Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngafunda Ukuthi UJehova Unomusa Futhi Uyathethelela

Ngafunda Ukuthi UJehova Unomusa Futhi Uyathethelela
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1954

  • IZWE AZALELWA KULO: ECANADA

  • UMLANDO: WAYEKHWABANISA, EGEMBULA

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela endaweni enesimo sezomnotho esiphansi edolobheni laseMontreal. Lapho ngineminyaka esiyithupha ubudala, ubaba washona, okwenza ukuba umama asale nayo yonke imithwalo yemfanelo yasekhaya. Ngiyingane yokugcina ezinganeni ezingu-8.

Njengoba ngikhula, ukuphila kwami kwansuku zonke kwakugxile ekusebenziseni izidakamizwa, ukugembula, ubudlova nokuzihlanganisa nezigebengu. Lapho ngineminyaka eyishumi, ngaqala ukusebenzela abantu abathengisa ngomzimba nababolekisa ngezimali. Ngangihlale ngiqamba amanga futhi ngikujabulela ukuphanga abantu nganoma iyiphi indlela. Ngase ngiwumlutha walezi zinto.

Lapho ngineminyaka engu-14, ngase ngiwumpetha ekukhohliseni abantu. Ngokwesibonelo, ngangithenga inqwaba yamawashi, amasongo nezindandatho okucakwe ngegolide bese ngikubhala ukuthi kunamacarat angu-14 egolide, bese ngikuthengisa emgwaqweni nasezindaweni zokupaka izimoto zasezitolo. Ngangiyithanda indlela elula yokwenza imali. Ngesinye isikhathi ngenza imali engu-R100 000 ngosuku nje!

Lapho ngineminyaka engu-15 ngaxoshwa esikoleni esisiza intsha egangayo, lokho kwangishiya ngingenayo indawo yokuhlala. Ngangilala emigwaqweni, emapaki noma emakhaya abangane.

Ngenxa yezenzo zami zokukhwabanisa, amaphoyisa ayevame ukungipheka ngemibuzo. Kodwa ngoba ngangingathengisi izinto ezebiwe, angikaze ngiboshwe. Nokho, ngahlawuliswa imali enkulu ngenxa yokukhwabanisa, ukuqamba amanga nokuthengisa ngaphandle kwemvume. Ngangingesabi muntu, ngilanda izimali kubantu ababekweleta ababolekisi bezimali. Kwakuyingozi lokho futhi ngezinye izikhathi ngangiphatha isibhamu. Ngezinye izikhathi ngangisebenza nezigebengu ezenza ubugebengu obuhleliwe.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngaqala ukufunda iBhayibheli lapho ngineminyaka engu-17. Ngangihlala nentombi yami lapho iqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Nokho, ngayenqaba imithetho yeBhayibheli yokuziphatha, ngakho ngayishiya intombi yami ngayohlala nenye intombi engangithandana nayo.

Izinto zashintsha lapho intombi yami yesibili nayo iqala ukufunda iBhayibheli noFakazi! Yenza izinguquko ekuphileni kwayo futhi kwangihlaba umxhwele ukuyibona iba mnene, ibekezela kakhudlwana. Ngamukela isimemo sokuya eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova. Ngamukelwa abantu abalungile nabanomusa. Yeka umehluko omkhulu uma ngiqhathanisa nalokho engangikujwayele! Ngangingakaze ngizizwe ngithandwa umndeni wakithi; ngakhula ngiphathwa ngendlela engenamusa nengenabubele. Imfudumalo engayithola phakathi koFakazi BakaJehova yayiyilokho kanye engangikulangazelela. Lapho oFakazi becela ukungifundela iBhayibheli, ngavuma ngenjabulo.

Ngicabanga ukuthi engakufunda eBhayibhelini kwasindisa ukuphila kwami. Ngangihlele ukuyokwenza ubugebengu nabangane bami ababili ukuze ngikwazi ukukhokhela izikweletu zami zokugembula ezazingaphezu kuka-R580 000. Kodwa ngiyajabula ukuthi angizange ngisakwenza lokho! Abangane bami baqhubeka nalobo bugebengu. Omunye waboshwa kanti omunye wabulawa.

Njengoba ngangiqhubeka nokufunda iBhayibheli, ngaqaphela ukuthi zaziziningi izinguquko okwakusadingeka ngizenze. Ngokwesibonelo, ngafunda lokho okushiwo iBhayibheli kweyoku-1 Korinte 6:10: “Amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” Lapho ngifunda lelo vesi, ukucabanga ngokuphila kwami kwangilethela izinyembezi. Ngaqaphela ukuthi kwakudingeka ngishintshe ukuphila kwami ngokuphelele. (Roma 12:2) Nganginobudlova nginodlame, futhi konke ukuphila kwami kwakusekelwe emangeni.

Nokho, eBhayibhelini ngafunda nokuthi uJehova unomusa futhi uyathethelela. (Isaya 1:18) Ngathandaza ngobuqotho, nginxusa uJehova ukuba angisize ngiyeke indlela yami yokuphila yangaphambili. Ngosizo lwakhe, kancane kancane ngakwazi ukushintsha ubuntu bami. Ushintsho olukhulu lwenzeka lapho mina nentombi yami sinquma ukushada ngokomthetho.

Ngiyaphila namuhla ngenxa yokusebenzisa imithetho yeBhayibheli

Ngangineminyaka engu-24 ubudala, ngiyindoda eshadile futhi nginezingane ezintathu. Manje kwase kudingeka ngithole umsebenzi ongenabo ubugebengu. Kodwa nganginemfundo encane futhi ngingakaze ngisebenze. Nalapha, ngaphinde ngathandaza ngobuqotho kuJehova. Ngase ngihamba ngiyofuna umsebenzi. Ngatshela abaqashi ukuthi ngangifuna ukushintsha ukuphila kwami futhi ngisebenze ngokwethembeka. Ngezinye izikhathi, ngangibachazela ukuthi ngangifunda iBhayibheli nokuthi isifiso sami sasiwukuba isakhamuzi esingcono. Abaqashi abaningi benqaba ukungiqasha. Ekugcineni, ngemva kokuba ngixoxe nomunye umqashi, ngamchazela ngokukhula kwami okunezinkinga, lo mqashi wathi kimi: “Angazi ngempela ukuthi kungani, kodwa kukhona into ethi kufanele ngikuqashe.” Ngikholelwa ukuthi lena kwakuyimpendulo yemithandazo yami. Ngokuhamba kwesikhathi, mina nomkami sabhapathizwa saba oFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ngiyaphila namuhla ngenxa yokusebenzisa imithetho yeBhayibheli nokuphila ngendlela yobuKristu. Nginomndeni omuhle. Nginonembeza ohlanzekile ngoba ngiyaqiniseka ukuthi uJehova ungithethelele.

Sekudlule iminyaka engu-14 ngenza inkonzo yesikhathi esigcwele, ngisiza abanye ukuba bafunde lokho iBhayibheli elikufundisayo, futhi muva nje umkami naye uye wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Eminyakeni engu-30 ngiye ngasiza abantu engisebenza nabo abangu-22 ukuba bakhonze uJehova. Ngisaya ezitolo—kodwa hhayi ukuba ngiyokhwabanisa njengoba ngangenza. Manje uma ngiyile, ngivame ukushumayela kwabanye. Ngifuna ukubanikeza okuthile: ithemba lokuphila emhlabeni omusha wesikhathi esizayo oyobe ungenabo abakhwabanisi.—IHubo 37:10, 11.