Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?

Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli lifundisa ukuthi ukungayilawuli intukuthelo kuyingozi, kulowo oyifukamelayo nakulabo abamzungezile. (IzAga 29:22) Nakuba ngezinye izikhathi kungenzeka kube nezizathu ezizwakalayo zokuthukuthela, iBhayibheli lithi labo abaqhubeka ‘benesifuthefuthe sentukuthelo’ ngeke basindiswe. (Galathiya 5:​19-​21) IBhayibheli lineziqondiso ezingasiza umuntu akwazi ukulawula intukuthelo.

 Zikhona yini izizathu ezizwakalayo zokuthukuthela?

Yebo. Ngezinye izikhathi siyaba nazo izizathu zokuthukuthela. Ngokwesibonelo, indoda ethembekile uNehemiya ‘yathukuthela kakhulu’ lapho izwa ngokucindezelwa kwabantu eyayikhonza nabo uNkulunkulu.​—Nehemiya 5:6.

NoNkulunkulu uyathukuthela ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, lapho abantu bakhe endulo bephula isivumelwano ababesenze naye base beqala ukukhonza abanye oNkulunkulu, ‘intukuthelo kaJehova yabavuthela.’ (AbaHluleli 2:13, 14) Noma kunjalo, uNkulunkulu akaziwa ngokuba nentukuthelo. Uma ethukuthela kusuke kunesizathu esihle, futhi intukuthelo yakhe uyayilawula ngaso sonke isikhathi.​—Eksodusi 34:6; Isaya 48:9.

 Kunini lapho ukuthukuthela kungafanele khona?

Intukuthelo yimbi uma singekho isizathu esizwakalayo sayo nalapho ingalawulwa, okuyinto abantu abanesono abavame ukuyenza. Ngokwesibonelo:

  • UKhayini ‘wathukuthela kakhulu’ lapho uJehova engawamukeli umhlatshelo wakhe. UKhayini wavumela ukuba intukuthelo ikhule, waze wabulala umfowabo.​—Genesise 4:​3-8.

  • Umprofethi uJona “wavutha ngentukuthelo” lapho uJehova ebonisa abaseNineve umusa. UNkulunkulu wakulungisa ukucabanga kukaJona, embonisa ukuthi ‘kwakungalungile ukuvutha kwakhe ngentukuthelo’ nokuthi kwakufanele abonise umusa kulabo ababezisola ngobubi babo.​—Jona 3:10–​4:​1, 4, 11. a

Lezi zibonelo zibonisa ukuthi, “intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.”​—Jakobe 1:​20.

 Ungayilawula kanjani intukuthelo?

  • Cabanga ngezingozi zokungayilawuli intukuthelo. Abanye bangase bacabange ukuthi ukuveza intukuthelo kubonisa ukungesabi. Empeleni, umuntu ohlukela ukulawula intukuthelo usuke ebonisa ubuthaka. ‘Umuntu ongayibambi intukuthelo yakhe unjengomuzi ofohliwe, ongenalo udonga.’ (IzAga 25:28; 29:11) Kodwa lapho silawula intukuthelo yethu, sisuke sibonisa isibindi sangempela nokuqonda. (IzAga 14:29) IBhayibheli lithi: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.”​—IzAga 16:32.

  • Funda ukulawula intukuthelo ngaphambi kokwenza into ozozisola ngayo. IHubo 37:8 lithi: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka. Ungafuthelani ukuba nje wenze okubi.” Phawula ukuthi uma sizizwa sithukuthela, singakwazi ukuyidlulisa into esicasulayo ngaphambi kokuba size ‘senze okubi.’ Njengoba sifunda encwadini yabase-Efesu 4:​26, “thukuthelani, kodwa ningoni.”

  • Uma kungenzeka, hamba uma uzizwa usuqala ukuthukuthela. IBhayibheli lithi: “Ukuqala kombango kunjengomuntu ovulela amanzi; ngakho ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.” (IzAga 17:14) Nakuba kuwukuhlakanipha ukulungisa indaba ngokushesha, kodwa zinikeni isikhathi sokwehlisa umoya ngaphambi kokuzama ukulungisa indaba.

  •   Thola amaqiniso ngendaba. UmBhalo wezAga 19:11 uthi: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.” Kuwukuhlakanipha ukuthola wonke amaqiniso ngendaba ngaphambi kokufinyelela iziphetho. Uma sizinika isikhathi sokuthola wonke amaqiniso, siyogwema ukuthukuthela ngokungadingekile.​—Jakobe 1:​19.

  •   Thandazela ukuthula kwengqondo. Umthandazo ungakusiza uthole “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” (Filipi 4:7) Umthandazo ungenye yezindlela esingacela ngazo umoya ongcwele kaNkulunkulu, ongasisiza sibe nokuthula, ukubekezela, nokuzibamba.​—Luka 11:13; Galathiya 5:​22, 23.

  • Bakhethe kahle abangane bakho. Sivame ukufana nabantu esichitha nabo isikhathi sethu. (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Yingakho iBhayibheli lisixwayisa: “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo.” Isizathu? “Ukuze ungajwayelani nezindlela zakhe futhi ngokuqinisekile uthathele umphefumulo wakho ugibe.”​—IzAga 22:24, 25.

a Kubonakala sengathi uJona wakwamukela ukulungiswa wayeka ukuthukuthela, ngoba kamuva uNkulunkulu wamsebenzisa ekubhaleni ingxenye yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe.