Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Oshade Naye Ebukela Izithombe Ezingcolile Zocansi

Lapho Oshade Naye Ebukela Izithombe Ezingcolile Zocansi
  • “Ngazizwa sengathi umyeni wami wayephinge ephindelela.”

  • “Ngazizwa ngihlazekile, ngimubi, ngingelutho.”

  • “Akekho umuntu engangingakhuluma naye ngakho. Ngafela ngaphakathi.”

  • “Ngaba nomuzwa wokuthi uJehova akanandaba nami.”

La mazwi angenhla abonisa ukuthi ihlukumezeka kangakanani inkosikazi lapho umyeni wayo ebukela izithombe ezingcolile zocansi. Kanti uma umyeni ebelokhu ezibukela efihla, mhlawumbe izinyanga noma iminyaka, inkosikazi ingase ikuthole kunzima ukuphinde imethembe. Kunjengoba enye inkosikazi yasho, “Ngangizibuza: ‘Ubani le ndoda eseduze kwami? Kukhona yini okunye engifihlela kona?’”

Lesi sihloko senzelwe inkosikazi enomyeni obukela izithombe ezingcolile zocansi. a Sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezizomduduza, zimqinisekise ngokuthi uJehova uyamsekela, zimsize alulame ngokomzwelo futhi ahlale esondelene noJehova. b

YINI ENGENZIWA INKOSIKAZI ENGENACALA?

Nakuba ungeke ukwazi ukulawula yonke into eyenziwa umyeni wakho, zikhona izinyathelo ongazithatha ukuze unciphise ubuhlungu ube nokuthula kwengqondo. Cabanga ngalokhu okulandelayo.

Gwema ukuzisola wena. Inkosikazi ingase icabange ukuthi yiphutha layo ukuthi umyeni wayo ubuka izithombe ezingcolile zocansi. U-Alice c waba nomuzwa wokuthi kumele ukuba kukhona ashoda ngako njengomuntu wesifazane. Wazibuza, ‘Kungani umyeni wami ekhetha ukubuka abanye abantu besifazane ngibe ngikhona mina?’ Amanye amakhosikazi ayazisola ngendlela asabela ngayo, acabange ukuthi enza isimo sibe sibi nakakhulu. UDanielle uthi: “Ngazibona ngingowesifazane onenhliziyo embi, obhidliza umshado wakhe ngokuthukuthela.”

Uma uzizwa ngendlela efanayo, yazi ukuthi uJehova akasoli wena ngezenzo zomyeni wakho. UJakobe 1:14 uthi: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuyengwa yisifiso sakhe.” (Roma 14:12; Fil. 2:12) Kunokuba asole wena, uJehova uyabazisa ubuqotho bakho kuye.—2 IziKr. 16:9.

Kungasiza nokuqonda ukuthi ukubukela komyeni izithombe ezingcolile zocansi akusho ukuthi umkakhe kukhona ashoda ngako. Abantu abanolwazi ngale ndaba bathi ukubukela izithombe ezingcolile zocansi kwakha izifiso zocansi okungekho muntu wesifazane ongazanelisa.

Gwema ukukhathazeka ngokweqile. UCatherine wathi ayikho enye into ayeyicabanga ngaphandle kokuthi umyeni wakhe ubukela izithombe ezingcolile zocansi. UFrances wathi: “Ngiyakhathazeka njalo lapho ngingazi ukuthi umyeni wami ukuphi. Ngikhathazeka usuku lonke.” Amanye amakhosikazi aye aveza indlela aba namahloni ngayo uma enamanye amaKristu okungenzeka ayayazi inkinga yabayeni bawo. Abanye bathi bazizwa bebodwa ngoba becabanga ukuthi akekho oqonda into ababhekene nayo.

Kungokwemvelo ukuzizwa kanjalo. Kodwa ukugxila kuleyo mizwa kuyokwenza ukhathazeke nakakhulu. Kungcono uzame ukugxila ebuhlotsheni bakho noJehova. Ukwenza kanjalo kuzokusiza ube namandla okukhuthazela.—IHu. 62:2; Efe. 6:10.

