Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Komndeni Nabangane

Ukuphila Komndeni Nabangane

Kubantu abaningi, kunzima ukuba nobuhlobo obuhle nomndeni nabangane. Cabanga ngezinye zezinto ezishiwo yiBhayibheli ezingakusiza uthuthukise ubuhlobo onabo nabanye.

UNGABI NOBUGOVU

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

KUSHO UKUTHINI? Singaba nobuhlobo obuhle nabanye uma sigxila kulokho esingabenzela kona kunalokho abangasenzela kona. Ungabulimaza ubuhlobo bakho nabanye uma unobugovu. Ngokwesibonelo, umuntu oshadile onobugovu angase angathembeki kulowo ashade naye. Ngaphezu kwalokho, akekho umuntu ofuna ukuba umngane nomuntu ohlale eqhosha ngalokho anakho noma ngalokho akwaziyo. Enye incwadi ethi The Road to Character yathi, “abantu abazikhathalela bona kuphela bengabacabangeli abanye bazoba nezinkinga eziningi.”

ONGAKWENZA:

  • Siza abanye. Abangane abahle bayathembana futhi bahlale bezimisele ukusizana. Olunye ucwaningo lwabonisa ukuthi abantu abasiza abanye abavamile ukuhlaselwa isifo sokucindezeleka futhi lokho kuthuthukisa ukuzethemba kwabo.

  • Bonisa uzwela. Uzwela luye lwachazwa ngokuthi ukuzwa ubuhlungu bomunye umuntu enhliziyweni yakho. Uma ubonisa uzwela, ayoba mancane amathuba okusebenzisa inkulumo ebhuqayo, okungamazwi anjengehlaya kodwa ahlosele ukulimaza imizwa yabanye.

    Lapho ubonisa uzwela, uyakwazi ukubekezelela abanye abantu. Ngaleyo ndlela, uzwela lungakusiza ugweme ukubandlulula futhi uzakhele abangane abanamasiko nezizinda ezingafani nezakho.

  • Chitha isikhathi nabanye. Uyobazi kangcono abanye lapho uchitha isikhathi nabo. Uma ufuna ukuba nomngane okahle, kudingeka ukhulume ngezinto azithandayo nezinto ezibalulekile kuye. Ngakho yiba isilaleli esihle. Bonisa ukuthi unendaba nezinto umngane wakho azithandayo. Ucwaningo lwamuva lubonisa ukuthi “izingxoxo ezakhayo empeleni zenza abantu bajabule.”

KHETHA ABANGANE NGOKUHLAKANIPHA

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.

KUSHO UKUTHINI? Abantu ozihlanganisa nabo bangaba nethonya elihle noma elibi kuwe. Izazi zezokuhlalisana kwabantu zithi, abangane bomuntu bangaba nethonya elikhulu ezingxenyeni eziningi zokuphila kwakhe. Ngokwesibonelo, kuthiwa uma uhlala nabangane ababhemayo noma abadivosayo kungase kwenzeke nawe uqale ukubhema noma ukufuna ukudivosa.

ONGAKWENZA: Yiba nabangane abanobuntu obuhle nabaphila ngendlela oyithandayo noma ofuna ukuyilingisa. Ngokwesibonelo, zihlanganise nabantu abangabaphathi kabi abanye, abahloniphayo, abaphanayo nabamukela abanye.

AMANYE AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA

Bukela amavidiyo asekelwe eBhayibhelini enzelwe ukusiza abantu abashadile, intsha nezingane ukuze bathuthukise ukuphila komndeni wabo

GWEMA INKULUMO EHLABAYO.

“Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba.”—IZAGA 12:18.

YIBA OPHANAYO.

“Umphefumulo ophanayo uyokhuluphaliswa.”—IZAGA 11:25.

PHATHA ABANYE NGENDLELA OFUNA BAKUPHATHE NGAYO.

“Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—MATHEWU 7:12.