Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Njengomshayeli wendiza nomsizi wakhe abasebenzisa ipulani elilodwa, ukubambisana emshadweni kusho ukuba nomgomo ofanayo

ABASHADILE

2: Ukubambisana

2: Ukubambisana

KUSHO UKUTHINI?

Indoda nomkayo ababambisene emshadweni wabo bafana nabashayeli ababili bendiza abasebenzisa ipulani elilodwa ukuze bayiqondise ngempumelelo. Ngisho nalapho kuphakama izinkinga, bazixazulula ndawonye.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Abasebabili, kodwa sebenyamanye.”—Mathewu 19:6.

“Umshado wakhiwa abantu ababili. Indoda nomkayo kumelwe babambisane ukuze umshado wabo uphumelele.”—UChristopher.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Uma indoda nomkayo bengabambisene emshadweni wabo, lapho kuphakama izinkinga bangase balwe bodwa esikhundleni sokulwa nenkinga. Ngisho nezinkinga ezincane zingagcina sezinkulu.

“Ukubambisana kubaluleke kakhulu emshadweni. Ukube mina nomyeni wami besingabambisene, ngabe sesimane sihlalisene nje, yilowo nalowo ezenzela izinqumo zakhe.”—U-Alexandra.

ONGAKWENZA

ZIHLOLE

  • Ingabe ngibheka umholo wami njengemali “yami ngedwa”?

  • Ingabe ngithanda ukuhamba ngedwa uma ngifuna ukushaywa umoya?

  • Ingabe ngiyazigwema izihlobo zomuntu engishade naye, nakuba yena ethanda ukuba nazo?

XOXA NOSHADE NAYE NGALE MIBUZO

  • Iyiphi into esibambisene kahle kuyo emshadweni wethu?

  • Yikuphi lapho esingathuthukisa khona?

  • Yiziphi izinto esingazenza ukuze sibambisane kakhudlwana?

ZAMA LOKHU

  • Cabanga wena noshade naye nidlala ibhola, kodwa nisemaqenjini ahlukene. Yini ongayenza ukuze wena noshade naye nibe seqenjini elilodwa?

  • Esikhundleni sokucabanga ngokuthi yini ongayenza ukuze wena uphumelele, cabanga ngokuthi yini ongayenza ukuze nobabili niphumelele.

“Akubalulekile ukuthi ubani onephutha, okubalulekile ukuba nibe nokuthula nobunye emshadweni wenu.”—U-Ethan.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:3, 4.