Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izingane zingafunda kanjani ukuthanda uNkulunkulu?

Sebenzisa izifundo esizithola endalweni ukuze usize ingane yakho yazi futhi ithande uNkulunkulu

Izingane zakho zingafunda ukuthanda uNkulunkulu kuphela uma zinobufakazi bokuthi ukhona nokuthi uyazithanda. Ukuze zithande uNkulunkulu kudingeka zimazi. (1 Johane 4:8) Ngokwesibonelo, kudingeka zazi ukuthi: Yayiyini injongo kaNkulunkulu yokudala abantu? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Yini uNkulunkulu azoyenzela abantu esikhathini esizayo?—Funda eyabaseFilipi 1:9.

Ukuze usize izingane zakho zithande uNkulunkulu, kumelwe uzibonise ukuthi nawe uyamthanda. Lapho zibona lokho, cishe ziyolandela isibonelo sakho.—Funda uDuteronomi 6:5-7; IzAga 22:6.

Ungayifinyelela kanjani inhliziyo yezingane zakho?

IZwi likaNkulunkulu linamandla. (Hebheru 4:12) Ngakho siza izingane zakho zifunde izimfundiso zalo eziyisisekelo. Ukuze afinyelele izinhliziyo zabantu, uJesu wayebuza imibuzo, elalela futhi echaza imiBhalo. Ukuze ufinyelele inhliziyo yezingane zakho, lingisa indlela uJesu ayefundisa ngayo.—Funda uLuka 24:15-19, 27, 32.

Ngaphezu kwalokho, ukulandisa kweBhayibheli kwendlela uNkulunkulu ayesebenzelana ngayo nabantu kungasiza izingane ukuba zazi futhi zithande uNkulunkulu. Izincwadi eziklanyelwe le njongo ziyatholakala engosini ethi www.pr418.com/zu.—Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16.