Dlulela kokuphakathi

UMariya UnguMama KaNkulunkulu Yini?

UMariya UnguMama KaNkulunkulu Yini?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, iBhayibheli alifundisi ukuthi uMariya ungumama kaNkulunkulu nokuthi amaKristu kufanele akhonze noma adumise uMariya. a Cabanga ngalokhu:

  • UMariya akakaze athi ungumama kaNkulunkulu. IBhayibheli alisho ukuthi wazala uNkulunkulu kodwa lithi wazala ‘iNdodana YoPhezukonke,’ noma “iNdodana kaNkulunkulu.”​—Luka 1:​32, 35.

  • UJesu Kristu akakaze athi uMariya ungumama kaNkulunkulu, noma athi kumelwe adunyiswe. Empeleni wakhuza owesifazane owayedumisa uMariya ngokuba umama kaJesu, wathi kuye: “Cha, kunalokho, bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”​—Luka 11:27, 28.

  • Inkulumo ethi “uMama kaNkulunkulu” nethi “Theotokos” (ozala uNkulunkulu), ayikho eBhayibhelini.

  • EBhayibhelini inkulumo ethi “iNdlovukazi Yamazulu” ayibhekiseli kuMariya, kunalokho ibhekisela kunkulunkulukazi wamanga owayekhonzwa ama-Israyeli ayehlubukile. (Jeremiya 44:15-​19) Kungenzeka ukuthi leyo “Ndlovukazi Yamazulu” yayingu-Ishtar (u-Astarte), unkulunkulukazi waseBhabhiloni.

  • AmaKristu okuqala awazange amkhonze uMariya noma amdumise. Esinye isazimlando sithi amaKristu okuqala “ayengeke ahambisane nalowo mkhuba, futhi kungenzeka ayesaba ukuthi ukunaka kakhulu uMariya kwakungawenza abhekwe njengakhonza onkulunkulukazi bamanga.”​—In Quest of the Jewish Mary.

  • IBhayibheli lithi uNkulunkulu ubelokhu ekhona. (IHubo 90:​1, 2; Isaya 40:28) Njengoba engenaso isiqalo, ngeke kwenzeke ukuthi unomama. Ngaphandle kwalokho, uMariya wayengeke akwazi ukuthwala uNkulunkulu esibelethweni sakhe, iBhayibheli lithi ngisho namazulu awakwazi ukumthwala.​—1 AmaKhosi 8:​27.

UMariya ungumama kaJesu, akayena “uMama kaNkulunkulu”

UMariya wayengumJuda, engowesizukulwane seNkosi uDavide. (Luka 3:​23-​31) UNkulunkulu wayemthanda ngoba wayenokholo futhi ezinikele. (Luka 1:​28) UNkulunkulu wamkhetha ukuba abe umama kaJesu. (Luka 1:​31, 35) UMariya nomyeni wakhe uJosefa babenazo ezinye izingane.​—Marku 6:3.

Nakuba iBhayibheli libonisa ukuthi uMariya waba umfundi kaJesu, alisho okuningi ngaye.​—IzEnzo 1:​14.

a Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi uMariya ungumama kaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi zimbiza ngokuthi “iNdlovukazi Yamazulu” noma ngokuthi u-Theotokos, okuyigama lesiGreki elisho ukuthi “ozala uNkulunkulu.”