Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Umhlathi Wengwenya

Umhlathi Wengwenya

INGWENYA iluma ngamandla amakhulu uma iqhathaniswa nezinye izilwane eziphilayo manje. Ngokwesibonelo, ingwenya ehlala emanzini anosawoti, etholakala eduze kwase-Australia ingaluma cishe ngamandla aphindwe kathathu kunebhubesi noma ihlosi. Kodwa, imihlathi yengwenya iphinde izwele ngokushesha lapho ithintwa okuthile—izwela ngisho nakakhulu kunesihloko somunwe womuntu. Kungenzeka kanjani lokhu njengoba ingwenya inesikhumba esiqine kangaka?

Umhlathi wengwenya unezinkulungwane zezinzwa. Ngemva kokuzihlola, umcwaningi uDuncan Leitch waphawula: “Iphethelo ngalinye lezinzwa livela ogebhezini.” Lokhu kuvikela lezi zinzwa, kuphinde kuzenze zizwele kakhulu ezindaweni ezithile ngezinga elingenakulinganiswa ngemishini eyenziwe abantu. Ngenxa yalokho, ingwenya iyakwazi ukuhlukanisa phakathi kokudla nodoti emlonyeni. Yileyo ndlela futhi ingwenya yensikazi ekwazi ngayo ukuphatha abantwana bayo ngomlomo ngaphandle kokubalimaza ngephutha. Umhlathi wengwenya uyinhlanganisela ekhexisayo yamandla kanye nekhono lokuzwela.

Ucabangani? Ingabe umhlathi wengwenya waba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe waklanywa?