Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LIBRARY

Ukugqamisa Okubhaliwe—Kuyi-Android

Ukugqamisa Okubhaliwe—Kuyi-Android

Njengoba ufunda futhi utadisha izincwadi kuyi-JW Library, uyakwazi ukugqamisa amagama athile.

Ukuze ugqamise okubhaliwe, landela lezi ziyalezo:

 Ukugqamisa Okubhaliwe

Kunezindlela ezimbili zokugqamisa okubhaliwe.

Thinta igama ume kulo ukuze ulikhethe. Ungasebenzisa izibambo ukuze wandise noma unciphise okukhethile. Kuyi-menu evelayo, thinta inkinobho yokuGqamisa; bese ukhetha umbala ozogqamisa ngawo.

Ukuze ugqamise igama noma amagama kalula, lithinte, ume kulo; bese uyadonsa. Njengoba udonsa, okubhaliwe kuyagqamiseka. Uma usuqedile, kuvela i-menu isikhashana. Ungasebenzisa le menu ukuze ushintshe umbala ogqamise ngawo noma ukuze uwususe.

 Ukushintsha Umbala Ogqamise Ngawo

Ukuze ushintshe umbala ogqamise ngawo, thinta amagama agqanyisiwe; bese ukhetha umbala owufunayo. Ukuze ususe umbala, thinta amagama agqanyisiwe; bese uthinta inkinobho yokuDilitha.

Lezi zici zaqala ukuba khona kuyi-JW Library 1.6, eyakhululwa ngo-November 2015, esebenza kuyi-Android 4.0 noma eyamuva. Uma ungaziboni lezi zici, sicela ulandele iziyalezo ezisesihlokweni esithi “Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android,” ngaphansi kwesithi Ukuthola Uhlelo Oluthuthukisiwe.