Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

John Moore/Getty Images

UMKHANKASO OKHETHEKILE

Ezempilo—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

Ezempilo—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

 Ukuthi i-COVID-19 ayiselona usongo kwezempilo emhlabeni wonke, akusho ukuthi wonke umuntu usephunyukile kulolu bhubhane. . . . Nakanjani kusazoba khona olunye ubhubhane, kumele sihlale sime ngomumo.”—UDkt. Tedros Adhanom Ghebreyesus, umqondisi-jikelele weWorld Health Organization, Meyi 22, 2023.

 Ubhubhane lwe-COVID-19 lushiye abaningi behlukumezekile empilweni nasemqondweni. Uhulumeni nezinhlangano zezempilo balulungele yini ubhubhane olulandelayo? Kuthiwani ngezinkinga zempilo esinazo kwamanje, bangakwazi yini ukusisiza kuzo?

 IBhayibheli lisitshela ngohulumeni ozosinika usizo lwezempilo esiludingayo. Lithi “uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso,” noma uhulumeni. (Daniyeli 2:44) Emhlabeni obuswa yilowo hulumeni, iBhayibheli lithi, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Wonke umuntu uyophila kamnandi, siyobe siyimiqemane.—Jobe 33:25.