Dlulela kokuphakathi

Ingabe Isayensi Iyavumelana NeBhayibheli?

Ingabe Isayensi Iyavumelana NeBhayibheli?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo, nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yesayensi, linembile lapho likhuluma ngezinto zesayensi. Ake sihlole izibonelo ezithile ezibonisa ukuthi isayensi neBhayibheli kuyavumelana, nokuthi iBhayibheli linamaqiniso angokwesayensi ayehluke kakhulu ezinkolelweni zabantu abaningi ababephila ngesikhathi elabhalwa ngaso.

  • Indawo yonke yaba nesiqalo. (Genesise 1:1) Ngokuphambene nalokhu, lapho zichaza indawo yonke, izinganekwane eziningi zasendulo zithi ayizange idalwe, yamane yaba khona. Abantu baseBhabhiloni babekholelwa ukuthi onkulunkulu abazala indawo yonke babevela ezingxenyeni ezimbili zolwandle. Ezinye izinganekwane zithi indawo yonke yavela eqandeni elikhulu.

  • Usuku nosuku indawo yonke iqondiswa imithetho ehlelekile engokwemvelo, ayiqondiswa izifiso zonkulunkulu. (Jobe 38:33; Jeremiya 33:25) Amanga afundiswa emhlabeni athi akukho lutho abantu abangalwenza ngezenzo ezinonya nezingalindelekile zalabo nkulunkulu.

  • Umhlaba ulenga phezu kweze. (Jobe 26:7) Abantu abaningi basendulo babekholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba umi phezu komdondoshiya noma isilwane, njengenyathi noma ufudu.

  • Ukuze imifula nezifufula kuthole amanzi kudingeka kube nemvula, iqhwa nesichotho, okubangelwa ukuhwamuka kwamanzi olwandle nakwezinye izindawo. (Jobe 36:27, 28; UmShumayeli 1:7; Isaya 55:10; Amose 9:6) AmaGreki asendulo ayecabanga ukuthi imifula ithola amanzi aphuma ekujuleni kolwandle, futhi akukholelwa lokho kwaze kwaba sekhulwini lesi-18 leminyaka.

  • Izintaba ziyaphakama ziphinde zehle, futhi izintaba ezikhona namuhla zake zaba ngaphansi kolwandle. (IHubo 104:6, 8) Ngokuphambene nalokho, izinganekwane eziningana zithi onkulunkulu badala izintaba zaba nesimo esizibona zikuso manje.

  • Imikhuba yenhlanzeko ivikela impilo. UMthetho owanikwa isizwe sakwa-Israyeli wawuhlanganisa imithetho yokugeza ngemva kokuthinta isidumbu, ukuhlukanisa abanezifo ezithathelwanayo kwabanye nokugqitshwa kwendle ngendlela ephephile. (Levitikusi 11:28; 13:1-5; Duteronomi 23:13) Ngokuphambene nalokho, eminye imithi yezilonda yaseGibhithe eyayisetshenziswa ngesikhathi kunikezwa le mithetho yayiyingxube ehlanganisa indle yomuntu.

Ingabe kukhona amaphutha angokwesayensi eBhayibhelini?

Ukuhlolisiswa okunengqondo kweBhayibheli kubonisa ukuthi impendulo ingucha. Nayi imibono evamile eyiphutha ephathelene nokunemba kweBhayibheli ngokwesayensi:

Amanga: IBhayibheli lifundisa ukuthi indawo yonke yadalwa ngezinsuku eziyisithupha ezingamahora angu-24.

Iqiniso:IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala umhlaba enkathini edlule engaziwa. (Genesise 1:1) Izinsuku zokudala ezichazwe esahlukweni sokuqala sikaGenesise ziyinkathi ethile yesikhathi futhi ubude bayo abaziwa. Empeleni, nayo yonke inkathi okwadalwa ngayo izulu nomhlaba ibizwa ngokuthi ‘usuku.’—Genesise 2:4.

Amanga: IBhayibheli lithi izitshalo zadalwa ngaphambi kokuba kube khona ilanga elisekela i-photosynthesis okuyindlela izitshalo ezikhiqiza ngayo ukudla.—Genesise 1:11, 16.

Iqiniso: IBhayibheli libonisa ukuthi ilanga, enye yezinkanyezi eyingxenye ‘yamazulu,’ ladalwa kuqala kunezitshalo. (Genesise 1:1) Ukukhanya okusuka elangeni kwafika emhlabeni phakathi nosuku ‘lokuqala’ noma inkathi yokudala. Njengoba ukukhanya kuqala ukubonakala ‘ngosuku’ lwesithathu lokudala, kwase kunamandla anele okusekela inqubo ye-photosynthesis. (Genesise 1:3-5, 12, 13) Kukamuva kuphela lapho ilanga lavela khona ngokucacile emhlabeni.—Genesise 1:16.

Amanga: IBhayibheli lithi ilanga lizungeza umhlaba.

Iqiniso: UmShumayeli 1:5 uthi: “Ilanga nalo liphumile, futhi ilanga lishonile, futhi liza liphuthuma endaweni yalo lapho liyophuma khona.” Nokho, le nkulumo imane ichaza lokho esikubona sengathi ukuhamba kwelanga uma sibuka silapha emhlabeni. Ngisho nanamuhla, umuntu angasebenzisa igama elithi “ilanga liphumile” nelithi “ilanga lishonile,” nakuba azi ukuthi umhlaba uzungeza ilanga.

Amanga: IBhayibheli lithi umhlaba uyisicaba.

Iqiniso: IBhayibheli lisebenzisa inkulumo ethi “ekugcineni komhlaba” ukuze lichaze ukuthi “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba” lokhu akusho ukuthi umhlaba uyisicaba noma kunewa ophelela kulo. (IzEnzo 1:8) Ngokufanayo inkulumo ethi “emikhawulweni yomine yomhlaba” iyisifenqo esibhekisela kuwo wonke umhlaba, namuhla umuntu angase akhulume ngamachopho amane ekhampasi ebe esho into efanayo.—Isaya 11:12; Luka 13:29.

Amanga: IBhayibheli lithi ubukhulu besiyingi bulingana nobubanzi besiyingi obuphindwe kathathu, kodwa isilinganiso esinembile ngu-31416 [pi(π)].

Iqiniso: Izilinganiso ‘zoLwandle olubunjiwe’ okukhulunywe ngalo encwadini yoku-1 AmaKhosi 7:23 neyesi-2 IziKronike 4:2 zibonisa ukuthi ububanzi balo babuyizingalo eziyishumi nokuthi “kwakuthatha umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu ukulujikeleza lonke.” Lezo zibalo ezibonisa ubukhulu kungenzeka ukuthi zazimane nje ziyisilinganiso esicishe sinembe. Kungenzeka futhi ukuthi ubukhulu balo nobubanzi balo babuyisilinganiso sengaphakathi nengaphandle lwalo.