Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Ngangifuna Ukuba Umfundisi”

“Ngangifuna Ukuba Umfundisi”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1957
  • IZWE AZALELWA KULO: IMEXICO
  • UMLANDO: WAYEFUNDELA UKUBA UMFUNDISI; ENOLAKA NOBUDLOVA

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa edolobheni elincane laseTexcoco. Ngaleso sikhathi, imigwaqo eminingi yayiwubhuqu. Kwakuvamile ukubona abantu abavela ezindaweni eziseduze bedonsa izimbongolo ezithwele izinto abazidayisayo beya nazo edolobheni. Sasingumndeni ompofu kakhulu onezingane ezingu-9, futhi ngangingowesikhombisa. Ubaba wayethunga izingxabulela ukuze asondle. Kodwa washona ngineminyaka eyisikhombisa ubudala. Kusukela ngaleso sikhathi, umama wasebenza kanzima ukuze asondle.

Umkhulu wayedlala ivayolini futhi ebhidisa iqembu lomculo wezinsimbi elalidlala izingoma zesonto. Cishe bonke ekhaya babedlala izinsimbi zomculo. Umama wayecula ekwayeni yesonto, futhi umalume ecula i-opera, edlala nopiyano. Sasilithanda isonto—ngangiyisikhonzi sase-altare futhi ngifuna ukuba isithunywa sevangeli esingumKatolika. Ngesikhathi esifanayo, ngangizifela ngamabhayisikobho e-karate. Njengoba ngangiqhubeka ngiwabuka, ngaba nobudlova ngokwengeziwe.

Ngaqala ukufunda esikoleni sobufundisi esisePuebla. Umgomo wami kwakuwukuba umfundisi wamaKatolika. Kodwa ngonyaka wami wokugcina kuleso sikole, iSonto lamaKatolika langidumaza. Intokazi eyindela yangiyengela ocansini. Ngamelana nalesi silingo, kodwa lokho kwangenza ngaba nesifiso sokushada. Ngaphezu kwalokho, ngabona ubuzenzisi babefundisi abaningana. Ekugcineni, saphela isifiso sami sokuba umfundisi.

Ngesikhathi ngiseyisikhonzi sase-altare, ngangifisa ukuba isithunywa sevangeli samaKatolika, kodwa futhi ngangizifela ngamabhayisikobho e-karate futhi ngaba nobudlova

Nganquma ukufundela umculo eNational Conservatory of Music eMexico City. Lapho ngiphothula, ngashada futhi ngemva  nje kwalokho mina nomkami saba nezingane ezine. Ngangondla umndeni wami ngokucula eMiseni eSontweni lamaKatolika.

Zisuka nje, umshado wethu waba nezinkinga. Mina nomkami sasiphathana ngobudlova ngenxa yokuthi sasibambelene amagqubu. Saqala ngokuthethisana ngokuhamba kwesikhathi sabambana ngezihluthu. Ekugcineni, ngemva kweminyaka engu-13, sanquma ukuhlala ngokwahlukana futhi kamuva sadivosa.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngaqala ukuhlangana noFakazi BakaJehova ngaphambi kokuba ngidivose nomkami. Kwafika oFakazi ababili emzini wami futhi bacela ukuxoxa nami ngeBhayibheli. Ngangicabanga ukuthi kuningi engikwaziyo ngenkolo, ngakho ngangizimisele ukubabonisa ukuthi banephutha. Ngabahloma imibuzo enzima engangicabanga ukuthi ayiphenduleki. Kodwa ngamangala lapho beyiphendula yonke ngeBhayibheli. Ngaqala ukubona ukuthi angazi lutho. Nokho, umkami wayebadelela oFakazi, futhi mina ngangimatasa kakhulu, ngakho bayeka ukusivakashela.

Ngaphinde ngahlangana noFakazi BakaJehova ngemva kweminyaka emihlanu sengihlala nomunye wesifazane, u-Elvira. U-Elvira wayengaphikisani noFakazi ngakho kwaba lula ukufunda nabo iBhayibheli njalo. Noma kunjalo, kwangithatha iminyaka eminingi ukuba ngiyeke imikhuba yami yakudala.

Ngaqaphela ukuthi uma ngifuna ukukhonza uJehova ngenhliziyo yami yonke, kwakudingeka ngenze izinguquko ezinkulu. Okokuqala, kwadingeka ngiyeke umsebenzi wami wokucula eMiseni leSonto lamaKatolika, okwasho ukuthi kwase kudingeka ngithole enye indlela yokuziphilisa. (IsAmbulo 18:4) Kwadingeka nokuba ngishade ngokusemthethweni no-Elvira.

Nokho, enye yezinguquko okwaba nzima kakhulu ukuyenza ukulawula ulaka lwami. Kunamavesi amabili angisiza ngokukhethekile: IHubo 11:5, elibonisa ukuthi uJehova uyabuzonda ubudlova, neyoku-1 Petru 3:7, eyangifundisa ukuthi uma ngifuna ukuba uJehova alalele imithandazo yami kumelwe ngimhloniphe umkami. Njengoba ngangizindla ngalawo mavesi ngathandazela usizo lukaJehova, kancane kancane ngakwazi ukulawula ulaka lwami.

IBhayibheli langifundisa ukuthi uma ngifuna ukuba uJehova alalele imithandazo yami kumelwe ngimhloniphe umkami

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Manje nginomndeni ojabulayo. Ngilwela ukulungisa ubuhlobo bami namadodana ami omshado wokuqala nokusiza umndeni wami ukuba uhlale uqinile okholweni.

Ngesikhathi ngiseyingane, ngangifisa ukuba umfundisi nokusiza abantu. Manje nginomuzwa wokuthi ukuphila kwami sekunenjongo. Ngondla umndeni wami ngokufundisa umculo. Angive ngijabula ngokwazi ukuthi uJehova wangibekezelela, enginika ithuba lokuba ngishintshe ngibe umuntu ongcono!