Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya

Fundisa Izingane Zakho Ukuziphatha

Fundisa Izingane Zakho Ukuziphatha

ULoida, * umama waseMexico, uthi: “Izingane zinikwa ama-condom ezikoleni, ngakho zicabanga ukuthi ayikho inkinga ngokuya ocansini—inqobo nje uma zizivikela.”

UNobuko, umama waseJapan, uthi: “Ngake ngabuza indodana yami ukuthi yini engayenza uma ingazithola iyodwa nentombi yayo. Yathi ayazi.”

NGESIKHATHI umntanakho esemncane, ingabe wawumvikela ezintweni eziyingozi ekhaya? Mhlawumbe wawuqiniseka ukuthi awukho ugesi ongase umlimaze, noma wawuzibeka kude izinto ezilimazayo, noma wawugcina isango livaliwe ukuze angashayiswa izimoto. Konke lokhu kwakuyimizamo yokumgcina ephephile.

Cishe ufisa sengathi ngabe kuselula ngaleyo ndlela ukumvikela njengoba eseve eminyakeni eyishumi nambili! Manje sekukuningi okhathazeka ngakho, njengokuthi ‘Ingabe indodana yami ibukela izithombe zobulili ezingcolile?’ ‘Ingabe indodakazi yami isebenzisa umakhalekhukhwini wayo ukuze ithumele othile izithombe zayo ezihehayo ngokobulili?’ Umbuzo okugulisa nakakhulu kungenzeka ukuthi yilo, ‘Ingabe ingane yami isiya ocansini?’

Ukuba Nesandla Esiqine Ngokweqile

Abanye abazali bazama ukugada izingane zabo ngokweqile, baqaphe yonke into eziyenzayo. Kamuva, abaningi babo bathola ukuthi lokho kugada izingane ngokweqile kwaziqhelisa kubo, zafunda ukufihla izinto. Bathola nokuthi indodana noma indodakazi yabo yafunda ukufihla indlela eziphatha ngayo, yona kanye into ababezama ukuyivimba.

Kusobala ukuthi ukuba nesandla esiqine ngokweqile akulona ikhambi. UJehova uNkulunkulu ngokwakhe akasebenzisi le ndlela ukuze enze izidalwa zakhe zimlalele, futhi nawe mzali akufanele uyisebenzise. (Duteronomi 30:19) Ungazisiza kanjani-ke izingane zakho ezeve eminyakeni eyishumi nambili ukuba zenze izinqumo ezihlakaniphile mayelana nokuziphatha?—IzAga 27:11.

Indlela esebenzayo iwukukhuluma njalo nezingane zakho ngocansi nokukhumbula ukuthi umuthi ugotshwa usemanzi. * (IzAga 22:6) Lapho zingena eminyakeni yokuthomba, qhubeka ukhuluma. Ingane yakho kufanele iluthole kuwe lonke ulwazi olunembile. U-Alicia, intombazane yaseBrithani, uthi: “Abantu abaningi bacabanga ukuthi sikhetha ukukhuluma ngocansi nabangane bethu, kodwa lokho akulona iqiniso. Sijabula uma sithola lolu lwazi kubazali bethu. Siyazethemba izinto abasitshela zona.”

Isidingo Semithetho Yokuziphatha Okuhle

Njengoba izingane zikhula, akwanele ukuzichazela ukuthi abantwana bavelaphi. Okunye okudingekayo ukuba ‘amandla azo okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Ngamafuphi, zidinga imithetho engaziqondisa. Zidinga ukuhlakulela izinkolelo eziqinile mayelana nocansi nokuthi kudingeka ziphile ngazo. Yini ongayenza ukuze ingane yakho iziphathe kahle?

Qala ngokuhlola ezakho izinkolelo. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi awubuthetheleli nakancane ubufebe—ukuya ocansini kwabantu ababili abangashadile. (1 Thesalonika 4:3) Cishe nezingane zakho zazi kahle ukuthi uzizwa kanjani ngale ndaba; kungenzeka zazi ngisho nokucaphuna amavesi eBhayibheli avumelana nezinkolelo zakho. Lapho zibuzwa ngale ndaba, kungenzeka ukuthi kulula ngazo ukuphendula zithi akulungile ukuya ocansini uma ungashadile.

