Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI

Yini Engingayenza Uma Ingane Yami Ihlushwa Yisiqhwaga?

Yini Engingayenza Uma Ingane Yami Ihlushwa Yisiqhwaga?

 Ingane yakho ithi kukhona oyihluphayo esikoleni. Yini ongayenza? Ungacindezela isikole ukuba simjezise lowo oyihluphayo? Ungayifundisa indlela yokuzilwela? Ngaphambi kokunquma ukuthi yini ongayenza, nawa amaqiniso okufanele ucabange ngawo.

 Yini okufanele ngiyazi ngokuhlushwa yisiqhwaga?

 Kunini lapho kungashiwo khona ukuthi ingane ihlushwa yisiqhwaga? Uma umuntu ehlushwa yisiqhwaga usuke ehlukunyezwa othile ngamabomu nangokuqhubekayo, kungaba ngezenzo noma ngamazwi abuhlungu. Ngakho ngezinye izikhathi, amazwi endelelo noma izenzo ezingabonisi umusa kungase kungabi ukuhlushwa yisiqhwaga.

 Okwenza le ndaba ibaluleke: Abanye abantu babheka ukuphathwa kabi nganoma iyiphi indlela “njengokuhlushwa yisiqhwaga,” noma ngabe leyo nto incane kangakanani. Uma uthatha izinto eziwubala uzenza zibe nkulu, ungaqondile ungase uphuce ingane yakho ithuba lokufunda ukuzixazululela ukungezwani okungase kube khona​—okuyikhono elidingayo neliyoyisiza manje nalapho isindala.

 Okushiwo iBhayibheli: “Ungasheshi ukucasuka.”​—UmShumayeli 7:9.

 Nakhu okubalulekile: Nakuba zikhona izimo okungadingeka usize kuzo, ezinye zinika ingane yakho ithuba lokufunda ukuphikelela nokuphilisana nabanye.​—Kolose 3:​13.

 Kuthiwani kodwa uma ingane yakho ithi kukhona olokhu eqhubeka eyihlupha ngamabomu?

 Yini engingayenza?

  •   Yilalele ngesineke ingane yakho. Zama ukuthola ukuthi (1) kwenzekani ngempela nokuthi (2) kungani ihlushwa. Ungasheshi ufinyelele esiphethweni ungakawatholi wonke amaqiniso. Zibuze, ‘Kukhona yini okungenzeka angikwazi ngale ndaba?’ Ukuze uthole okwengeziwe ngendaba kungase kudingeke ukuba ukhulume nothisha wengane yakho noma nabazali bengane okuthiwa iyayihlupha.

     Okushiwo iBhayibheli: “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ezwe amaqiniso, lokho kungubuwula nokuhlazeka.”​—IzAga 18:13.

  •   Uma ingane yakho ihlushwa ngempela, yisize ibone ukuthi isimo singaba sibi nakakhulu noma sibe ngcono, kuye ngendlela yona esabela ngayo. IBhayibheli lithi: “Impendulo emnene iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elihlabayo libangela ulaka.” (IzAga 15:1) Ukuziphindiselela kungase kungayiqedi inkinga, kunalokho kungenza ingane yakho ihlushwe nakakhulu.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ningabuyiseli okubi ngokubi noma ukuthukwa ngokuthuka.”​—1 Petru 3:9.

  •   Yichazele ingane yakho ukuthi ukungaziphindiseleli akusho ukuthi iyigwala. Kunalokho isuke ibonisa ukuthi iyakwazi ukuzibamba nokuthi ayimvumeli lowo muntu ukuba ayilawule. Ngokunqaba ukuziphindiselela, isuke ilwa nesiqhwaga ngaphandle kokuba nayo iphenduke isiqhwaga.

     Kubalulekile ukuba ingane yakho ikukhumbule lokho, ikakhulukazi uma ihlushwa yisiqhwaga ezindaweni zokuxhumana nge-inthanethi. Ngokuqophisana nesiqhwaga kuyi-inthanethi ingane yakho isuke inikeza leso siqhwaga imvume yokuqhubeka, futhi ingase izibeke engozini yokuba nayo ibekwe icala lokuba yisiqhwaga! Ngakho ngezinye izikhathi indlela engcono kakhulu yokuphendula isiqhwaga ukungasiphenduli nhlobo. Ukwenza kanjalo kungasiqeda amandla leso siqhwaga.

     Okushiwo iBhayibheli: “Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima.”​—IzAga 26:20.

  •   Kwezinye izimo ingane yakho ingakubalekela ukuhlushwa ngokugwema abantu abavame ukuba yiziqhwaga nezindawo abavame ukutholakala kuzo. Ngokwesibonelo, uma yazi ukuthi indawo ethile ivame ukuba neziqhwaga, ingayigwema leyo ndawo ngokuhamba ngenye indlela.

     Okushiwo iBhayibheli: “Onokuqonda uyayibona ingozi acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka behamba bese beyavuna.”​—IzAga 22:3.

Kungase kudingeke ukhulume nothisha wengane yakho noma nabazali bengane eyihluphayo

 ZAMA LOKHU: Siza ingane yakho ibone okuhle nokubi ngesinqumo ngasinye engase isithathe. Ngokwesibonelo:

  •  Yini engenzeka uma inquma ukusiziba isiqhwaga?

  •  Yini engenzeka uma ngesibindi ingatshela isiqhwaga ukuba siyeke ukuyihlupha?

  •  Yini engenzeka uma ibikela isikole ngakho?

  •  Yini engenzeka uma ingabonisa isiqhwaga umusa noma ikuphendule ihlaya lokho esikushoyo noma esikwenzayo?

 Isimo ngasinye siyahluka. Ngakho wena nengane yakho kumele nithole isixazululo esizophumelela. Yiqinisekise ukuthi uzoyisiza, ngeke ibhekane nesimo iyodwa.

 Okushiwo iBhayibheli: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”​—IzAga 17:17.