Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LIBRARY

Ukuhlela Ikhasi Ngendlela Oyithandayo​—Kuyi-Android

Ukuhlela Ikhasi Ngendlela Oyithandayo​—Kuyi-Android

I-JW Library inezinto eziningana ezenza kube mnandi ukufunda. Lezi zinto zisesikhaleni sezinto zokuthubeleza phezulu esikrinini lapho ufunda isahluko noma isihloko.

Ukuze ubone ezinye zalezi zinto, kungase kudingeke uthinte inkinobho ethi Okunye.

Ukuze uhlele ikhasi ngendlela oyithandayo, landela lezi ziyalezo:

 Ukushintsha Ulimi

Ungalushintsha ulimi lwesahluko noma isihloko osifundayo.

  • Thinta inkinobho yeZilimi ukuze ubone zonke izilimi ikhasi olifundayo elitholakala ngazo. Izilimi ovame ukuzisebenzisa ziba sekuqaleni kohlu. INqabayokulinda eyenziwe lula nayo iyavela lapha. Uma uthanda, ungamane ulubhale ulimi olufunayo.

  • Izilimi ongakazidawunilodi zinesithonjana sefu. Thinta ulimi ukuze udawunilode incwadi yalo. Uma leyo ncwadi isidawunilodekile, isithonjana sefu siyanyamalala. Phinda uthinte ulimi ukuze uyifunde.

 Ukushintsha Amasethingi Amagama

Ubukhulu bamagama ungabushintsha ukuze ukwazi ukufunda kalula.

Thinta inkinobho yamaSethingi Amagama; bese uhambisa inkinobho ukuze unciphise noma ukhulise amagama. Zonke izincwadi ezikuyi-app zizosebenzisa lobu bukhulu bamagama.

 Veza Isithombe noma Amagama

Ezinye izihloko zingavela njengesithombe noma njengamagama. Thinta inkinobho efanele ukuze ushintshashintshe kulokhu okubili.

  • Ukuveza Isithombe: Uma ikhasi livele njengesithombe libukeka ngendlela efanayo nekhasi elinyathelisiwe. Abanye bangase bakhethe ukuliveza ngale ndlela ikhasi ezincwadini ezinjengeculo, elinezithombe ezibonisa amanothi.

  • Ukuveza Amagama: Uma ikhasi livele njengamagama, ungakwazi ukuvula imiBhalo ekhonjiwe ngokuyithinta futhi ivele inamagama anobukhulu obukhethile.

 Ukuvula nge . . .

Inkinobho ethi Vula nge . . . yenza ukwazi ukubheka isihloko esikuyi-JW Library kwamanye ama-app.

Thinta inkinobho ethi Vula nge . . . ukuze ubone uhlu lwezinto ongakhetha kuzo. Ngokwesibonelo, ungathinta inkinobho ethi Vula nge-Online Library ukuze uvule ikhasi olifundayo kuyi-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli.

 Ukuhlela AmaBhayibheli Ngendlela Oyithandayo

Uma uthinta umBhalo okhonjiwe encwadini, uyavuleka. Thinta inkinobho ethi Hlela Izinguqulo ngezansi kwamavesi ukuze ukhethe amaBhayibheli ofuna avele phakathi kwalawo owadawunilodile.

Thinta inkinobho yokuNezela noma yokuSusa ukuze ufake noma ukhiphe izinguqulo. Donsa iBhayibheli uliyise phezulu noma phansi ukuze uhlele lolu hlu kabusha.

Bheka kwesithi “Ukudawuniloda Nokuhlela AmaBhayibheli​—Kuyi-Android” ukuze ufunde indlela ongathola ngayo ezinye izinguqulo zamaBhayibheli kuyi-JW Library.

Lezi zici zaqala ukuba khona kuyi-JW Library 1.4, eyakhululwa ngo-February 2015, esebenza kuyi-Android 2.3 noma eyamuva. Uma ungaziboni lezi zici, sicela ulandele iziyalezo ezisesihlokweni esithi “Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android,” ngaphansi kwesithi Ukuthola Uhlelo Oluthuthukisiwe.