Kodwa kudingeka okwengeziwe. Incwadi ethi Sex Smart iphawula ukuthi enye intsha ithi ivumelana nemibono yabazali bayo ngocansi. Le ncwadi ibe isithi leyo ntsha “ayiqiniseki ngempela ukuthi yini yona eyikholelwayo. Lapho izithola isesimweni esingalindelekile bese kudingeka inqume ukuthi yikuphi ukuziphatha okufanele nokungafanele, ivele ingazi ngempela ukuthi kufanele yenzeni futhi ingase ikhungatheke, igcine ingene enkingeni.” Yingakho imithetho yokuziphatha ibalulekile. Ungayifundisa kanjani-ke ingane yakho ukuba yazi imithetho yokuziphatha futhi inamathele kuyo?

Imithetho yakho yokuziphatha mayicace.

Ingabe ukholelwa ukuthi ucansi lungolwabantu abashadile kuphela? Ingane yakho mayikwazi lokho. Yitshele ngokuqondile, ungaphezi. Ngokwencwadi ethi Beyond the Big Talk, ucwaningo lubonisa ukuthi “lapho abazali bengagudli iguma ngokuqondene nezindaba zocansi futhi benze izingane zabo zikhanyelwe bha ukuthi akufanele ziye ocansini, aba maningi amathuba okuba zingayi ocansini zisencane.”

Yebo, njengoba kushiwo ngaphambili, ukumane ubekele indodana noma indodakazi yakho imithetho maqondana nocansi akunikezi isiqinisekiso sokuthi iyokhetha ukuphila ngayo. Nokho, ukuyibeka ngokucacile imithetho yokuziphatha yasekhaya kuyoyinika isisekelo engakhela kuso. Ucwaningo luye lwabonisa nokuthi kamuva izingane eziningi zithatha yona imithetho yabazali ngisho noma kwakubonakala sengathi aziyithandi ngesikhathi zisakhula.

ZAMA LOKHU: Sebenzisa indaba esematheni ukuze uqale ingxoxo futhi ufundise ingane yakho imithetho yokuziphatha. Ngokwesibonelo, uma ezindabeni kubikwa ngodaba lokunukubezwa kothile ngokocansi, ungase uthi: “Iyanginyanyisa indlela amanye amadoda adlala ngayo ngabesifazane. Ucabanga ukuthi ayifundaphi le mikhuba?”

Khuluma iqiniso lonke ngocansi.

Izixwayiso ziyadingeka. (1 Korinte 6:18; Jakobe 1:14, 15) Kodwa iBhayibheli liqokomisa ukuthi ucansi luyisipho esivela kuNkulunkulu, alulona isicupho sikaSathane. (IzAga 5:18, 19; IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:2) Ukutshela izingane zakho ngezingozi zocansi kuphela kungase kuzishiye zinombono osontekile nongasekelwe emiBhalweni. UCorrina, intokazi yaseFrance, uthi: “Abazali bami babegxila kakhulu ekuziphatheni okubi, futhi lokho kwangenza ngaba nombono ongaqondile ngocansi.”

Qiniseka ukuthi izingane zakho zithola lonke iqiniso ngocansi. UNadia, umama waseMexico, uthi: “Ngiye ngazama ukufundisa izingane zami ezeve eminyakeni eyishumi nambili ukuthi ucansi luhle futhi lwadalwa nokuthi uJehova uNkulunkulu wenza ukuba abantu balujabulele. Kodwa lugcinelwe kuphela abantu abashadile. Lungasilethela injabulo noma usizi, kuye ngokuthi silusebenzisa kanjani.”

ZAMA LOKHU: Esikhathini esizayo lapho ukhuluma ngocansi nengane, goqa ingxoxo ngokukhuluma okuhle ngocansi. Ungesabi ukuyichazela ukuthi ucansi luyisipho esihle kakhulu esivela kuNkulunkulu engasijabulela esikhathini esizayo lapho isishadile. Yiqinisekise ukuthi ingakwazi ukunamathela emithethweni kaNkulunkulu yokuziphatha kuze kufike leso sikhathi.

Siza ingane yakho ikwazi ukubona kusengaphambili imiphumela yezenzo zayo.

