Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Military equipment: Anton Petrus/Moment via Getty Images; money: Wara1982/iStock via Getty Images Plus

HLALANI NILINDILE!

Izigidi Zezigidi Ezisetshenziswe Empini—Zingakanani Ngempela Lezi Zindleko?

Izigidi Zezigidi Ezisetshenziswe Empini—Zingakanani Ngempela Lezi Zindleko?

 Izindleko zempi zinkulu kakhulu.

  •   “Ngonyaka odlule ohulumeni bachithe izigidi zezigidi ezengu-41.7 zamarandi kwezempi. Okokuqala kusetshenziswa imali enkulu kangaka kwezempi.”—i-The Washington Post, Febhuwari 13, 2024.

 Leli nani alihlanganisi imali nje kuphela. Ake sixoxe ngesibonelo esisodwa: Impi yase-Ukraine.

  •   Amasosha. Abanye ochwepheshe balinganisela ukuthi angu-500,000 amasosha aye abulawa noma alimala selokhu kuqale impi eminyakeni emibili edlule.

  •   Umphakathi. I-United Nations ibike ukuthi bangaphezu kuka-28,000 abaye bafa noma balimala. Noma kunjalo, isikhulu esiphakeme se-UN sathi: “Kunzima ukuchaza ukuthi mkhulu kangakanani umonakalo obangelwe izimpi ezinyantisayo emphakathini.” a

 Ukuhlupheka kwabantu emhlabeni wonke okubangelwe impi nezingxabano kukhulu kakhulu.

  •   Izigidi ezingu-114. Inani labantu abaphoqeleke ukushiya imizi yabo ngenxa yempi nodlame emhlabeni wonke kusukela ngo-Septhemba 2023.

  •   Izigidi ezingu-783. Inani labantu abaswele ukudla. “Izingxabano namanje zisayimbangela enkulu yendlala, bangamaphesenti angu-70 abantu abaswele ukudla abahlala ezindaweni ezinempi nodlame.”—i-World Food Programme.

 Ziyoke ziphele yini izimpi? Likhona ithemba lokuthi kuyoke kube nokuthula? Iyoke isetshenziswe yini imikhiqizo yomhlaba ukuba ilwe nendlala futhi iqede ukuswela? Lithini iBhayibheli?

Isikhathi sempi

 IBhayibheli labikezela ngokwanda kwezimpi emhlabeni wonke, lazichaza lisebenzisa umfanekiso womgibeli wehhashi.

  •   “Kwaphuma elinye ihhashi, elibomvu njengomlilo, oligibele wanikwa ukuba asuse ukuthula emhlabeni ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.”—IsAmbulo 6:4.

 Lowo mgibeli wehhashi ongokomfanekiso ulandelwa abanye ababili abamelela ukusakazeka kwendlala nokufa okubangelwa isifo esibulalayo noma ezinye izinto. (IsAmbulo 6:5-8) Ukuze ufunde okwengeziwe ngalesi siprofetho seBhayibheli nangokuthi kungani singaqiniseka ukuthi siyagcwaliseka esikhathini sethu, funda isihloko esithi “Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?

Ikusasa elinokuthula

 Maduzane, imikhiqizo yomhlaba ngeke isasetshenziselwa impi. Kodwa, lokhu ngeke kubangelwe abantu. IBhayibheli lithi:

  •   UNkulunkulu uzoqeda “izimpi emhlabeni wonke.”—IHubo 46:9.

  •   UNkulunkulu uzoqeda imiphumela edabukisayo ebangelwe izimpi. “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”—IsAmbulo 21:4.

  •   UNkulunkulu uzoqinisekisa ukuthi bonke abantu baba nokuthula okuhlala njalo. “Abantu bami bayohlala endaweni enokuthula, nasezindaweni zokuhlala ezilondekile nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.”—Isaya 32:18.

 Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi izimpi nezinto esizibonayo namuhla ziveza ukuthi lesi sikhathi sokuthula sisemnyango.

 Ikusasa elinokuthula, uNkulunkulu uzoliletha kanjani? Uzosebenzisa uhulumeni wakhe wasezulwnini noma uMbuso. (Mathewu 6:10) Ukuze ufunde ngokuthi uyini lo Mbuso nokuthi uzokwenzelani, bukela ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

a UMiroslav Jenca, isekela likanobhala-jikelele we-UN waseYurophu, Disemba 6, 2023.