lisuke lingakhulumi ngempi eyokwenzeka endaweni ethile, kodwa lisuke likhuluma ngempi yomhlaba wonke ephakathi kwabo bonke ohulumeni babantu noNkulunkulu.

  •   “Amazwi aphefumulelwe amademoni . . . aphuma aqonde emakhosini omhlaba wonke owakhiwe, ukuze awabuthele ndawonye empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke. Awabuthela ndawonye endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi i-Armagedoni.”—IsAmbulo 16:12, 14, 16.

 Igama elithi “Armagedoni” livela egameni lesiHebheru elithi Har Meghid·dohnʹ, elisho “iNtaba YaseMegido.” IMegido kwakuyindawo yakwa-Israyeli endulo. Lokho kwenza abanye bacabange ukuthi i-Armagedoni iyoba kwa-Israyeli. Kodwa ayikho neyodwa indawo eMpumalanga Ephakathi enkulu ngokwanele ukuba ingahlanganisa ‘amakhosi omhlaba wonke’ namabutho awo, naseMegido ngeke kwenzeke lokho.

 Incwadi yesAmbulo ibhalwe kusetshenziswa “izibonakaliso,” noma ulimi olungokomfanekiso. (IsAmbulo 1:1) Elithi Armagedoni alibhekiseli endaweni engokoqobo, kodwa libhekisela esimweni lapho izizwe zomhlaba wonke ziyohlangana khona emzamweni wazo wokugcina wokulwa nokubusa kukaNkulunkulu.—IsAmbulo 19:11-16, 19-21.