Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukholo

Ukholo

Abanye abantu bathi bangamakholwa, kodwa abaqondi ukuthi luyini “ukholo.” Luyini ukholo, futhi kungani lubalulekile?

Luyini ukholo?

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi bacabanga ukuthi umuntu onokholo umane nje akholelwe kokuthile ngaphandle kobufakazi. Ngokwesibonelo, cabanga ngekholwa elithi, “Nginokholo kuNkulunkulu.” Uma lelo kholwa libuzwa ukuthi, “Kungani unokholo?” lingase liphendule lithi, “Yindlela engakhuliswa ngayo” noma lithi, “Yilokho engakufundiswa.” Ezimweni ezinjalo, kungase kubonakale kungenamehluko otheni phakathi kokuba nokholo nokukholwa yinoma yini.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Hebheru 11:1) Ukuze lokho umuntu akulindele kube okuqinisekisiwe, kudingeka abe nezizathu ezizwakalayo zalokho kuqiniseka. Empeleni, ngokolimi lokuqala, igama elichaza amazwi athi ‘ukulindelwa okuqinisekisiwe’ lisho okungaphezu kokuba nomuzwa noma isifiso. Ngakho ukholo luhilela ukuqiniseka okusekelwe ebufakazini.

“Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.”Roma 1:20.

Kungani kubalulekile ukuba nokholo?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa ngoba lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.

Njengoba kushiwo ngaphambili, abantu abaningi bakholelwa kuNkulunkulu ngenxa nje yokuthi bafundiswe kanjalo. Bangase bathi, ‘Leyo indlela engakhuliswa ngayo.’ Kodwa uNkulunkulu ufuna labo abamkhulekelayo baqiniseke ngempela ukuthi ukhona nokuthi uyabathanda. Kungaleso sizathu iBhayibheli ligcizelela isidingo sokumfuna ngobuqotho, ukuze simazi ngempela.

“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”Jakobe 4:8.

Ungaba kanjani nokholo?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli lithi: “Ukholo lulandela into ezwiweyo.” (Roma 10:17) Ngakho isinyathelo sokuqala sokwakha ukholo kuNkulunkulu ‘ukuzwa’ lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela ngaye. (2 Thimothewu 3:16) Ukutadisha iBhayibheli kungakusiza uthole izimpendulo ezinengqondo zemibuzo ebalulekile, enjengethi: Ungubani uNkulunkulu? Kunabuphi ubufakazi bokuthi ukhona? Ingabe uNkulunkulu uyangikhathalela ngempela? Iyini injongo kaNkulunkulu ngekusasa?

Ubufakazi bokuba khona kukaNkulunkulu bukukho konke esikubonayo

OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza utadishe iBhayibheli. Njengoba kushiwo engosini yethu, ethi jw.org/zu, “oFakazi BakaJehova bayakuthanda ukufundisa abantu iBhayibheli, kodwa asilokothi siphoqe noma ubani ukuba abe ilungu lenkolo yethu. Kunalokho, sikhuluma ngenhlonipho ngalokho okushiwo iBhayibheli, siqaphela ukuthi umuntu ngamunye unelungelo lokuzikhethela lokho afuna ukukukholelwa.”

Ngokuyinhloko, ukholo lwakho kumelwe lusekelwe kulokho wena okuphawulayo lapho uhlola ukuba yiqiniso kwalokho okufunda eBhayibhelini. Ngaleyo ndlela, uyolandela isibonelo sabafundi bangekhulu lokuqala ‘abamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.’—IzEnzo 17:11.

“Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”Johane 17:3.