Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Ukuhlukana Nomuntu Obuthandana Naye

Ukuhlukana Nomuntu Obuthandana Naye

INSELELE

“Ngangithi sengimtholile umaqondana. Ngazitshela ukuthi, ‘Ngingaphila phakade nale nsizwa.’ Kodwa ngemva nje kwezinyanga ezimbili sithandana, kwadingeka ukuba ngihlukane naye. Kwakungakholeki ukuthi into eyayiqale iyinhle kangaka yayingashesha kangaka ukuphela!”—U-Anna. *

“Kwakubonakala kunezinto eziningi esifana ngazo. Ngase ngizibona ngishade naye. Nokho, njengoba isikhathi sihamba, kwaqala ukungicacela ukuthi asifani kangakanani. Lapho ngibona ukuthi ngangenze iphutha ngokuthandana naye, ngahlukana naye.”—U-Elaine.

Ingabe nawe uke wehlelwa isimo esifanayo? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza ubhekane naso kahle.

OKUFANELE UKWAZI

Ukuhlukana kungaba buhlungu ngisho nakulowo othe makuhlukanwe. Intokazi okuthiwa uSarah, eyahlukana nesoka layo ngemva kwezinyanga eziyisithupha ithi, “Ngangiphatheke kabi! Ngomzuzwana nje, lo muntu owayekade eseyingxenye yokuphila kwami nekusasa lami, wayengasekho. Kwakuthi uma ngizwa izingoma sobabili esasizithanda, ngivele ngikhumbule izikhathi ezimnandi esake saba nazo. Uma ngisezindaweni ezazikhethekile kithi, ngangibuzwa ubuhlungu bokuthi akasekho. Ngangizizwa ngaleyo ndlela naphezu kokuba kuyimina owathi asihlukane!”

Nakuba kubuhlungu, ukuhlukana kungaba yinto enhle. U-Elaine uthi, “Usuke ungafuni ukumzwisa ubuhlungu. Nokho, ngakolunye uhlangothi uyaqaphela ukuthi kuzogcina kunilimaze nobabili ukuqhubeka nithandana nakuba izinto zingahambi kahle.” USarah wenanela kulokho uthi, “Ngicabanga ukuthi uma ungajabule lapho nisathandana, cishe ngeke uze ujabule nalapho senishadile, ngakho ukuhlukana kuyisinqumo esihle kakhulu.”

Ukuhlukana akukwenzi isehluleki. Iqiniso liwukuthi ukuthandana okuphumelelayo akuphethi ngomshado ngaso sonke isikhathi kodwa kuphetha ngesinqumo. Uma omunye wenu kunezinto ezibalulekile angaqiniseki ngazo, ukuhlukana kungaba isinqumo esihle. Uma lokho kwenzeka, ukuthi ubuhlobo ebenibakha abuphumelelanga akusho ukuthi uyisehluleki. Ungaqhubeka nokuphila kwakho! Kanjani?

ONGAKWENZA

Kwamukele ukuthi kubuhlungu. U-Elaine oke wacashunwa uthi, “Ngalahlekelwa umuntu owayengaphezu komngane, ngalahlekelwa umngane omkhulu.” Uma uhlukana nomuntu obusondelene naye ngaleyo ndlela, kuyinto engokwemvelo ukuba lusizi. Insizwa okuthiwa u-Adam ithi, “Kusuke sekuphelile ebenikuhlanganisile, futhi lokho kuhlale kubuhlungu ngisho noma wazi ukuthi kungokwenzuzo yakho.” Ungase uzizwe njengeNkosi uDavide yaseBhayibhelini. Lapho ibhekene nosizi yabhala, ‘Ubusuku bonke ngenze umbhede wami wachichima izinyembezi zami.’ (IHubo 6:6) Ngezinye izikhathi, indlela engcono kakhulu yokuqeda ubuhlungu, iwukuba ubhekane nabo ungabugegi. Ukwamukela indlela ozizwa ngayo, kungaba isinyathelo sokuqala esiholela ekululameni.—Isimiso seBhayibheli: IHubo 4:4.

Zihlanganise nabantu abakukhathalelayo. Kuyiqiniso ukuthi lokhu kungase kungabi lula. U-Anna oke wacashunwa uyavuma, “Ekuqaleni, ngangingafuni nokubabona abantu. Ngangidinga isikhathi sokululama ngibukeze zonke izinto futhi ngiqonde okwakwenzekile.” Nokho, ngokuhamba kwesikhathi u-Anna wakubona ukuhlakanipha kokuchitha isikhathi nabangane abaseduze ababengamkhuthaza. Uthi, “Isimo sami sengqondo sesingcono kakhulu manje, futhi ukuthi sihlukene akusangiphathi kabi njengasekuqaleni.”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 17:17.

Funda kokwenzekile. Zibuze: ‘Ingabe okwenzekile kwembule izici okumelwe ngithuthukise kuzo? Yini, uma ikhona, engiyoyenza ngendlela ehlukile lapho ngiphinde ngithandana nothile?’ Intokazi okuthiwa uMarcia ithi, “Ngokuhamba kwesikhathi, ngakwazi ukuhlaziya izinto kangcono. Kodwa kwadingeka ukuba ngilinde esinye isikhathi ngaphambi kokuba ngikwazi ukubheka izinto ngombono ofanele, ngingasathikanyezwa indlela engizizwa ngayo.” U-Adam okuke kwakhulunywa ngaye, naye uzizwa ngendlela efanayo. Uthi, “Kwangithatha unyaka ukuba ngamukele ukuthi sihlukene. Kwangithatha isikhathi esingaphezu kwaleso ukuba ngibone ukuthi yini engangingayifunda kulokho okwakwenzekile. Kuningi engakufunda ngami, ngamantombazane, nangokuthandana nomuntu. Sebubuncane kakhulu manje ubuhlungu engibuzwayo ngokuthi sahlukana.”

Thandaza ngokukukhathazayo. IBhayibheli lithi uNkulunkulu “uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.” (IHubo 147:3) Nakuba engasikhetheli omaqondana—futhi engeke asolwa ngokuhlukana kwenu—uNkulunkulu uyakukhathalela. Thandaza kuye, umthululele isifuba.—Isimiso seBhayibheli: 1 Petru 5:7.

^ isig. 4 Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.