Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UNkulunkulu Uyazwelana Nathi?

Ingabe UNkulunkulu Uyazwelana Nathi?

ESIKUFUNDA ENDALWENI

Uzwela luchazwa ngokuthi “ikhono lokuzifaka ezicathulweni zomunye umuntu ukuze uzizwe ngendlela azizwa ngayo.” UDokotela uRick Hanson, onguchwepheshe emkhakheni wezifo zengqondo uthi “uzwela luyinto engokwemvelo kithi sonke.”

CABANGA NGALOKHU: Ngokungafani nezilwane, kungani abantu bekwazi ukubonisa uzwela? IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala abantu bafana naye. (Genesise 1:26) Sifana noNkulunkulu ngomqondo wokuthi siyakwazi ukuba nobuntu obufana nobakhe. Ngakho, lapho abantu bebonisa uzwela kwabanye futhi bebasiza, basuke belingisa uMdali wethu onozwela, uJehova uNkulunkulu.—IzAga 14:31.

ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI NGOZWELA LUKANKULUNKULU

UNkulunkulu uyazwelana nathi, futhi akathandi ukusibona sihlupheka. Nakhu iBhayibheli elikushoyo mayelana nama-Israyeli ayegqilazwe kanzima abaseGibhithe, kavuma achitha iminyaka engu-40 ehlane, nayo eyayinzima: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.” (Isaya 63:9) Phawula ukuthi akushiwo ukuthi uNkulunkulu wagcina ngokukubona nje ukucindezeleka kwawo. Naye wayebuzwa ubuhlungu abantu bakhe ababebuzwa. Wathi: “Ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” (Eksodusi 3:7) UNkulunkulu uthi, “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami.” (Zakariya 2:8) Lapho abanye besizwisa ubuhlungu, naye uzwa ubuhlungu.

IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ngisho singase sizibone sibabi futhi singalufanele uzwela lukaNkulunkulu, “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” (1 Johane 3:19, 20) UNkulunkulu usazi ngaphezu kokuba thina sizazi. Uyakubona konke esibhekana nakho ekuphileni, esikucabangayo nendlela esizizwa ngayo. Uyazwelana nathi.

Singaba nethemba lokuthi uNkulunkulu uzosiduduza, asiphe ukuhlakanipha futhi asisize, ngoba uyabasiza abacindezelekile

ImiBhalo iyasiqinisekisa

  • ‘Wena uyobiza, uJehova ngokwakhe aphendule; uyokhala ucela usizo, yena athi, “Ngilapha!”’—ISAYA 58:9.

  • “‘Ngoba mina ngiyazi kahle imicabango engiyicabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘yimicabango yokuthula, hhayi eyenhlekelele, ukuba ngininike ikusasa nethemba. Ngokuqinisekile niyongibiza futhi nize nithandaze kimi, futhi ngiyonilalela.’”—JEREMIYA 29:11, 12.

  • “Faka izinyembezi zami egabheni lakho lesikhumba. Azikho yini encwadini yakho?”—IHUBO 56:8.

UJEHOVA USINAKILE, UYASIQONDA, FUTHI UYAZWELANA NATHI

Ukwazi ukuthi uJehova uyazwelana nathi kungasisiza yini sikwazi ukubhekana nezinkinga? Cabanga ngalokhu okwenzeka kuMaria:

“Ngemva kokushonelwa indodana yami eyayineminyaka engu-18, eyayilwe nomdlavuza iminyaka emibili, ngaba nomuzwa wokuthi ukuphila kunzima futhi alikho iqiniso emhlabeni. Ngangimthukuthelele uJehova ngokuthi akazange ayilaphe indodana yami!

“Ngemva kweminyaka eyisithupha, ngaxoxa nomngane osebandleni. Ngamtshela ukuthi nganginomuzwa wokuthi uJehova wayengangithandi. Ngemva kokungilalelisisa amahora amaningi, wangikhumbuza eyoku-1 Johane 3:19, 20 futhi lowo mBhalo wangithinta kakhulu, uthi: ‘UNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.’ Wangichazela ukuthi uJehova uyabuqonda ubunzima esibhekana nabo.

“Noma kunjalo, kwakusenzima ukuba ngiyeke ukuthukuthela! Ngabe sengifunda iHubo 94:19, elithi: ‘Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.’ Kwakungathi la mavesi ayebhalelwe mina! Ngokuhamba kwesikhathi, kwangiduduza ukutshela uJehova izinto ezingikhathazayo nokwazi ukuthi usuke engilalele futhi uyasiqonda isimo engibhekene naso.”

Ave kududuza ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyakuqonda esibhekene nakho, futhi uyazwelana nathi! Kodwa kungani kunosizi olungaka? Ingabe kuyisijeziso esivela kuNkulunkulu ngenxa yezinto ezimbi esizenzayo? Kukhona yini uNkulunkulu azokwenza ukuze aqede izinkinga zethu? Yilokho esizoxoxa ngakho ezihlokweni ezilandelayo.