Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“UJehova Akazange Angikhohlwe”

“UJehova Akazange Angikhohlwe”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1922

  • IZWE AZALELWA KULO: ESPAIN

  • UMLANDO: WAYEFUNDISA IKHATHEKIZIMU

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eBilbao, enyakatho yeSpain, indawo okwakuhlala kuyo abantu besigaba esiphakathi. Ngiyingane yesibili kwezine. Umndeni wakithi wawungamaKatolika ashisekayo futhi ngangiya nsuku zonke kuyiMisa. Lapho ngineminyaka engu-23 ngaba uthisha—okuwumsebenzi engangiwuthanda futhi ngawenza iminyaka engu-40. Phakathi kwezifundo engangizifundisa, ngangiziqhenya ngokufundisa inkolo yobuKatolika futhi kusihlwa ngangifundisa ikhathekizimu—ngisiza amantombazane ukuba alungele umthendeleko wawo wokuqala.

Ngemva kweminyaka engu-12 yomshado ojabulisayo, ngaba umfelokazi ngasala ngikhulisa amadodakazi amane. Ngangineminyaka engu-33 kuphela! Ngazama ukuthola induduzo enkolweni yami yobuKatolika kodwa kwakunemibuzo eyayilokhu ingikhathaza. Ngangizibuza: ‘Kungani abantu befa uma kuwukuthi uKristu wasikhulula esonweni? Kungani sithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike uma abantu abalungile beya ezulwini?’ Ngaphezu kwakho konke, ngangizibuza: ‘Uma uNkulunkulu esahlulela lapho sifa, kungani kuyodingeka sishiye izulu, indawo yokuhlushwa noma isihogo ukuze siyokwahlulelwa okokugcina?’

Ngabuza abefundisi engahlangana nabo le mibuzo. Omunye wabo wathi: “Angazi. Buza umbhishobhi. Kubaluleke ngani ukwazi lokho? Angithi uyakholelwa kuNkulunkulu? Yeka ukuzikhathaza ngezinto eziningi!” Kodwa ngaqhubeka ngifuna izimpendulo. Kamuva ngalalela izinkulumo ezazibekwa amaJesuit, abesonto likaMoya nama-Gnostic. Kodwa akekho owangiphendula ngendlela egculisayo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Lapho sengevile eminyakeni engu-60, umfundi oneminyaka engu-7 wangimemela emhlangaweni woFakazi BakaJehova. Ngakuthanda engakubona nengakuzwa kodwa ngenxa yokuthi ngangimatasa ngaleso sikhathi, angikwazanga ukuphinde ngixhumane noFakazi. Ngemva kweminyaka emibili, oFakazi abashadile uJuan noMaite bangqongqoza emzini wami. Ezinyangeni ezintathu ezalandela, ngangibabuza imibuzo enzima futhi ekugcineni ngafunda nabo iBhayibheli.

 Ngangibheka phambili esifundweni ngasinye. Ngangikuhlolisisa konke abakushoyo, ngisebenzisa izinguqulo ezintathu zeBhayibheli ukuze ngibone ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso yini. Ngokushesha ngabona ukuthi yonke le minyaka ulwazi enganginalo lwalunganembile. Kwangikhathaza ukubona umehluko omkhulu phakathi kwalokho engangikukholelwa nalokho engangikufunda eBhayibhelini. Ngashaqeka, kwaba sengathi izinkolelo zami ezinjengesihlahla esinezimpande ezijulile ziyasishulwa.

Ngangazi ukuthi ngithole umcebo

Umyeni wami wesibili wagula kakhulu wagcina eshonile. Cishe ngaleso sikhathi ngathatha umhlalaphansi futhi ngahamba eBilbao okwesikhashana. UJuan noMaite nabo bathutha. Ngokudabukisayo, ngayeka ukufunda iBhayibheli. Nakuba kunjalo, ekujuleni kwenhliziyo ngangazi ukuthi ngithole umcebo. Angizange ngiwukhohlwe.

Ngemva kweminyaka engu-20, sengineminyaka engu-82, uJuan noMaite babuya eBilbao futhi bangivakashela. Yeka indlela engajabula ngayo lapho ngiphinde ngibabona! Ngaqaphela ukuthi uJehova akangikhohliwe, futhi ngaqhubeka nokufunda iBhayibheli. UJuan noMaite babengibekezelela kakhulu, njengoba ngangivame ukubuza imibuzo efanayo ngokuphindaphindiwe. Kwakudingeka ukuba ngizizwe ngokuphindaphindiwe izimpendulo zeBhayibheli ukuze ngigqashule ezinkolelweni zami zangaphambili. Ngangifuna nokukulungela kahle ukuchazela abangane nomndeni wami iqiniso leBhayibheli.

Usuku engabhapathizwa ngalo—ngineminyaka engu-87—lwaba olujabulisa kakhulu ekuphileni kwami. Ngabhapathizwa emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Umdala ongumKristu wanikeza inkulumo esekelwe eBhayibhelini eyayiqondiswe ngokukhethekile kithi esasizobhapathizwa. Leyo nkulumo yangenza ngahlengezela izinyembezi. Kwaba sengathi uJehova ukhuluma nami ngokuqondile. Ngemva kokubhapathizwa, baningi oFakazi abeza kimi bezongibongela—nakuba iningi labo lalingangazi!

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ngangilokhu ngazi ukuthi uJesu Kristu ‘uyindlela.’ (Johane 14:6) Kodwa ukufunda kwami iBhayibheli kwangenza ngazi uJehova, lowo uJesu asiholela kuye. Manje sengithandaza kuNkulunkulu njengoBaba wami noMngane othandekayo. Ukufunda incwadi ethi Sondela KuJehova * kwakushintsha ukuphila kwami. Ngayifunda ngayiqeda ngobusuku obubodwa vo! Kwangithinta inhliziyo ukufunda ngendlela uJehova anesihe ngayo.

Lapho ngibheka emuva ekufuneni kwami iqiniso leBhayibheli, ngicabanga ngamazwi kaJesu: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.” (Mathewu 7:7) Manje njengoba sengizitholile izimpendulo ebengilokhu ngizifuna kangaka, kungilethela injabulo enkulu ukuzitshela abanye.

Manje ngineminyaka engu-90, kodwa nginomuzwa wokuthi kuningi okusadingeka ngikufunde ngoJehova. Yonke imihlangano engiba khona kuyo eHholo LoMbuso iyisenzakalo esikhethekile—ngenxa yolwazi oluyigugu engiluthola kuyo nokuba nabafowethu nodadewethu abathandekayo. Ngilangazelela ukuphinde ngibe uthisha emhlabeni oyiPharadesi othenjisiwe. (IsAmbulo 21:3, 4) Ngibheke phambili ikakhulukazi ekuboneni abathandekayo bami abafileyo bebuyela ekuphileni nasekubafundiseni iqiniso leBhayibheli. (IzEnzo 24:15) Ngilangazelela ukubachazela ngesipho esiyigugu uJehova angipha sona eminyakeni yami yokuguga!

^ isig. 15 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.