Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

  INGABE LAKLANYWA?

Ikhono Lokugcina Ukwaziswa Le-DNA

Ikhono Lokugcina Ukwaziswa Le-DNA

ABASEBENZISA ama-computer bakhiqiza intilibathwa yokwaziswa okudingeka kugcinwe futhi kutholakale lapho sekudingeka. Ososayensi banethemba lokuthi bazokwazi ukuletha izinguquko ezintweni zobuchwepheshe ezigcina ukwaziswa ngokwenza into efuze isimiso semvelo sezinga eliphakeme sokugcina ukwaziswa—i-DNA.

Cabanga ngalokhu: I-DNA etholakala emangqamuzaneni aphilayo imumatha izigidigidi zokwaziswa okuphathelene nezinto eziphilayo. UNick Goldman we-European Bioinformatics Institute uthi: “Singayikhipha emathanjeni e-woolly mammoths (isilwane esesashabalala esinjengendlovu, esasinoboya obumavukuvuku) . . . futhi sikwazi ukuyiqonda. Kanti incane ngendlela emangalisayo, igoqene futhi ayidingi amandla kagesi ukuze igcine ukwaziswa, ngakho ukuyithumelela othile nokuyigcina kulula.” Ingakwazi yini i-DNA ukugcina imininingwane ebhalwe umuntu? Abacwaningi bathi ingakwazi.

Ososayensi baye bafaka kuyi-DNA ukwaziswa okulotshiwe, izithombe nezinto ezilalelwayo, ngendlela okwenziwa ngayo emishinini yobuchwepheshe egcina ukwaziswa. Kamuva laba bacwaningi bakwazi ukukukhipha kunjengoba kunjalo lokho kwaziswa ababekugcinile. Ososayensi bakholelwa ukuthi, kusetshenziswa le ndlela, ngokuhamba kwesikhathi kungenziwa i-DNA yokuzakhela eyigremu elilodwa engakwazi ukugcina ukwaziswa okunganela kuma-CD ayizigidi ezintathu, futhi konke lokhu kwaziswa kungagcinwa amakhulu eminyaka noma izinkulungwane. Leso simiso singase sikwazi ukusebenza njengenqolobane egcina ukwaziswa komhlaba wonke okugcinwa ezintweni zobuchwepheshe. Ngenxa yalokho, i-DNA iye yabhekwa “njengomshini we-computer ongenakuqhathaniswa wokugcina ukwaziswa.”

Ucabangani? Ingabe ikhono le-DNA lokugcina ukwaziswa laba khona ngokuziphendukela kwemvelo noma ingabe laklanywa?