Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bengasisebenzisi Isiphambano Ekukhulekeleni?

Kungani OFakazi BakaJehova Bengasisebenzisi Isiphambano Ekukhulekeleni?

 Abantu abaningi babheka isiphambano njengophawu lobuKristu. Nakuba oFakazi BakaJehova bengamaKristu, abasisebenzisi isiphambano ekukhulekeleni kwabo. Ngani?

 Esinye isizathu ukuthi iBhayibheli libonisa ukuthi uJesu akafelanga esiphambanweni kodwa esigxotsheni. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liwaxwayisa ngokuqinile amaKristu ukuba ‘abalekele ukukhonza izithombe,’ okusho ukuthi akufanele sisebenzise isiphambano ekukhulekeleni kwethu.​—1 Korinte 10:14; 1 Johane 5:​21.

 Ngokuphawulekayo, uJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:34, 35) Ngalokho uJesu wabonisa ukuthi uthando lokuzidela​—hhayi isiphambano nanoma isiphi isithombe—lwaluyoba uphawu lwabalandeli bakhe beqiniso.