Kungase kukusize ukufunda nokuzindla ngezindaba eziseBhayibhelini zabesifazane ababecindezelekile abaduduzwa ukuthandaza kuJehova. Wayengazisusi ngaso sonke isikhathi izinkinga ababebhekene nazo kodwa wayebanika ukuthula. Ngokwesibonelo, uHana “wayedabuke kakhulu” ngenxa yesimo ayekuso. Kodwa ngemva ‘kokuthandaza isikhathi eside phambi kukaJehova,’ waba nokuthula nakuba ayengazi ukuthi indaba yakhe iyophetha kanjani.—1 Sam. 1:10, 12, 18; 2 Kor. 1:3, 4.

Indoda nomkayo kungase kudingeke bacele usizo kubadala

Cela usizo kubadala ebandleni. Bangaba ‘njengompheme wokucashela umoya, isiphephelo sokucashela isiphepho esinemvula.’ (Isaya 32:2, mbhw.) Bangase basikisele nodade ongathululela kuye isifuba uthole induduzo.—IzAga 17:17.

UNGAKWAZI YINI UKUSIZA UMYENI WAKHO?

Ungakwazi yini ukusiza umyeni wakho anqobe umkhuba wokubukela izithombe ezingcolile zocansi? Mhlawumbe. IBhayibheli lithi lapho uzama ukuxazulula inkinga noma ukunqoba isitha esinamandla, “ababili bangcono kunoyedwa.” (UmSh. 4:9-12) Ucwaningo lubonisa ukuthi imiphumela ivame ukuba mihle lapho abashadile besebenza ndawonye ukuze banqobe inkinga yokuba umlutha wokubukela izithombe ezingcolile zocansi, baphinde bathembane emshadweni wabo.

Yiqiniso ukuthi okuningi kuyoncika ekutheni oshade naye uqotho yini nokuthi uzimisele yini ukunqoba isifiso sokubukela izithombe ezingcolile zocansi. Lo oshade naye umcelile yini uJehova ukuba amuphe amandla, wacela nosizo kubadala? (2 Kor. 4:7; Jak. 5:14, 15) Zikhona yini izinto asezenzile ukuze alwe nesilingo—ngokwesibonelo, ukunciphisa indlela asebenzisa ngayo imishini yezobuchwepheshe nokugwema izimo ezingamlinga? (IzAga 27:12) Uzimisele yini ukwamukela usizo lwakho nokukhuluma iqiniso? Uma kunjalo, ungase ukwazi ukumsiza.

Ungamsiza kanjani? Cabanga ngalesi sibonelo. UFelicia washada no-Ethan, owayebe umlutha wokubukela izithombe ezingcolile zocansi kusukela esemncane. UFelicia wenza kube lula ukuba umyeni wakhe akhulume naye njalo lapho kufika isifiso sokuba aphinde abukele izithombe ezingcolile zocansi. U-Ethan uyachaza: “Ngimtshela konke ngingamfihleli lutho umkami. Ngothando, uyangisiza ngibeke imingcele ezongenza ngigweme izilingo bese edamane engihlola ukuthi ngiqhuba kanjani. Uyangisiza ngingayisebenzisi njalo i-inthanethi. Kulindelekile ukuba ukubukela kuka-Ethan izithombe ezingcolile zocansi kumzwise ubuhlungu uFelicia. Uthi: “Kodwa ubuhlungu nokucasuka kwami ngeke kumsize agweme lo mkhuba omubi. Ngemva kokuxoxa ngale nkinga yakhe, naye usuke esekulungele ukungisiza ngibhekane nobuhlungu engibuzwayo.”

Izingxoxo ezinjalo azigcini nje ngokusiza umyeni agweme ukubukela izithombe ezingcolile zocansi kodwa zisiza nomkakhe aphinde amethembe. Lapho umyeni ezimisele ukuyiveza ngokukhululekile imikhuba yakhe, izinto azenzayo phakathi nosuku nokuthi ubekuphi, akube kusaba khona akufihlela umkakhe.