Ukuze izingane zikwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile kunoma yisiphi isici sokuphila, kudingeka zazi ukuthi zingakhetha phakathi kwaziphi izinto nokuthi lezo zinto zinabuhle buni nabubi buni. Ungacabangi ukuthi kwanele uma zazi okulungile nokungalungile. U-Emma wase-Australia, owesifazane ongumKristu, uthi: “Uma ngicabanga ngamaphutha engawenza ngisakhula, ngingasho ukuthi ukwazi imithetho kaNkulunkulu akusho ukuthi uvumelana nayo. Ukuqonda izinzuzo zayo—nemiphumela yokuyephula—kubalulekile.”

IBhayibheli lingasiza ngoba lapho libeka imithetho liyiveza ngokucacile nemiphumela yokuyephula. Ngokwesibonelo, izAga 5:8, 9 zinxusa izinsizwa ukuba zibalekele ubufebe ‘ukuze zingasiniki abanye isithunzi sazo.’ La mavesi abonisa ukuthi lapho osemusha eya ocansini engashadile ulahlekelwa isithunzi ngezinga elithile. Idumela lakhe liyalimala, futhi angakwazi ukuba qotho kuNkulunkulu. Lokhu kwenza lowo obengase athande ukushada naye nonezimfanelo ezinhle angakhangeki kangako kuye. Lapho ingane yakho icabanga ngezingozi zempilo, zomzwelo nokulimala kobuhlobo bayo noNkulunkulu ngenxa yokungayilaleli imithetho yakhe ingase ishukumiseleke ukuba iyilalele leyo mithetho kaNkulunkulu. *

ZAMA LOKHU: Sebenzisa imifanekiso ukuze usize ingane yakho ukuba ibone ukuthi imithetho kaNkulunkulu ihlakaniphile. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Umlilo owenziwa ngenjongo yokupheka muhle; umlilo oshisa ihlathi mubi. Uyini umahluko phakathi kwale mililo emibili futhi impendulo yakho ungayifanisa kanjani nemingcele ebekwe uNkulunkulu endabeni yocansi?” Sebenzisa indaba esencwadini yezAga 5:3-14 ukuze usize ingane yakho ukuba iqonde imiphumela ebuhlungu yokufeba.

UTakao, umfana waseJapan oneminyaka engu-18, uthi: “Ngiyazi ukuthi kufanele ngenze okulungile, kodwa kunzima ukulwa nezifiso zenyama.” Intsha ezizwa ngale ndlela ingaduduzwa iqiniso lokuthi ayiyodwa. Ngisho nomphostoli uPawulu—umKristu oqinile—wavuma: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.”—Roma 7:21.

Intsha iyobe yenza kahle uma ikhumbula ukuthi kukhona okuhle okungaphuma kule mpi. Le mpi ingasiza intsha ukuba icabangisise ngokuthi ifuna ukuba uhlobo olunjani lwabantu. Ingayisiza ukuba izibuze futhi ithole impendulo yalo mbuzo, ‘Ingabe ngifuna ukuziphatha kahle futhi ngaziwe njengomuntu onesimilo noqotho, noma ngifuna ukwaziwa njengesimukanandwendwe—umuntu ongakwazi ukulawula izifiso zakhe?’ Uma ingane yakho iyazi imithetho yokuziphatha futhi inamathela kuyo iyokwazi ukuphendula lo mbuzo ngokuhlakanipha.

^ Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

^ Ukuze uthole ukusikisela kwendlela yokuqala ingxoxo yocansi nezingane zakho nokuthi yini ongakhuluma ngayo kuye ngeminyaka yazo, bheka INqabayokulinda ka-November 1, 2010, amakhasi 12-14.

^ Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ukuya Ocansini Kuyobuthuthukisa Ubuhlobo Bethu?” kuyi-Phaphama! ka-April 2010, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

ZIBUZE . . .

  • Nginabuphi ubufakazi bokuthi ingane yami iyayisebenzisa imithetho yokuziphatha?

  • Lapho ngixoxa nengane yami ngocansi, ingabe ngiyaliqokomisa iphuzu lokuthi ucansi luyisipho esivela kuNkulunkulu, alulona isicupho sikaSathane?