Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho Engakukhetha Ngisemncane

Lokho Engakukhetha Ngisemncane

Esengumfanyana

Ngangineminyaka eyishumi ubudala lapho izingane ezivela eCambodia zifika esikoleni engangifunda kuso eColumbus, e-Ohio, e-U.S.A. ngo-1985. Omunye wabafana wayazi amagama ambalwa esiNgisi. Esebenzisa izithombe, waqala ukungixoxela izindaba zokuhlukunyezwa kwabantu ngendlela enyantisayo, ukubulawa nokuphunyuka kwabathile. Ngangikhala ebusuku lapho ngicabanga ngalezi zingane. Ngangifuna ukuzitshela ngethemba lePharadesi novuko kodwa zazingalwazi ulimi lwami. Nakuba ngangisewumfanyana nje, nganquma ukufunda isiCambodia ukuze ngikwazi ukutshela izingane engangifunda nazo ngoJehova. Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi lesi sinqumo sasiyolithinta kanjani ikusasa lami.

Ukufunda isiCambodia kwakunzima. Kwaze kwaba kabili ngifuna ukuyeka, kodwa uJehova wangikhuthaza esebenzisa abazali bami. Ngokuhamba kwesikhathi, othisha nezingane engangifunda nazo baqala ukungikhuthaza ukuba ngifundele umsebenzi oholela kahle. Kodwa ngangifuna ukuba iphayona, ngakho esikoleni samabanga aphakeme ngakhetha izifundo ezaziyongisiza ukuba ngibambe amatoho ukuze ngikwazi ukufinyelela umgomo wami. Ngemva kwesikole, ngangivame ukuhlangana namanye amaphayona ngisebenze nawo ensimini. Ngavolontiya nokufundisa izingane ezazifunda isiNgisi njengolimi lwazo lwesibili—isinqumo esangizuzisa kakhulu kamuva.

Kwathi lapho ngineminyaka engu-16, ngezwa ukuthi kuneqembu labakhuluma isiCambodia eliseLong Beach, eCalifornia, e-U.S.A. Ngavakashela lelo qembu futhi ngafunda ukufunda isiCambodia. Ngemva kokuqeda isikole, ngaba iphayona futhi ngaqhubeka ngishumayela kubantu abakhuluma isiCambodia eduze nasekhaya. Lapho sengineminyaka engu-18, ngacabanga ngokuthuthela eCambodia. Yayiseyindawo eyingozi, kodwa ngangazi ukuthi bambalwa kubantu abayizigidi eziyishumi abahlala eCambodia ababeke bazizwa izindaba ezinhle zoMbuso. Ngaleso sikhathi, kwakunebandla elilodwa nje elinabamemezeli abangu-13 kulo lonke lelo zwe. Ngavakashela okokuqala eCambodia lapho ngineminyaka engu-19. Ngemva kweminyaka emibili, nganquma ukuyohlala khona. Ngathola itoho lokuhumusha nokufundisa isiNgisi ukuze ngikwazi ukuzisekela enkonzweni. Ngokuhamba kwesikhathi, ngathola inkosikazi eyayinemigomo efana neyami ekuphileni. Sobabili, siye sakujabulela ukusiza abantu abaningi baseCambodia ukuba banikezele ukuphila kwabo kuNkulunkulu.

UJehova uye wanginika ‘izicelo zenhliziyo yami.’ (IHu. 37:4) Ukwenza abafundi kuwumsebenzi owanelisa kunayo yonke. Phakathi neminyaka engu-16 ngiseCambodia, lelo qembu elincane lezinceku zikaJehova ezingu-13 liye lakhula laba amabandla angu-12 namaqembu angawodwa amane!—Ilandiswa uJason Blackwell.