Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Yimuphi umkhuba owawenziwa amaJuda owenza uJesu wakulahla ukwenza izifungo?

NGOKOMTHETHO kaMose ukufunga kwakunendawo yako efanele. Nokho, ngesikhathi uJesu esemhlabeni abantu babefunga nsuku zonke kangangokuthi base benomkhuba wokuqinisekisa noma yini abayishoyo ngokufunga. Lo mkhuba ongasizi ngalutho wawenziwa ukuze umuntu akukholwe okushoyo; nokho, izikhathi ezimbili uJesu wabonisa ukuthi lo mkhuba akawusekeli. Kunalokho wafundisa ukuthi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.”​—Math. 5:33-37; 23:16-22.

Ngokwe-Theological Dictionary of the New Testament, i-Talmud isisiza sibone indlela okwakuwumkhuba ngayo ngamaJuda ukwenza izifungo ukuze aqinisekise konke akushoyo. I-Talmud iveza ngokucacile ukuthi iziphi izifungo okwakumelwe zigcinwe nalezo okwakungamelwe zigcinwe.

UJesu akuyena kuphela owathi awuyekwe lo mkhuba. Ngokwesibonelo, isazi-mlando esingumJuda uFlavius Josephus, sathi ngohlelo lwamaJuda: “Ayakugwema ukufunga, akubheka njengento embi ukwedlula ukuqamba amanga. Akholelwa ukuthi uma umuntu kufanele aze afunge ukuze abantu bamkholwe kusho ukuthi uqamba amanga.” Umbhalo wamaJuda owaziwa ngokuthi i-Wisdom of Sirach noma i-Ecclesiasticus, (23:11) nawo uveza umqondo ofanayo uthi: “Umuntu ofungiswayo usuke engumqambimanga.” Ngakho uJesu wabakhuza abantu ngokufunga ezindabeni ezingabalulekile. Uma sikhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi asikho isidingo sokufunga ukuze senze abantu basikholwe.