Dlulela kokuphakathi

Ingabe UNkulunkulu Wadala UDeveli?

Ingabe UNkulunkulu Wadala UDeveli?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu akazange amdale uDeveli. Kunalokho, wadala ingelosi eyaphenduka uDeveli. Ngokuphathelene noNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.” (Duteronomi 32:3-5) Ngokwala mazwi, singaphetha ngokuthi ekuqaleni uSathane uDeveli wayephelele, elungile, engenye yamadodana kaNkulunkulu ayizingelosi.

KuJohane 8:44, uJesu wathi uDeveli “akazange ame aqine eqinisweni” okusho ukuthi ekuqaleni wayenalo iqiniso futhi engenacala.

Nokho, njengazo zonke izidalwa zikaJehova ezihlakaniphile, ingelosi eyaba uSathane yayinenkululeko yokukhetha phakathi kokulungile nokungalungile. Ngokukhetha inkambo yokumelana noNkulunkulu nokufaka abantu bokuqala umoya wokuba nabo bahlubuke uNkulunkulu, yazenza uSathane, okusho “uMphikisi.”—Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9.