Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Izingane Zisosizini

Lapho Izingane Zisosizini

Ingabe usosizini ngenxa yokushonelwa yilungu lomndeni? Uma kunjalo ungabhekana kanjani nalokho kulahlekelwa? Cabanga ngendlela iBhayibheli elasiza ngayo abantu abasebasha abathathu ababhekana nalesi simo.

INDABA KADAMI

UDami

Ekuqaleni, ubaba kwakubonakala sengathi uphethwe yikhanda nje elingatheni. Kodwa lapho selimqinisa, umama washayela i-ambulense ucingo. Ngikhumbula kahle bemthatha ubaba. Ngangingazi ukuthi ngangigcina ukumbona ephila. Ngemva kwezinsuku ezintathu, ubaba washona ngenxa yokuvuvukala kwemithambo. Ngangineminyaka eyisithupha nje kuphela.

Kwaphela iminyaka eminingi ngizisola ngokushona kukababa. Ngiye ngikhumbule isikhathi lapho i-ambulense imthatha, bese ngiyazibuza: ‘Kungani ngavele ngama nje? Kungani ngingenzanga lutho?’ Ngiye ngibuke asebekhulile abanezinkinga zempilo futhi ngizibuze, ‘Kungani bona bephila kodwa ubaba ashona?’ Ngokuhamba kwesikhathi, umama wangisiza ukuba ngikhulume ngendlela engangizizwa ngayo. NjengoFakazi BakaJehova, abafowethu nodadewethu basisekela kakhulu.

Abanye abantu bacabanga ukuthi uba lusizi kakhulu ngemva kokushonelwa bese kuba ngcono ngokuhamba kwesikhathi, kodwa akubanga njalo kimi. Angizange ngibe nosizi kwaze kwaba yilapho ngisanda kweva eminyakeni eyishumi nambili.

Iseluleko engingasinika abasebasha abashonelwe umzali ukuthi, “Tshela othile indlela ozizwa ngayo. Uzothola ukuthi lapho ushesha ukukhuluma ngendlela ozizwa ngayo, uba nempilo engcono kakhulu.”

Yiqiniso, lapho kwenzeka izenzakalo ezibalulekile ekuphileni kwami kuba buhlungu ukwazi ukuthi ubaba akekho nami. Isithembiso seBhayibheli esisencwadini yesAmbulo 21:4 sihlale singiduduza, sithi ngokushesha uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [ethu], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”

UDerrick

INDABA KADERRICK Ngihlale ngizikhumbula izikhathi ezimnandi lapho mina nobaba sidoba izinhlazi futhi silala ematendeni ezintabeni. Wayezithanda izintaba.

Ubaba wayenesifo senhliziyo; ngikhumbula ngiyombona esibhedlela kanye noma kabili ngisemncane. Ngangingaqondi ukuthi sasisibi kangakanani lesi sifo. Sagcina simnqobile ubaba lapho ngineminyaka engu-9.

Ngemva kokushona kwakhe, ngangikhala ngikhalile. Ngangifelwe yizwe, ngingafuni kukhuluma namuntu. Ngangingakaze ngizizwe kabi ngale ndlela ukuphila kwami konke futhi ngangingafuni kwenza lutho. Iqembu lentsha lesonto engangikulo laqale labonisa ukuzwelana nami kodwa kwasheshe kwaphela lokho. Abantu balelo qembu babesho izinto ezifana nokuthi, “Bese kufike isikhathi sakhe” noma “UNkulunkulu umthathile” noma “Usezulwini manje.” Lezo zimpendulo zazingangenelisi, kodwa ngangingazi ukuthi lifundisani ngempela iBhayibheli mayelana nalezo zinto.

Umama wabe eseqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi kamuva nami nomfowethu salitadisha nabo. Safunda ngesimo sabafileyo nangesithembiso sikaNkulunkulu esiduduzayo sovuko. (Johane 5:28, 29) UmBhalo owangisiza kakhulu u-Isaya 41:10, lapho uNkulunkulu ethi khona: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.” Ukwazi ukuthi uJehova wayenami kwakungiduduza kakhulu osizini lwami futhi kusenjalo namanje.

UJeannie

INDABA KAJEANNIE Lapho ngineminyaka engu-7, umama wabulawa umdlavuza. Kwakungathi ngiyaphupha. Ngikhumbula ukuthi washonela ekhaya nokuthi ugogo nomkhulu babekhona. Ngikhumbula ukuthi bonke ekhaya babezolile. Ngikhumbula ukuthi ngesidlo santambama sadla amaqanda. Kwakungathi umhlaba uyangiphendukela.

Ngaleso sikhathi—naseminyakeni eminingi ngemva kwalokho—ngangicabanga ukuthi kwakumelwe ngiqine ukuze ngiqinise udadewethu, ngakho ngayivalela imizwa yami. Kuze kube namuhla, uma kwenzeka izinto ezibuhlungu, ngiyabufihla ubuhlungu engibuzwayo kanti akulungile lokho.

Angilukhohlwa uthando nokusekelwa esakuboniswa ibandla lakithi loFakazi BakaJehova. Nakuba sasisanda kuqala ukuhlanganyela eHholo LoMbuso, esikholwa nabo basisekela njengokungathi kwase kuneminyaka sazana. Ngicabanga ukuthi kwaphela unyaka ubaba engapheki ngoba babehlezi besilethela ukudla.

UmBhalo engiwuthanda kakhulu iHubo 25:16, 17. Kuwo, umhubi wancenga uNkulunkulu: “Phendulela ubuso bakho kimi, ungibonise umusa; ngoba ngingedwa futhi ngihluphekile. Izingcindezi zenhliziyo yami zandile; o ngikhiphe ekucindezelekeni okuphezu kwami.” Kuyaduduza ukwazi ukuthi awuwedwa ngempela lapho udangele. UNkulunkulu unawe. Ngosizo lweBhayibheli, ngiye ngakwazi ukuqhubeka nokuphila kwami futhi ngagxila ezintweni ezinhle, njengesithembiso salo esiduduzayo sovuko. Nginethemba lokuthi ngiyophinde ngimbone umama futhi ngimazi esenempilo ephelele emhlabeni oyipharadesi.—2 Petru 3:13.

Ungathanda ukwazi okwengeziwe ngomyalezo weBhayibheli oduduzayo kulabo abasosizini ngenxa yokushonelwa othile? Dawuniloda mahhala incwajana ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo.” Ngena engosini ethi www.pr418.com/zu, bese ubheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI & IZINCWADI NEZINCWAJANA.