Dlulela kokuphakathi

Umthandazo Obizwa NgoBaba Wethu Osezulwini—Ingabe Uyindlela Efanele Yokuthandaza?

Umthandazo Obizwa NgoBaba Wethu Osezulwini—Ingabe Uyindlela Efanele Yokuthandaza?

Impendulo yeBhayibheli

 Umthandazo obizwa ngokuthi uBaba Wethu Osezulwini uyasisiza sazi ukuthi kuthandazwa kanjani nokuthi sithandazele ini. UJesu wawusho ngesikhathi ephendula abafundi bakhe, ababethi: “Nkosi, sifundise ukuthandaza.” (Luka 11:1) Nokho, uBaba Wethu Osezulwini, noma uMthandazo WeNkosi, akuwona wodwa umthandazo uNkulunkulu awamukelayo. a UJesu wawusho ukuze enze isibonelo semithandazo uNkulunkulu ayilalelayo.

Kulesi sihloko

 Uthini umthandazo obizwa ngoBaba Wethu Osezulwini?

 Lo mthandazo, okuMathewu 6:9-13, ubhalwe ngamagama ahlukile emaBhayibhelini amaningi. Nazi izibonelo ezimbili.

 IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. UMbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni njengasezulwini. Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku; usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi. Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.”

 IBhayibheli Elingcwele: “Baba wethu osezulwini‚ malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu‚ njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni‚ kodwa usikhulule kokubi.” b

 Usho ukuthini umthandazo okuthiwa uBaba Wethu Osezulwini?

 Ukufundisa kukaJesu kwakuvumelana neminye imiBhalo, ngakho singalindela ukuthi ezinye izingxenye zeBhayibheli zisisize siqonde incazelo yalo mthandazo.

“Baba wethu osemazulwini”

 Kuyinto efanele ukubiza uNkulunkulu ngokuthi “Baba wethu” ngoba wasidala futhi wasinika ukuphila.—Isaya 64:8.

“Malingcweliswe igama lakho”

 Igama likaNkulunkulu elithi Jehova, kufanele lihlonishwe, noma liphathwe njengelingcwele. Abantu bangcwelisa igama likaNkulunkulu lapho bekhuluma ngezimfanelo zakhe nalapho betshela abanye ngezinjongo zakhe.—IHubo 83:18; Isaya 6:3.

“UMbuso wakho mawuze”

 UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini, uJesu uyiNkosi yawo. UJesu wasifundisa ukuba sithandazele lo hulumeni ukuba usibuse emhlabeni wonke.—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 11:15.

“Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni njengasezulwini”

 Njengoba bungekho ububi noma ukufa ezulwini, intando kaNkulunkulu ngomhlaba ukuba abantu baphile phakade kuwo ngokuthula nangokuphepha.—IHubo 37:11, 29.

“Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku”

 Ngezikhathi zikaJesu, isinkwa sasiwukudla okubalulekile. Kufanele sikhumbule ukuthi sincike kuMdali wethu ukuba asinike izinto esizidingayo ukuze siphile.—IzEnzo 17:24, 25.

“Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi”

 Kulo mongo, kungaphinde kusetshenziswe igama elithi izono esikhundleni selithi “amacala.” (Luka 11:4) Bonke abantu bayona, badinga ukuthethelelwa. Kodwa uma sifuna uNkulunkulu asithethelele, kumele sizimisele ukuthethelela abanye abasonayo.—Mathewu 6:14, 15.

“Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi”

 UJehova uNkulunkulu akalokothi asilinge ukuba senze okubi. (Jakobe 1:13) Kodwa silingwa “omubi,” uSathane uDeveli—obuye abizwe ngokuthi “uMlingi.” (1 Johane 5:19; Mathewu 4:1-4) Sicela uJehova ukuba angavumi sinqotshwe isilingo sokungamlaleli.

 Ingabe ukuwuphindaphinda kuwukuphela kwendlela yokuthandaza?

 UJesu wasebenzisa umthandazo uBaba Wethu Osezulwini njengesibonelo. Akufanele kuphindaphindwe igama negama lalowo mthandazo. Ngaphambi nje kokusho lo mthandazo, uJesu wanikeza nasi isixwayiso: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.” (Mathewu 6:7) Ngesikhathi esho lo mthandazo oyisibonelo kwesinye isenzakalo, wasebenzisa amagama ahlukile.—Luka 11:2-4.

 Indlela engcono kakhulu yokuthandaza ukukhuluma ngobuqotho ukhiphe okusenhliziyweni.—IHubo 62:8.

 Kufanele sithandaze kanjani?

 UBaba Wethu Osezulwini uyasisiza sibone ukuthi singathandaza kanjani uNkulunkulu asizwe. Phawula indlela ovumelana ngayo namanye amavesi eBhayibheli.

  •   Thandaza kuNkulunkulu kuphela

     UmBhalo: “Zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.

     Incazelo: Imithandazo yethu kufanele iqondiswe kuNkulunkulu hhayi kuJesu, kuMariya, noma kosanta. Amagama okuqala athi, “Baba Wethu,” asifundisa ukuthi kufanele sithandaze kuJehova uNkulunkulu kuphela.

  •   Thandazela izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu

     UmBhalo: “Noma yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa.”—1 Johane 5:14.

     Incazelo: Singathandazela noma yini evumelana nentando kaNkulunkulu. UJesu wasifundisa indlela ebaluleke ngayo intando kaNkulunkulu ngokufaka inkulumo ethi “intando yakho mayenzeke” kulo mthandazo. Intando kaNkulunkulu ngabantu nangomhlaba singafunda ngayo ngokutadisha iBhayibheli.

  •   Thandaza ngezinto ezikukhathazayo

     UmBhalo: “Phonsa umthwalo wakho kuJehova, yena uyokusekela.”—IHubo 55:22.

     Incazelo: UNkulunkulu uyakhathazeka ngezinkinga zethu. Njengoba noJesu enza izicelo eziningana emthandazweni obizwa ngoBaba Wethu Osezulwini, nathi singazithandazela izidingo zethu zansuku zonke, nesiqondiso lapho senza izinqumo ezinkulu, nosizo lapho sisenkingeni, kanye nokuthethelelwa kwezono zethu. c

a Ngokwesibonelo, uJesu nabafundi bakhe benza eminye imithandazo bengasebenzisi amagama afana ncamashi nakulo mthandazo oyisibonelo.—Luka 23:34; Filipi 1:9.

b IBhayibheli Elingcwele liphetha uBaba Wethu Osezulwini ngamagama athi: “Ngokuba umbuso ungowakho‚ namandla; nenkazimulo‚ kuze kube phakade. Amen.” Le nkulumo yokudumisa uNkulunkulu, iyatholakala nakwamanye amaBhayibheli, ibizwa nangokuthi i-doxology. Nokho i-Jerome Biblical Commentary ithi: “I-doxology . . . ayitholakali [emibhalweni yesandla] enokwethenjelwa kakhulu.”

c Abantu abanomuzwa wokuthi badinga intethelelo kaNkulunkulu bangase bacabange ukuthi akufanele bathandaze ngenxa yesono abasenzile. Kodwa uJehova uyabanxusa: “Masilungise izindaba phakathi kwethu.” (Isaya 1:18) Uyokwamukela noma ubani oyifuna ngobuqotho intethelelo yakhe.