Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungalokothi Ulilahle Ithemba!

Ungalokothi Ulilahle Ithemba!

Ingabe sekuyiminyaka ungomunye woFakazi BakaJehova futhi uthanda ukubona umngane wakho womshado ehlanganyela nawe ekukhulekeleni uJehova?

Noma ingabe uye wadumala lapho umuntu omfundelayo, owayebonakala ethuthuka kahle kakhulu, engathathi isinyathelo sokumelela iqiniso?

 Okuhlangenwe nakho okumbalwa kwaseBrithani kuyokusiza ubone ukuthi kungani kungafanele neze ulilahle ithemba. Uzobona nalokho ongase ukwenze ukuze ngokungathi kunjalo ‘uthumele isinkwa sakho ebusweni bamanzi’ ukuze usize labo abangakalamukeli iqiniso.—UmSh. 11:1.

ISICI ESIBALULEKILE—UKUKHUTHAZELA

Isici esibaluleke kakhulu okumelwe usihlakulele ukukhuthazela. Kudingeka unamathele eqinisweni nakuJehova. (Dut. 10:20) Yilokho uGeorgina akwenza. Lapho eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngo-1970, umyeni wakhe, uKyriacos, wathukuthela wagan’ unwabu. Wazama ukumyekisa ukufunda, wangabavumela oFakazi ukuba beze emzini wakhe futhi wayethatha zonke izincwadi zoFakazi BakaJehova ayezithola endlini.

Lapho uGeorgina eqala ukuya emihlanganweni yebandla, uKyriacos wavuk’ indlobane. Ngolunye usuku waya eHholo LoMbuso eyosusa ingxabano. Lapho udade othile eqaphela ukuthi uKyriacos wayekhuluma isiGreki kangcono kunesiNgisi, washayela umzalwane okhuluma isiGreki wakwelinye ibandla ukuba eze azosiza. UKyriacos wathamba lapho umzalwane ekhuluma naye ngendlela enomusa, waze wavuma nokuba amqhubele isifundo seBhayibheli izinyanga ezithile. Kodwa wabe eseyeka ukufunda.

UGeorgina waqhubeka ebhekana nokuphikiswa eminye iminyaka emithathu. UKyriacos wathi wayezomshiya uma nje engalokotha abhapathizwe. Ngosuku ayezobhapathizwa ngalo, uGeorgina wathandaza ngobuqotho kuJehova ukuba uKyriacos angamshiyi. Lapho oFakazi befika bezolanda uGeorgina ukuba kuyiwe emhlanganweni, uKyriacos wathi: “Hambani. Sizonilandela ngemoto yethu.” Waba khona esimisweni sasekuseni futhi wambona umkakhe ebhapathizwa!

Cishe kwase kudlule iminyaka engu-40 aqala ukuhlangana noFakazi lapho uGeorgina ebona umyeni wakhe ebhapathizwa

Ngemva kwalokho ukuphikisa kukaKyriacos kwathi ukudamba futhi kancane kancane waqala ukwenza izinguquko ezinkulu. Kwase kudlule cishe iminyaka engu-40 uGeorgina ahlangana noFakazi lapho ebona umyeni wakhe ebhapathizwa! Yini eyasiza uKyriacos? Uthi: “Ukuzimisela okukhulu kukaGeorgina yikho okwangihlaba umxhwele.” UGeorgina uthi: “Naphezu kokuphikisa komyeni wami, ngangingeke ngiyeke ukukhulekela uNkulunkulu wami. Phakathi naso sonke leso sikhathi, bengilokhu ngithandaza kuJehova futhi angizange nanini ngililahle ithemba.”