Ucabanga ukuthi ungakwazi ukumsiza ngendlela efanayo umyeni wakho? Uma kunjalo, kungani ningafundi futhi nixoxe ngalesi sihloko ndawonye? Umgomo wakhe kuzobe kuwukuyeka ukubuka izithombe ezingcolile zocansi, akunikeze nesizathu sokumethemba. Kunokuba kumcasule lokho, kufanele alwele ukuqonda indlela le nkinga ekuthinta ngayo wena. Umgomo wakho uwukusekela imizamo ayenzayo nokumnika ithuba lokuba asebenzele ukuba uphinde umethembe. Nobabili kuzodingeka nifunde ukuthi yini eyenza abantu babukele izithombe ezingcolile zocansi nokuthi le nkinga inganqotshwa kanjani. d

Uma wesaba ukuthi nizoxabana, ningacela umdala nobabili enikhululekile ukuxoxa naye ukuba abe khona isikhathi esithile lapho nixoxa ukuze anisize. Khumbula ukuthi ngisho nalapho oshade naye eseyinqobile inkinga yokuba umlutha wezithombe ezingcolile zocansi, kungase kuthathe isikhathi ukuphinde umethembe. Ungapheli amandla. Bheka izinto ezincane ezibonisa ukuthi kunentuthuko emshadweni wenu. Kulindele ukuthi ngokuhamba kwesikhathi nangokubonisa kwenu isineke, umshado wenu uyophinde uqine.—UmSh. 7:8; 1 Kor. 13:4.

KUTHIWANI UMA ENGAYEKI?

Uma umyeni wakho ephinda ezibuka lezi zithombe ngemva kokuba eseziyekile okwesikhathi esithile, ingabe lokho kusho ukuthi akaphenduki noma le nkinga ngeke iphinde inqobeke? Akusho lokho ngempela. Kungenzeka alwe nale nkinga ukuphila kwakhe konke, ikakhulukazi uma esewumlutha wazo. Angaphinde azibuke lezi zithombe ngisho sekwaphela iminyaka engazibuki. Ukuze agweme ukubuyela kuzo, kungadingeka abeke imingcele eqine nakakhulu, mhlawumbe aqhubeke eyibekile ngisho noma kubonakala eseyinqobile inkinga. (IzAga 28:14; Math. 5:29; 1 Kor. 10:12) Kuyodingeka ahlakulele ‘indlela entsha yokucabanga’ afunde ‘nokuzonda okubi’—izithombe ezingcolile zocansi kanye nanoma imiphi imikhuba engcolile ehlobene nazo, njengokushaya indlwabu. (Efe. 4:23; IHu. 97:10; Roma 12:9) Uzimisele yini ukukwenza lokhu? Uma ezimisele, kusho ukuthi lisekhona ithemba. e

Gxila ebuhlotsheni bakho noJehova

Kodwa kuthiwani uma oshade naye engafuni ukuwuyeka lo mkhuba? Kuyaqondakala ukuthi ungalokhu uzizwa udumazekile, uthukuthele futhi ube nomuzwa wokuthi kudlalwe ngawe. Ungathola ukuthula ngokushiyela izinto kuJehova. (1 Pet. 5:7) Qhubeka usondela kuJehova ngokutadisha, ngomthandazo nangokuzindla. Uma wenza kanjalo, qiniseka ngokuthi naye uyosondela kuwe. Njengoba kushiwo ku-Isaya 57:15, uhlala nalabo ‘abacindezelekile nabadangele,’ avuselele umoya wabo. Lwela ukuba umKristu ongcono. Cela usizo kubadala, bese uhlalela ethembeni lokuthi esikhathini esizayo umyeni wakho angase ashintshe.—Roma 2:4; 2 Pet. 3:9.

a Ukuze kube lula sizothi yindoda ebukela izithombe ezingcolile zocansi. Noma kunjalo, izimiso eziningi okuxoxwa ngazo kulesi sihloko zizomsiza umyeni onenkosikazi ebukela izithombe ezingcolile zocansi.

b Ukubukela izithombe ezingcolile zocansi akusona isizathu esingokomBhalo sokudivosa.—Math. 19:9.

c Amagama ashintshiwe.

d Izinto eziwusizo ungazithola ku-jw.org/zu nasezincwadini zethu. Ngokwesibonelo bheka isihloko esithi “Izithombe Zocansi Zingawuqeda Nya Umshado Wakho” ku-jw.org/zu; esithi “Ungakwazi Ukumelana Nesilingo!” kuyi-Nqabayokulinda, ka-Ephreli 1, 2014, kk. 10-12; nesithi “Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 1, 2013, kk. 3-7.

e Ngenxa yokuthi lezi zithombe zenza abantu imilutha yazo, abanye abashadile baye bazenzela isinqumo sokuzifunela usizo lodokotela balo mkhakha, ngesikhathi esifanayo baqhubeke bethola usizo lwabadala.