Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Ukusingatha Ukungafani

Ukusingatha Ukungafani

INSELELE

Uthanda ezemidlalo; oshade naye uthanda ukufunda. Uyacophelela futhi wenze izinto kahle; oshade naye akahlelekile. Uthanda ukuba nabantu; oshade naye uthanda ukuba yedwa.

Uzitshela ukuthi, ‘Asifanelani! Kungani singakubonanga lokhu ngesikhathi singakashadi?’

Cishe wakubona lokho, ngokwezinga elithile. Kodwa ngaleso sikhathi, cishe nobabili nanishesha ukuhoxa—okuyikhono okungaba kuhle ukuthi nilivuselele, njengoba senishadile. Lesi sihloko sizonisiza kulokho. Nokho, okokuqala, cabanga ngamanye amaqiniso alokho okungabonakala kuwukungafanelani.

OKUFANELE UKWAZI

Okunye ukungafani kuyingozi. Ingxenye enkulu yokuthandana iwukuthola ukuthi niyafanelana yini. Ngakho, lapho bebona ukungafani okukhulu ngesikhathi besathandana, abaningi bayahlukana kunokungena ngobuwula emshadweni nakuba bengafani. Kodwa kuthiwani ngokungafani okungekubi kangako—lokho okungenakugwenywa emshadweni?

Abekho abantu abafana nse. Ngakho, kuyinto evamile ukuba abantu abashadile bangafani kwezinye zalezi zinto:

Izinto abazithandayo. Inkosikazi okuthiwa u-Anna * ithi, “Angikaze ngizithande izinto zokuzilibazisa ezifuna ngiphume endlini, kodwa umyeni wami wakhula eqwala izintaba ezineqhwa futhi ehamba izinsuku emahlathini ngezinyawo.”

Imikhuba. Indoda okuthiwa uBrian ithi, “Umkami uyephuza ukulala, noma kunjalo avuke ngo-5 ekuseni, kodwa mina kumelwe ngilale amahora angu-7 kuya kwangu-8, uma kungenjalo ngiba nenhliziyo encane.”

Ubuntu. Kungenzeka ukuthi awuxoxi kakhulu, kuyilapho ushade nomuntu ozikhulumelayo. Indoda okuthiwa uDavid ithi, “Ngakhula ngingakhulumi ngezinkinga zami, kodwa umkami uvela emndenini lapho kuxoxwa khona ngokukhululekile.”

Ukungafani kungazuzisa. Inkosikazi okuthiwa uHelena ithi, “Umbono wami ungaba muhle, kodwa lokho akusho ukuthi yiwo wodwa ongaphumelela.”

ONGAKWENZA

Yiba osekelayo. Indoda okuthiwa u-Adam ithi, “Umkami uKaren akazithandi ezemidlalo. Kodwa uke waya nami emidlalweni eminingana waze wahalalisa kanye nami. Ngakolunye uhlangothi, uKaren uthanda iminyuziyamu yezobuciko, ngakho ngihamba naye, futhi sihlala khona aze adele. Ngenza konke engingakwenza ukuze ngithande ezobuciko ngoba zibalulekile kuye.”Isimiso seBhayibheli: 1 Korinte 10:24.

Yiba nombono obanzi. Ukuthi umbono woshade naye wehlukile kowakho, akusho ukuthi awuphusile. Yileso sifundo esafundwa indoda okuthiwa u-Alex. Ithi, “Ngangizitshela ukuthi kunendlela eyodwa elula nesheshayo yokwenza into, nokuthi ezinye izindlela ngeke zisebenze. Kodwa ukushada kungisize ngabona ukuthi ziningi izindlela zokwenza into eyodwa, nokuthi indlela ngayinye inobuhle bayo.”Isimiso seBhayibheli: 1 Petru 5:5.

Bhekana namaqiniso. Ukufanelana akusho ukuthi nifana ncamashi. Ngakho ungaphethi ngokuthi wenza iphutha ngokushada ngoba nje ubona ukungafani okumbalwa. Incwadi ethi The Case Against Divorce, ithi: “Abantu abaningi bavika ngokuthi, ‘Uthando lwangivala amehlo.’” Nokho, le ncwadi uma iqhubeka ithi, “usuku ngalunye eniluchitha ndawonye nijabule, lubonisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ninakuphi ukungafani, ningakwazi ukuthandana.” Zamani ‘ukuqhubeka nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda.’Kolose 3:13.

Zama lokhu: Bhala izinto ezinhle, ozithandayo, nobona nifanelana ngazo noshade naye. Yibe usubhala izinto ocabanga ukuthi anifanelani ngazo. Ungase uthole ukuthi izinto eningafani ngazo, aziyona inkinga njengoba ubucabanga. Uhlu lwakho lungase lwembule nalapho ungakwazi ukumbekezelela noma ukumsekela khona. Indoda okuthiwa uKenneth ithi, “kuyangijabulisa ukubona umkami ezivumelanisa nami, futhi ngiyazi ukuthi naye uyajabula lapho ngizivumelanisa naye. Ngisho noma kusho ukuzidela, ukumbona ejabule kuyangijabulisa.”Isimiso seBhayibheli: Filipi 4:5.

^ isig. 10 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.