INZUZO YOBUNTU OBUSHA

Esinye isici esibalulekile ekusizeni umngane wakho womshado ukuhlakulela kwakho ubuntu bobuKristu. Umphostoli uPetru wayala amakhosikazi angamaKristu: “Zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo.” (1 Pet. 3:1) UChristine wasisebenzisa leso seluleko, nakuba kwathatha iminyaka eminingi ukuba azuze umyeni wakhe. Lapho uChristine eba uFakazi eminyakeni engaphezu kwengu-20 edlule, umyeni wakhe, uJohn, akazange asibone isidingo sokukholelwa kuNkulunkulu. UJohn wayengafuni ukuzibandakanya nenkolo, noma kunjalo wakwazi ukubona ukuthi ukholo olusha lukaChristine lwalubaluleke kakhulu kuye. Uthi: “Ngangibona ukuthi lwalumenza ajabule. Lwamenza waqina futhi waba nokwethenjelwa, futhi lokhu kwangisiza kakhulu lapho ngibhekene nezimo eziningi ezinzima.”

UChristine akakaze afunze umyeni wakhe izinkolelo zakhe, futhi naye uyavuma: “UChristine waqaphela zisuka ukuthi kwakumelwe angiyeke, futhi waba nesineke wangivumela ukuba ngifunde ngesikhathi nangendlela yami.” Kwakuthi lapho uChristine ebona komagazini INqabayokulinda noma i-Phaphama! izihloko ezikhuluma ngendaba aziyo ukuthi izomthakazelisa uJohn, njengeziphathelene nesayensi nemvelo, ambonise zona, athi, “Ngicabanga ukuthi uzokujabulela ukufunda lesi sihloko.”

Ngokuhamba kwesikhathi uJohn wathatha umhlalaphansi futhi waqala ukwenza umsebenzi wasengadini. Njengoba ingqondo yakhe yayisikhululeke kakhudlwana ukuba acabange ngemibuzo ejulile yokuphila, waqala ukuzibuza, ‘Ingabe silapha ngenxa yochungechunge oluthile lwezinto ezenzeke ngengozi, noma sadalwa ngenjongo ethile?’ Ngolunye usuku, umzalwane othile uJohn ayexoxa naye wambuza, “Ungathanda yini ukuba nesifundo?” UJohn uthi: “Ngenxa yokuthi manje ngase ngiqale ukukholelwa kuNkulunkulu, ngavuma ukufundelwa.”

Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi uChristine akazange alilahle ithemba! Ngemva kweminyaka engu-20 ethandazela ukuba uJohn amukele iqiniso, wambona ebhapathizwa. Manje bakhonza uJehova ndawonye ngentshiseko. UJohn uyaphawula: “Zimbili izinto ezangizuza—umusa nobungane boFakazi. Kanti nje lapho ushade nomunye woFakazi BakaJehova, usuke unomngane oqotho, ongamethemba  nongenabugovu.” Yebo, uChristine wasebenzisa amazwi akweyoku-1 Petru 3:1, futhi lokho kwasebenza!

IMBEWU ITHELA IZITHELO KAMUVA

Kuthiwani ngabantu esibafundelayo okuthi ngasizathu simbe baphelelwe isithakazelo ababesibonisile? INkosi uSolomoni yaloba: “Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule; ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona, kungaba lapha noma laphaya, noma ukuthi zombili ziyoba zinhle ngokufanayo.” (UmSh. 11:6) Ngezinye izikhathi kuthatha iminyaka ukuba imbewu yeqiniso ikhule. Ngisho noma kunjalo, umuntu kungenzeka agcine ekubonile ukubaluleka kokusondela kuNkulunkulu. (Jak. 4:8) Yebo, ngolunye usuku ungase uthole isimanga esiyokujabulisa.

Cabanga ngo-Alice, owathuthela eNgilandi esuka eNdiya. Waqala ukufundelwa iBhayibheli ngo-1974. Ulimi lwakhe isiHindi, kodwa wayefuna ukuthuthukisa ulwazi lwakhe lwesiNgisi. Isifundo saqhubeka iminyaka ethile, futhi u-Alice waqala ukuya emihlanganweni embalwa ebandleni lesiNgisi. Wayazi ukuthi ayekufunda kwakuyiqiniso kodwa wayebheka ukufunda njengendlela yokuzilibazisa. Ngaphezu kwalokho, wayegxile kakhulu emalini futhi ethanda amaphathi. Ngokuhamba kwesikhathi, wayeka ukufunda.

