Dlulela kokuphakathi

Wayeshade Nobani UKhayini?

Wayeshade Nobani UKhayini?

Impendulo yeBhayibheli

UKhayini, ingane yokuqala ka-Adamu no-Eva, washada nodadewabo noma nesihlobo sakhe. Okushiwo iBhayibheli ngoKhayini nomndeni wakhe, yikho okwenza siphethe kanjalo.

Amaqiniso ngoKhayini nomndeni wakhe

  • Bonke abantu bavela ku-Adamu no-Eva. ‘Ngomuntu oyedwa, u-Adamu, uNkulunkulu wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.’ (IzEnzo 17:26) U-Eva, inkosikazi ka-Adamu, waba “ngunina wabo bonke abantu abaphilayo.” (Genesise 3:20) Ngakho uKhayini kufanele ukuba washada nenye yezingane zika-Adamu no-Eva.

  • UKhayini nomfowabo u-Abela, babeyizingane zokuqala zika-Eva. (Genesise 4:​1, 2) Ngemva kokuba uKhayini exoshiwe ngoba ebulale umfowabo, wakhononda wathi: “Noma ubani ongitholayo uyongibulala.” (Genesise 4:14) Wayesaba bani? IBhayibheli lithi u-Adamu “wazala amadodana namadodakazi.” (Genesise 5:4) Kusobala ukuthi uKhayini wayesaba lezo zingane zika-Adamu no-Eva.

  • Ekuqaleni kwakuvamile ukuba abantu abayizihlobo bashadane. Ngokwesibonelo, u-Abrahama, indoda ethembekile, washada nodadewabo uyise amthola komunye umama. (Genesise 20:12) Kubonakala sengathi ngaleso sikhathi izingane ezizizalwa abantu bandawonye zazingakhubazeki njengoba kwenzeka namuhla. Lo mkhuba waze wenqatshelwa ngesikhathi uMose enikezwa umthetho, okuyinto eyenzeka ngemva kwamakhulu eminyaka uKhayini azalwa.​—Levitikusi 18:​9, 12, 13.

  • IBhayibheli libonisa ukuthi indaba ka-Adamu no-Eva nomndeni wabo iyiqiniso. Incwadi kaGenesise eyabhalwa uMose, akuyona kuphela enohlu lozalo olusuka ku-Adamu, ngisho nezincwadi ezabhalwa izazi zomlando u-Ezra noLuka zinalo lolu hlu. (Genesise 5:3-5; 1 IziKronike 1:1-4; Luka 3:38) Ababhali beBhayibheli bathi indaba kaKhayini yenzeka ngempela.​—Hebheru 11:4; 1 Johane 3:12; Jude 11.