Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlupheka​​—⁠Ingabe Kuyisijeziso Esivela KuNkulunkulu?

Ukuhlupheka​​—⁠Ingabe Kuyisijeziso Esivela KuNkulunkulu?

ULUZIA UKHUBAZEKILE EMLENZENI WAKHE WANGAKWESOKUNXELE. Esemncane waba nesifo okuthiwa uvendle, okuyisifo esithathelanayo esihlasela izinzwa. Lapho eneminyaka engu-16, owesifazane ayesebenza kuye wathi kuLuzia, “UNkulunkulu wakujezisa ngalesi sifo ngenxa yokuthi wawungamhloniphi umama wakho.” Nakuba sekudlule isikhathi eside, uLuzia usayikhumbula indlela la mazwi amphatha kabi ngayo.

LAPHO UDAMARIS ETHOLA UKUTHI UNOMDLAVUZA EBUCHOSHENI, ubaba wakhe wambuza: “Yini oyenzile ebangele ukuba wehlelwe yinto enje? Kufanele ukuba inkulu into oyenzile. Yingakho uNkulunkulu ekujezisa.” Kwamcindezela kakhulu uDamaris lokho okwashiwo ubaba wakhe.

Sekuyiminyaka eminingi abantu becabanga ukuthi ukugula kuyisijeziso esivela kuNkulunkulu. Incwadi ethi Manners and Customs of Bible Lands ithi abaningi ababephila ngesikhathi uKristu esemhlabeni, babekholelwa ukuthi “ukugula kwakuyisijeziso sesono esenziwe umuntu ogulayo noma izihlobo zakhe.” Incwadi i-Medieval Medicine and the Plague ithi ngemva kwamakhulu eminyaka uKristu afa, “abanye abantu babekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayeletha izifo ukuze ajezise abantu ngenxa yezono abazenzile.” Ingabe izigidi zabantu ezabulawa izifo ngekhulu le-14 eYurophu, nazo zazijeziswa uNkulunkulu? Noma ingabe lezo zifo zazibangelwa amagciwane, njengoba kusho abezempilo? Abanye bangase bazibuze: Ingabe uNkulunkulu usebenzisa ukugula ukuze ajezise abantu ngenxa yezono abazenzile? *

CABANGA NGALOKHU: UJesu wayengabelapha yini abantu abagulayo uma uNkulunkulu esebenzisa ukugula nokuhlupheka ukuze ajezise abantu? Ukwenza kanjalo kwakungeke yini kube ukubukela phansi isinqumo sikaNkulunkulu sokujezisa abantu? (Mathewu 4:23, 24) UJesu wayengeke enze into ephikisana naleyo eyenziwa uNkulunkulu. Wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo,” futhi “njengoba nje uBaba enginike umyalo, ngenza kanjalo.”—Johane 8:29; 14:31.

IBhayibheli likwenza kucace ukuthi akukho “ukungabi nabulungisa” kuJehova uNkulunkulu. (Duteronomi 32:4) Ngokwesibonelo, uNkulunkulu akasoze abangela ingozi yebhanoyi engabulala abantu abayikhulu abangenacala ukuze nje ajezise othile okulelo bhanoyi! Ngenxa yokuthi u-Abrahama, inceku kaNkulunkulu ethembekile, wayazi ukuthi uNkulunkulu ulungile, wathi uNkulunkulu akasoze ‘akhukhula olungile kanye nomubi.’ Wathi “kuyinto engacabangeki” leyo. (Genesise 18:23, 25) IBhayibheli liphinde lithi “uNkulunkulu akenzi ngokukhohlakala” noma enze “ngokungabi nabulungisa.”—Jobe 34:10-12.

ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI NGOKUHLUPHEKA

Ukuhlupheka esibhekana nakho akusona isijeziso esivela kuNkulunkulu. UJesu wakubonisa lokhu lapho yena nabafundi bakhe bebona indoda eyazalwa iyimpumputhe. “Abafundi bakhe bambuza: ‘Rabi, ubani owona, yilo muntu noma ngabazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?’ UJesu waphendula: ‘Akonanga lo muntu noma abazali bakhe, kodwa kwenzeka ukuze imisebenzi kaNkulunkulu ibonakaliswe ngaye.’”—Johane 9:1-3.

Ngenxa yemibono eyiphutha eyayikhona, kumelwe ukuba abafundi bakaJesu bamangala lapho ebatshela ukuthi ukuba yimpumputhe kwale ndoda, kwakungabangelwanga isono sayo noma sabazali bayo. Ukwelapha kukaJesu le ndoda eyayingaboni, kwayiqeda inkolelo eyiphutha yokuthi ukuhlupheka kuyisijeziso esivela kuNkulunkulu. (Johane 9:6, 7) Labo ababhekene nezinkinga ezinkulu zokugula namuhla, kungabaduduza ukwazi ukuthi uNkulunkulu akayona imbangela yokugula kwabo.

UJesu wayengabalaphelani abantu uma kwakunguNkulunkulu owayebajezisa ngenxa yezinto ezimbi ababezenzile?

ImiBhalo iyasiqinisekisa

  • “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (JAKOBE 1:13) Ngempela, maduze zizophela ‘izinto ezimbi’ ezinjengokugula, ubuhlungu nokufa osekuhluphe abantu iminyaka eminingi.

  • UJesu Kristu “welapha bonke ababengaphathekile kahle.” (MATHEWU 8:16) Ngokwelapha bonke ababeza kuyo, indodana kaNkulunkulu yabonisa lokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenza emhlabeni wonke.

  • “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—ISAMBULO 21:3-5.

UBANI OKUFANELE SIMSOLE?

Kungani-ke abantu bebhekana nobuhlungu nokuhlupheka? Sekuyisikhathi eside abantu bezibuza lo mbuzo. Uma lezi zinto zingabangelwa uNkulunkulu, ubani ozibangelayo? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula le mibuzo.

^ isig. 4 Nakuba kwakuba nezikhathi lapho uNkulunkulu ayejezisa abantu ngenxa yezono ababezenzile, iBhayibheli alibonisi ukuthi uJehova usasebenzisa ukugula nezinhlekelele ukuze ajezise abantu ngenxa yezono zabo.