Eminyakeni engaba ngu-30 kamuva, uStella owayemfundela, wathola incwadi evela ku-Alice. Yayifundeka kanje: “Angingabazi ukuthi kuzokujabulisa kakhulu ukuzwa ukuthi umuntu owaqala ukumfundela ngo-1974 ubhapathiziwe emhlanganweni wesigodi wamuva. Ufezé indima ebaluleke kakhulu ekuphileni kwami. Watshala imbewu yeqiniso kimi, futhi nakuba ngingazange ngizinikezele kuNkulunkulu ngaleso sikhathi, ngayigcina leyo mbewu yeqiniso engqondweni nasenhliziyweni yami.”

Incwadi uStella ayithola ivela ku-Alice ifundeka kanje: “Angingabazi ukuthi kuzokujabulisa kakhulu ukuzwa ukuthi umuntu owaqala ukumfundela ngo-1974 ubhapathiziwe emhlanganweni wesigodi wamuva”

Kwakwenzekeni? U-Alice uchaza ukuthi wacindezeleka kakhulu ngemva kokushona komyeni wakhe ngo-1997. Wathandaza kuNkulunkulu. Kwathi kungakapheli nemizuzu eyishumi, kwafika oFakazi ababili kwakhe abakhuluma isiPunjabi futhi bamshiyela ipheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? U-Alice waba nomuzwa wokuthi umthandazo wakhe wawuphenduliwe futhi wanquma ukuthi kwakufanele azihlanganise noFakazi BakaJehova. Kodwa wayezobathola kuphi? Wathola incwadi endala ayebhala kuyo izenzakalo zansuku zonke eyayinekheli ayelinikwe uStella lebandla lesiPunjabi. Waya eHholo LoMbuso futhi abazalwane nodade bakulelo bandla bamamukela ngokufudumele. Uthi: “Uthando abangibonisa lona lwahlala kimi futhi lwangisiza ukuba ngizizwe ngingcono ekucindezelekeni kwami.”

Waqala ukuba khona njalo emihlanganweni futhi wavuselela isifundo sakhe seBhayibheli, wafunda ukukhuluma nokufunda kahle isiPunjabi. Ngo-2003 wabhapathizwa. Waphetha incwadi ayibhalela uStella ngala mazwi, “Ngibonga kakhulu ngokutshala leyo mbewu eminyakeni engu-29 edlule nangokungibekela isibonelo esihle.”

“Ngibonga kakhulu ngokutshala leyo mbewu eminyakeni engu-29 edlule nangokungibekela isibonelo.”—U-Alice

Yini ongayifunda kulokhu okuhlangenwe nakho? Kungase kuthathe isikhathi eside kunosilindele, kodwa uma umuntu elambile ngokomoya, ethembekile futhi ethobekile, uJehova uyolivumela iqiniso ukuba likhule enhliziyweni yakhe. Khumbula amazwi omfanekiso kaJesu: “Imbewu iyahluma ikhule ibe yinde, ukuthi kanjani [umhlwanyeli] akazi. Umhlabathi uzithelela ngokwawo isithelo kancane kancane, okokuqala udwani, bese kuba isihloko sesiqu, ekugcineni kube izinhlamvu ezigcwele esihlokweni.” (Marku 4:27, 28) Lokho kukhula akusheshi futhi kwenzeka ‘ngokwako.’ Empeleni, ummemezeli woMbuso ngamunye akazi ukuthi lokhu kwenzeka kanjani. Ngakho qhubeka uhlwanyela kakhulu. Kungase kwenzeke uvune kakhulu.

Ungakhohlwa nokubaluleka komthandazo. UGeorgina noChristine baqhubeka bethandaza kuJehova. Uma ‘uphikelela emthandazweni’ futhi ungalilahli ithemba, “ngokuhamba kwezinsuku eziningi” ungaphinde usithole “isinkwa” owasithumela ebusweni bamanzi.—Roma 12:12; UmSh. 11:1.