Dlulela kokuphakathi

Ubukeka Kanjani UDeveli?

Ubukeka Kanjani UDeveli?

Impendulo YeBhayibheli

 UDeveli ungumuntu ongumoya, okusho ukuthi ngeke ukwazi ukumthinta.—Efesu 6:11, 12.

 Abantu bavame ukuchaza uDeveli njengesilwane esithile esisambuzi enezimpondo nomsila futhi esiphethe imfoloko. Abanye bathi le ndlela achazwa ngayo yaqalwa abadwebi bezinto ezikhuluma ngeBhayibheli cishe nabo ababethonywe yizinkolelo ezazixoxwa emphakathini noma yizinto ezithile zasendulo.

 Limchaza kanjani iBhayibheli uSathane?

 IBhayibheli lisebenzisa iziqhathaniso kaningi uma likhuluma ngoDeveli. Lokhu kusisiza siqonde ubuntu bakhe hhayi ukubukeka kwakhe. Nazi ezinye iziqhathaniso:

  •   Ingelosi yokukhanya. Wenza sengathi kukhona okuhle angakunikeza abantu ukuze azame ukubenza balandele izimfundiso zakhe kunokuba balandele ezikaNkulunkulu.—2 Korinte 11:14.

  •   Ibhubesi elibhongayo. Uhlasela abakhulekeli bakaNkulunkulu ngesihluku.—1 Petru 5:8.

  •   Udrako omkhulu. Mubi, unamandla, uyaqothula.—IsAmbulo 12:9.