Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Babefuna Ngizibonele Ngokwami Iqiniso”

“Babefuna Ngizibonele Ngokwami Iqiniso”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1982
  • IZWE AZALELWA KULO: IDOMINICAN REPUBLIC
  • UMLANDO: WAKHULA EYIMORMON

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eSanto Domingo, eDominican Republic, nginguthunjana ezinganeni zakithi ezine. Abazali bami babefunde kakhulu futhi befuna ukukhulisa izingane zabo zibe abantu abawusizo emphakathini. Kusasele iminyaka emine ngizalwe, abazali bami bahlangana nabavangeli bamaMormon. Behlatshwe umxhwele indlela lezi zinsizwa ezazigqoke kahle ngayo nendlela ezaziziphatha ngayo, ngokushesha banquma ukuthi umndeni wakithi uzoba owokuqala kulesi siqhingi ukujoyina i-Church of Jesus Christ of Latter-day Saints noma iSonto lamaMormon.

Njengoba ngikhula, ngangiyijabulela imibuthano yokuzijabulisa esontweni futhi ngikuhlonipha ukugxila kwamaMormon ekuphileni komndeni nasemithethweni yokuziphatha. Ngangiziqhenya ngokuba ilungu lesonto lamaMormon futhi kwaba umgomo wami ukuba isithunywa sevangeli.

Lapho ngiba neminyaka engu-18 ubudala, umndeni wakithi wathuthela e-United States ukuze ngiqhubeke nezifundo zami zaseyunivesithi. Ngemva nje konyaka, umamncane nomyeni wakhe, abangoFakazi BakaJehova, basivakashela eFlorida. Basimema ukuba sihambe nabo siye emhlanganweni ofundisa ngeBhayibheli. Kwangihlaba umxhwele ukubona wonke umuntu evula iBhayibheli futhi ebhala amaphuzu. Ngakho ngacela ipeni nephepha ukuze nami ngibhale.

Ngemva kwalowo mhlangano umamncane nomyeni wakhe bathi njengoba ngikuthanda ukuba isithunywa sevangeli, bangangisiza ukuba ngifunde okuthile ngeBhayibheli. Lokho ngakubona kuwumbono omuhle ngoba ngaleso sikhathi, ngangazi okuningi ngeNcwadi YamaMormon kunangeBhayibheli.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Phakathi nezingxoxo zethu zeBhayibheli esasiba nazo ngocingo, umamncane nomyeni wakhe njalo babengikhuthaza ukuba ngiqhathanise izinkolelo zami nalokho okufundiswa iBhayibheli. Babefuna ngizitholele ngokwami iqiniso.

 Zaziziningi izimfundiso zamaMormon engase ngizamukele, kodwa ngingaqiniseki ngempela ukuthi ziyavumelana yini nalokho okushiwo iBhayibheli. Umamncane wangithumelela i-Phaphama! ka-November 8, 1995, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, enezihloko ezimbalwa ezikhuluma ngesonto lamaMormon. Ngamangala ukubona ukuthi zaziningi izimfundiso zamaMormon engangingazazi. Lokho kwangishukumisela ukuba ngicwaninge engosini esemthethweni yamaMormon ukuze ngiqinisekise ukuthi lokho okwakushiwo kuyi-Phaphama! kuyiqiniso yini. Kwakuyiqiniso futhi ngaqiniseka ngokwengeziwe lapho ngivakashela amamyuziyamu amaMormon e-Utah.

Ngangilokhu ngikholelwa ukuthi iNcwadi yamaMormon neBhayibheli kuyaphelelisana. Kodwa lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli ngokucophelela, ngaphawula ukuthi izimfundiso zamaMormon ziyaphikisana nalokho okushiwo iBhayibheli. Ngokwesibonelo, kuHezekeli 18:4 iBhayibheli lithi umphefumulo uyafa. Kodwa iNcwadi yamaMormon, ku-Alma 42:9, ithi: “Umphefumulo awulokothi ufe.”

Ngaphandle kokwehluka kwezimfundiso, ngakhathazwa imibono yobuzwe efundiswa amaMormon. Ngokwesibonelo, afundiswa ukuthi insimu yase-Edene yayiseJackson County, eMissouri, e-U.S.A. Abaholi besonto bathi lapho “uMbuso kaNkulunkulu usubusa, kuyobe kubhakuza ifulege lase-United States kuphela.”

Ngazibuza ukuthi izwe engazalelwa kulo noma elinye nje izwe angena kanjani kulo mbuso. Ngelinye ilanga kusihlwa lapho umMormon osemusha owayeqeqeshelwa ukuba isithunywa sevangeli engishayela ucingo, ngambuza ngale ndaba. Ngambuza ngokucacile ukuthi wayengalwa yini namanye amaMormon uma izwe lakubo lilwa nelawo. Ngamangala lapho engiphendula ngokuthi yebo! Ngazicwaninga ngokujulile izimfundiso zesonto lami futhi ngaxhumana nabaholi abaqavile beSonto LamaMormon. Ngatshelwa ukuthi izimpendulo zemibuzo yami ziyimfihlakalo ngelinye ilanga ziyoxazululwa njengoba ukukhanya kuqhubeka.

Ngidunyazwe incazelo yabo, ngaqala ukuzihlolisisa kanye nesizathu sami sokufuna ukuba isithunywa sevangeli samaMormon. Ngaqaphela ukuthi ngangikhangwe nje umbono wokuba isithunywa sevangeli njengoba nje wawungase ungikhange noma imuphi umsebenzi wokusiza abanye abantu. Ngangikhangwe nayisikhundla engangiyosithola lapho sengiyisithunywa sevangeli. Kodwa ngokuphathelene noNkulunkulu, ngangazi okuncane kakhulu. Nakuba ngangike ngalifunda kaningi iBhayibheli esikhathini esidlule, ngangingalazisi ngempela. Ngangingayazi injongo kaNkulunkulu ngomhlaba nangabantu.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Njengoba ngangifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngafunda ukuthi ubani igama likaNkulunkulu, kwenzekani lapho sifa nendima kaJesu ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Ekugcineni ngase ngiqala ukuyijwayela le ncwadi emangalisayo, futhi ngikujabulela ukutshela abanye ngamaqiniso engangiwafunda. Bengilokhu ngazi ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa manje sengikwazi ukukhuluma naye ngomthandazo njengoMngane wami omkhulu. Ngabhapathizwa ngaba omunye woFakazi BakaJehova ngo-July 12, 2004, futhi ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngaqala inkonzo yamaKristu yesikhathi esigcwele.

Ngasebenza iminyaka emihlanu endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Ngakujabulela ngempela ukusiza ekukhiqizeni amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo ukuze kuzuze izigidi zabantu emhlabeni wonke futhi ngiyaqhubeka ngikujabulela ukusiza abanye ukuba bafunde ngoNkulunkulu.