Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | UPAOLA CHIOZZI

Isazi Samakhemikhali Ezinto Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso

Isazi Samakhemikhali Ezinto Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso

Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-20, uDkt. Paola Chiozzi esebenza njengesazi sesayensi yamangqamuzana eNyuvesi yaseFerrara e-Italy. I-Phaphama! yambuza ngesayensi nangokholo lwakhe.

Ake usitshele ngesizinda sakho.

Ubaba wayekhanda izicathulo, kanti umama wayesebenza epulazini. Kodwa mina ngangifuna ukuba ngusosayensi. Izimbali ezinhle, izinyoni nezinambuzane engangizibona ekhaya kwakungithakazelisa. Nganginomuzwa wokuthi zenziwa othile onokuhlakanipha okungaphezu kokomuntu.

Okusho ukuthi ubulokhu ukholelwa kuMdali?

Akunjalo. Eqinisweni, ngaqala ngisemncane ukuyingabaza indaba kaNkulunkulu. Ubaba wabulawa isifo senhliziyo kungalindelekile, futhi ngazibuza, ‘UMdali wezinto eziningi kangaka ezinhle angakuvumela kanjani ukuhlupheka nokufa?’

Ingabe ucwaningo lwakho lwesayensi lwakusiza wathola impendulo?

Akubanga njalo ekuqaleni. Lapho ngiba isazi sesayensi yamangqamuzana, ngaqala ukufunda ngokufa kwamangqamuzana—okuyinqubo engokwemvelo yokufa kwamangqamuzana akha imizimba yethu. Lokhu kwehluke kakhulu kulokho okungekhona okwemvelo okubangela ukuvuvukala nezilonda ezingapholi. Kuze kwaba seminyakeni embalwa edlule, ososayensi bengayinakile kangako le nqubo, nakuba ibaluleke kakhulu empilweni yethu.

Kubaluleke ngani ukufa kwamangqamuzana okungokwemvelo?

Imizimba yethu yakhiwa izigidigidi zamangqamuzana angabonakali ngamehlo. Wonke kumelwe afe bese kuvela amanye. Uhlobo ngalunye lwamangqamuzana luphila isikhathi esingefani nesolunye; amanye athatha amasonto ambalwa abese efa kanti amanye athatha iminyaka embalwa. Inqubo yomzimba yokufa kwamangqamuzana okungokwemvelo kufanele ihambe kahle ukuze le nqubo ebucayi yokufa kwamangqamuzana  nokwakheka kwamanye ingaphazamiseki.

Yini engase yonakale?

Olunye ucwaningo lubonisa ukuthi lapho amangqamuzana engafi ngesikhathi esifanele, lokho kungabangela isifo sokuqaqamba kwamalunga omzimba noma umdlavuza. Ngakolunye uhlangothi, lapho amangqamuzana efa ngaphambi kwesikhathi esifanele, lokho kungabangela isifo i-Parkinson noma i-Alzheimer. Ucwaningo lwami luhilela nokuthola izindlela zokwelapha lezi zifo.

Ukucwaninga kwakho ngokufa kwamangqamuzana kwakuthinta kanjani?

Uma ngikhuluma iqiniso, kwangishiya ngimangele. Kusobala ukuthi le nqubo emangalisayo yaklanywa ngumuntu ofuna sibe nempilo enhle. Noma kunjalo, ngangisasele nombuzo, Kungani abantu behlupheka futhi befa? Angikwazanga ukuthola impendulo.

Kodwa wawukholisekile ngokuthi inqubo yokufa kwamangqamuzana engokwemvelo yaklanywa.

Yebo. Ukuba yinkimbinkimbi kwayo yonke le nqubo akukholeki, nokho ubuhle bayo bubonisa ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa. Ngikholelwa ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngisebenzisa izibonakhulu ezinamandla ukuze ngicwaninge ngezimiso eziningi eziyinkimbinkimbi ezilawula le nqubo. Ezinye zazo zingabangela ukuqala kwenqubo yokufa kwamangqamuzana ngemizuzwana nje uma kudingeka. Amangqamuzana nawo ayahlanganyela kulokhu. Indlela le nqubo eklanywe kahle ngayo iyamangalisa.

Njengoba cishe wonke amangqamuzana asemzimbeni wethu efa futhi kuvele amanye, ukuphila phakade kungenzeka ngempela

Wawunemibuzo ngoNkulunkulu nangokuhlupheka. Wazithola kanjani izimpendulo?

Ngo-1991, kwafika abafana ababili abangoFakazi BakaJehova emzini wami futhi ngababuza ukuthi kungani sifa. Bangibonisa le mpendulo yeBhayibheli: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.” (Roma 5:12) Ukube umuntu wokuqala wayemlalelile uNkulunkulu, wayezophila phakade. Ngavele ngabona ukuthi lokhu kuyavumelana nalokho engangikufundile lapho ngicwaninga. Empeleni, kuyangikhanyela ukuthi uNkulunkulu wayengahlosile ukuba abantu bafe. Njengoba cishe wonke amangqamuzana asemzimbeni wethu efa futhi kuvele amanye, ukuphila phakade kungenzeka ngempela.

Yini eyakukholisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu?

Ngafunda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngoNkulunkulu kweyamaHubo 139:16: “Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho.” Njengososayensi wezinto eziphilayo, ngicwaninga ngezakhi zofuzo ezitholakala emangqamuzaneni ethu. Umhubi wayezazi kanjani lezi zinto? Lapho ngifunda okwengeziwe ngeBhayibheli, ngaqiniseka nakakhulu ukuthi liphefumulelwe uNkulunkulu.

Waluthola kanjani usizo lokuqonda lokho okufundiswa yiBhayibheli?

Omunye woFakazi BakaJehova wacela ukungifundela iBhayibheli. Ekugcineni, ngathola ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Ngafunda nokuthi, njengoba kusho iBhayibheli, uNkulunkulu uhlose ‘ukukugwinya ukufa kuze kube phakade.’ (Isaya 25:8) Kuyoba lula kuMdali wethu ukwenza isimiso somzimba wethu esimangalisayo sisebenze ngokuphelele ukuze sikwazi ukujabulela ukuphila okungenasiphelo.

Ulusebenzise kanjani ulwazi lwakho lweBhayibheli ukuze usize abanye?

Ngaba ngomunye woFakazi BakaJehova ngo-1995 futhi kusukela lapho ngiye ngahlanganyela ngokukhululekile nabanye izinto engizifunde eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, engangisebenza naye wayelusizi ngemva kokuba umfowabo ezibulele. Isonto lakhe lifundisa ukuthi uNkulunkulu akalokothi abathethelele abantu abazibulele. Kodwa ngambonisa ukuthi iBhayibheli lilinikeza kanjani ithemba lovuko. (Johane 5:28, 29) Waduduzeka kakhulu lapho ezwa ukuthi uMdali wethu uyasikhathalela. Ngezikhathi ezinjalo, ngiba nomuzwa wokuthi ukuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabanye kungilethela ukwaneliseka okwengeziwe kunesayensi!