Dlulela kokuphakathi

Iyini Impi Ye-Armagedoni?

Iyini Impi Ye-Armagedoni?

Impendulo YeBhayibheli

Impi ye-Armagedoni ibhekisela empini yokugcina phakathi kohulumeni babantu noNkulunkulu. Le mibuso nabasekeli bayo bamelana noNkulunkulu ngisho kwamanje ngokwenqaba ukuzithoba ngaphansi kokubusa kwakhe. (IHubo 2:2) Impi ye-Armagedoni iyoqeda ukubusa kwabantu.—Daniyeli 2:44.

Igama elithi “Armagedoni” livela kanye eBhayibhelini kusAmbulo 16:16. Ngokwesiprofetho, isAmbulo sibonisa ukuthi kuyobuthelwa ndawonye ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe’ “endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi iHar-Magedoni” “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”—IsAmbulo 16:14.

Obani Abayolwa E-Armagedoni? UJesu uyohola ibutho lasezulwini ukuze anqobe izitha zikaNkulunkulu. (IsAmbulo 19:11-16, 19-21) Lezi zitha zihlanganisa labo abamelana negunya likaNkulunkulu nalabo abadelela uNkulunkulu.—Hezekeli 39:7.

Ingabe I-Armagedoni Izoba SeMpumalanga Ephakathi? Cha. Kunokuba ibe sendaweni ethile, impi ye-Armagedoni kuyoba impi yomhlaba wonke.—Jeremiya 25:32-34; Hezekeli 39:17-20.

Ngezinye izikhathi i-Armagedoni ibizwa ngokuthi “Har–​Magedon” (ngesiHebheru lithi Har Meghiddohnʹ), okusho ukuthi “iNtaba YaseMegido.” IMegido kwakuyidolobha lakwa-Israyeli wasendulo. Umlando usitshela ngezimpi ezinkulu kuleyo ndawo kuhlanganise nezinye ezilotshwe eBhayibhelini. (AbaHluleli 5:19, 20; 2 AmaKhosi 9:27; 23:29) Nokho, i-Armagedoni ayikwazi ukuba indawo engokoqobo eseduze neMegido yasendulo. Akukho ntaba enkulu lapho futhi abantu abayolwa noNkulunkulu ngeke banele kulo lonke ithafa eliphansi laseJizreyeli eliseduze nalapho. Kunalokho, i-Armagedoni iyoba semhlabeni wonke lapho izizwe ziyohlangana ukuze zimelane okokugcina nokubusa kukaNkulunkulu.

Ziyoba njani izimo phakathi nempi ye-Armagedoni? Nakuba singazi ukuthi uNkulunkulu uyowasebenzisa kanjani amandla akhe, uyoba nazo izikhali ezinjengalezo azisebenzisa esikhathini esidlule—isichotho, ukuzamazama komhlaba, izikhukhula, umlilo nesibabule, umbani nesifo. (Jobe 38:22, 23; Hezekeli 38:19, 22; Habakuki 3:10, 11; Zakariya 14:12) Ngenxa yokudideka, cishe ezinye izitha zikaNkulunkulu ziyobulalana zodwa futhi ekugcineni ziyobona ukuthi uNkulunkulu olwa nazo.—Hezekeli 38:21, 23; Zakariya 14:13.

Ingabe I-Armagedoni iyosho ukuphela kwezwe? Ngeke isho ukuphela kweplanethi yethu engumhlaba, ngoba umhlaba uyikhaya labantu laphakade. (IHubo 37:29; 96:10; UmShumayeli 1:4) Kunokuba isibhubhise sonke isintu, empeleni i-Armagedoni iyosisindisa ngoba kuyosinda “isixuku esikhulu” sezinceku zikaNkulunkulu.—IsAmbulo 7:9, 14; IHubo 37:34.

Ngezinye izikhathi, lapho likhuluma ‘ngezwe,’ iBhayibheli lisuke lingakhulumi ngomhlaba kodwa ngomphakathi wabantu ababi abamelene noNkulunkulu. (1 Johane 2:​15-​17) I-Armagedoni izoletha ‘ukuphela kwezwe’ ngalo mqondo.—Mathewu 24:3, IBhayibheli LesiZulu Elivamile.

Izokwenzeka nini i-Armagedoni? Lapho ekhuluma ‘ngosizi olukhulu’ olwaluyoholela empini ye-Armagedoni, uJesu wathi: “Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa nguBaba kuphela.” (Mathewu 24:21, 36) Nokho, iBhayibheli liyabonisa ukuthi i-Armagedoni iyokwenzeka phakathi nokuba khona kukaJesu okungabonakali, okwaqala ngo-1914.​—Mathewu 24:37-​39.